Ziningi izinselelo ezibhekene nentsha kodwa ithemba likhona ukuthi izinto sezizoshintsha, kuloba uBusi Mavuso

USUKU lweNtsha lusikhumbuza u-1976 mhla intsha isukuma ilwa nohulumeni wobandlululo. Ngesonto elidlule ngizithole sengibuka izinselelo ezibhekene nentsha namhlanje. Zihlukile kakhulu kodwa kucacile ukuthi kumele sigxile ekuzixazululeni.
Kuvamile ukuthi kukhulunywe ngezibalo, okwenza zigcine sezizwakala njengento ejwayelekile. Kepha ayikho into ejwayelekile ngokuthi u-65% wentsha eneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24 ibingenawo umsebenzi ngekota yokuqala. Ngisho nasentsheni eneziqu zemfundo ephakeme isibalo sabangasebenzi besiwu-33%.
Lezi zibalo zinyuswe yi-COVID-19 ebhebhezele ukuntuleka kwemisebenzi. Lena yinkinga yezwe lonke, ngiyazi nokuthi abantu abaningi babanjwe yile nkinga. Uhlelo lukamengameli lokuqasha intsha luyalwa nale nkinga ezingxenyeni eziningi.
Osomabhizinisi basebenzisana nohulumeni ngeJobs Fund neYouth Employment Service. Kusetshenziswa nomvuzo oncike kwintela ukukhuthaza izinkampani ukuthi ziqashe intsha. Yonke lena yimizamo emihle kodwa izibalo zisephezulu kakhulu ngendlela ethusayo, zandiswa yisibalo sabantu abasha abajoyina abafuna umsebenzi njalo ngonyaka.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) isebenzisana ne-USAID ngeBeyond Advocacy Fund ekubhekaneni nale nkinga, ibambisane ne-Afrika Tikkun Services ukuze kuncishiswe ukuntuleka kwemisebenzi, kugxilwe ekuthuthukiseni amakhono ahambisana nobuchwepheshe besimanje entsheni.
Inkinga yokungaqashwa kwentsha iyingxenye yenkinga yokuntuleka kwemisebenzi jikelele. Umnotho awuqashi abantu abanele. Izinto bezingcono kuqala – izinga eliphansi lokuntuleka kwemisebenzi emva kokuphatha kukahulumeni wentando yabantu lalingo-2008 ngesikhathi limi ku-21.5%. Noma lalisephezulu kodwa lalingcono kakhulu kuno-36% obikiwe ngekota edlule.
Ngo-2008 kwaqopheka elinye irekhodi. Kwakuwunyaka okwahlangana ngayo iminyaka emine umnotho ukhula ngaphezu kuka-5%. Ngaleyo minyaka emine umnotho wakhula ngo-25%.
Ngaleso sikhathi sokukhula komnotho, ukuntuleka kwemisebenzi kwehla kusuka ku-28% emva kokuqashwa kwabantu abawu-2 million kwaqopheka irekhodi eliphansi lesibalo sabantu abangasebenzi.
Lokhu kumele kukucacise ukuthi isisombululo sokuntuleka kwemisebenzi wukukhula komnotho unyaka nonyaka. Ukukhula komnotho kwama ngo-2008 ngenxa yokuwa komnotho emhlabeni wonke, futhi nathi asisalanga lapho, sathinteka. Kepha-ke kuthe umhlaba usuvukile, thina asizange. Sabiza leso sikhathi “ngeminyaka elahlekile” ngesikhathi inqubekelaphambili sesingayiboni.
Kepha leyo ndlela ayikuchazi kahle okwenzeka njengoba namanje kungakashintshi lutho olutheni. Umonakalo owenzeka ngalesiya sikhathi wasishiya nezinkinga eziningi, ikakhulu amabhizinisi kahulumeni angenzi kahle.
