Kumele osomabhizinisi bazilungiselele ukuthatha kuhulumeni, kuloba uNtokozo Biyela

KULE ngosi ngithanda sibheke isimo esiguqukayo eNingizimu Afrika ngezinto eziningi ezimayelana nengqalasizinda. Uma ubheka uhulumeni usuyehluleka ukugcina ingqalasizinda isezingeni elifanele.

Sibona inqwaba yamabhizinisi abephethwe wuhulumeni ewa, amanye awasasebenzi kwakusebenza. Uma ubheka nje amabhizinisi kahulumeni afana nePosi, iSAA, u-Eskom, iDenel, uTransnet aguqile kanti amanye ayantenga ngenxa yokuphathwa budedengu.

Loku kubeka ngokusobala ukuthi uhulumeni uyahluleka wukusimamisa la mabhizinisi ngenxa yendlela enza ngayo. Okucace bha wukuthi ngisho namanje awazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze la mabhizinisi avuke noma aqhubeke nokusebenza. Inkinga yaqala ngokufaka abantu abangenawo amava okuwathuthukisa la mabhizinisi. Abanye bangene nezinhloso zokutapa umnotho wawo la mabhizinisi, osekugcine kuwaqumbe phansi.

Kuthi uma esewile la mabhizinisi, uhulumeni ubeke ithemba ekutheni kuzoqhamuka mlungu thizeni ozoba wumesiya olungile ozosombulula zonke izinkinga ezidalwe omunye wethu thina bantu abamnyama ngokuthi akazange anikezwe ithuba lokuthi asebenzise ikhono nemfundo yakhe ukuza nesisombululo. Njalo ithemba lethu silibeka kubelungu, okuyinto edabukisayo.

Sekucacela noma wubani ukuthi uhulumeni awunalo icebo lokuphuma kule nkinga asifake kuyona. Uma futhi ubhekisisa uzobona ukuthi abelungu kudala baqala ukuzakhela i-second economy, namaNdiya kanjalo nawo azakhela eyawo. Yithina kuphela esisele. Yingakho ngithi kufanele manje singene ntshi emikhakheni ebalulekile ekwakheni ingqalasizinda yezindawo ezihlala kuzo ngoba akukho hulumeni ozofika uzositakula.

Uyabona ukuthi abelungu sebezakhele amadolobhana baphuma emadolobheni ngoba sebebonile ukuthi amadolobha awasalawuleki ngenxa yokuthi aphethwe ngabantu abamnyama.

Uma ubheka eMgungundlovu, uzoqaphela ukuthi abalungu abaningi sebethuthele eHilton, lapho sebezakhele khona yonke ingqalasizinda ongase uyicabange, inxanxathela yezitolo, isibhedlela, izikole zezinga eliphezulu.

EThekwini uzoqaphela ukuthi abanye abelungu sebekhetha ukuyozihlalela edolobhaneni iBallito, lapho khona sebezakhele yonke ingqalasizinda abayidingayo ukuze bakwazi ukuphila ngaphandle kokuya edolobheni. Nase Goli nasePitoli uzoqaphela ukuthi basebenzisa wona lo mzila wokwakha izinto zabo.

Njengoba benzenjalo sebethathe isinqumo sokuthi amabhilidi noma umnotho abebekade bewuphethe kula madolobha abawushiye ezandleni zamaSulumane, okuyiwona manje aqoqa kwasani eyibhilidi kulamadolobha. Loku kusho ukuthi siyisizwe esimnyama sekuyasophiqa ukuthi siyokhothama kumaSulumane uma sifuna izindawo zokuhlala noma zebhizinisi.

Nanamhlanje ngisabuza ngithi kanti kwakhala nyonini kithina sbantu abamnyama ngokungaboni ukuthi izwe lobabamkhulu lidliwa ngabokufika kancane kancane isiqephu ngesiqephu kodwa thina silibele wukubanga ubala, amandla epolitiki, angasiyisi ndawo ngaphandle kokuthi sibulalane sodwa sibanga izikhundla.

Siyongena nini thina ekwakheni ingqalasizinda yethu, sakhe imiphakathi yethu, sakhe amadolobha ethu esihlala kuwona, sakhe izikole zethu, sakhe izinxanxathela zethu, sakhe yonke ingqalasizinda esiyidingayo ukuze sikwazi ukukhululeka ngokuthi cha manje sesiphethe umnotho wethu ongadingi abanye abantu? Siyovuka nini emaqandeni ngempela?

Emasontweni edlule ngiqwashise ngokuthi manje sibona abokufika betheleka beyizinkumbi benza into efana ncamashi neyenziwa ngabelungu befika kuleli zwe ngo-1652. Emva kwaloko balanda amaNdiya, afika ngokuzosebenza ezimobeni, agcina esephethe ingxenye yomnotho waleli zwe.

Manje abokufika bahamba ezinyathelweni zawo ngqo, nabo batapa umnotho waleli zwe sibheke ngawo womabili amehlo. Kanti thina siyovuka nini, sizakhele umnotho wethu?

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Mondli Ntokozo Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page