Ukungasebenzi kahle kukagesi kuphazamisa ukusebenza komnotho futhi kuxoshe abatshalimali. Izinkinga ezitimeleni nasemachwebeni ethu okubhebhezelwa nayiziphazamiso emigwaqweni yethu kwenza izimpahla zingathutheki kahle.
Abanye njengePosi nenhlangano elawula imboni yenuzi iSA Nuclear Energy Corporation balimaza umnotho futhi babeke imali kahulumeni engozini. Kuhulumeni uqobo, ikakhulu ohulumeni bezasekhaya, yinto engasaziwa ukuphatha ngendlela efanele neqotho. Omasipala bethu abaningi abasebenzi ngendlela kangangokuthi osomabhizinisi bayaphoqeleka ukuthi bayosebenzela kwezinye izindawo.
Izindaba ezimnandi wukuthi abaningi abakuhulumeni nasemabhizinisini bagxile ekulungiseni lezi zinkinga nezinye. Sijwayele ukukhuluma ngokuguqula izinto kodwa empeleni ngaloku sisuke siqonde izinto esingabuyisela ngazo umnotho ezingeni lokukhula ngokushesha. Kumele sishintshe indlela umnotho osebenza ngayo, indlela ugesi ophehlwa ngayo, indlela izimpahla ezithuthwa ngayo, indlela esithola ngayo ama-data service nendlela esithola ngayo amakhono emhlabeni nokunye.
Osomabhizinisi nohulumeni basebenza kanzima ukuletha lezi zinguquko kanti ziningi izindawo inqubekelaphambili esibonakala kuzona njengokuthi izinkampani sezikwazi ukwakha izindawo zokuphehla ugesi ongafinyelela ku-100MW ngaphandle kwemvume.
Abaningi abasebenzela uhulumeni bayazikhandla ukulungisa uhulumeni kanti osomabhizinisi bazibophezele ekusekeni loku. Ngezinhlaka ezinjengeTamdev, osomabhizinisi bagqugquzela abantu abanamakhono ukuthi beseke uhulumeni ezindaweni ezimqoka. Imizamo enjengenhlangano yamavolontiya iBusiness for South Africa iyinsika ekusekeni uhulumeni ekulweni neCOVID-19, manje isibheka izindawo ezimqoka ezizovuselelwa ngomuso.
Ngesikhathi intsha yethu ibhekene nomnotho ongayinikezi indawo, nginethemba lokuthi sesiyaqala ukuguqula lesi simo. Sidinga ukugxila ekulandeleni ukuthi izinguquko zezinhlaka ezithile ziyenzeka, silungise izwe senze nomnotho ukhule.
Uma singalungisa loko sizokwazi ukuqala sishintshe ikusasa lentsha yethu.
I-Transnet ibika ukuthi izinsimbi zikajantshi owu-200km nezintambo ze-copper ezingu-1000km zitshontshiwe ngonyaka wezimali u2021/22, okungaphezulu ngo-700km kunonyaka ophambilini. Lena imboni yezigebengu ezihlelekile ekhulayo futhi enenzuzo enkulu. Njengoba nokuduna amaloli kwanda lezi zenzo zobugebengu zenza umonakalo omkhulu emikhakheni yethu kagesi nowezokuthutha, zibuyisela izwe emuva ezinguqukweni zalo ezibalulekile.
Ukuvalwa kweComair nokubuyekeza indlela iTransnet ekleliswe ngayo yiMoody’s kuveza umehluko okhona phakathi komnotho okhululekile nolawula ngamabhizinisi kahulumeni.
Ukuwa kweComair kuthinta abatshalimali bayo kodwa umphumela wokubheda kwezinto eTransnet uthinta isizwe sonke. Ukuncintisana kuqinisekisa ukusebenza kahle ezimakethe, kuthuthukisa umkhiqizo futhi abathengi bayahlomula ngamanani aphansi. Siyakudinga kakhulu loko embonini yethu yokuthutha izimpahla ukuze izosiza ukukhulisa umnotho kunokuba wumthwalo.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

