Obeyiphini lomqondisi-jikelele ophikweni lweSabelomali emNyangweni weziMali uMnu u-Edgar Sishi uyashiya kulo mnyango. Isithombe: Sithunyelwe

Ingcweti yokuhlela iSabelomali ezweni izibeka phansi izintambo

WUSLINDILE KHANYILE 

UMNYANGO weziMali ufe olwembiza ushiywa yiphini lomqondisi-jikelele obesekhaleni lokuhlela iSabelomali. UMnu u-Edgar Sishi useyosebenzela i-International Monetary Fund (i-IMF). 

USishi oneminyaka ewu-19 kulo mnyango uzogcina ekupheleni kwale nyanga, lapho ephathe khona izikhundla ezihlukene. Uqale ukuhola uphiko oluhlela iSabelomali ngo-2020 ngesikhathi kuhlasele i-Covid-19

USishi ushiya nje, ubekade esanda kubuya ekhefini alihlaba emva kokuthulwa kweSabelomali sango-2025/26 esahlehla kabili ngaphambi kokuthi samukelwe ngenxa yombango ngesiphakamiso sokunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax (i-VAT) ngo-2 percentage points. 

Umbele uhoshe umoya wokuthi uSishi ushiya ngenxa yokungenami ngendlela okwagcina kwenzeke ngayo ngodaba lwe-VAT, nokungakho ahlaba ikhefu njengoba ebuye ngoba eceliwe ukuthi azolekelela ngeSabelomali sango-2026/27 esithulwe ngesonto elidlule.

Ubuzwa ngaloku umNyango weziMali, uthe ngamampunge lawo. “Awukho futhi awukaze ubekhona umbango ngaloko (iVAT) noma enye into futhi njengoba sasho ngo-2025, ukuhlaba ikhefu kwakuhleliwe futhi kwakungahlanganise lutho neSabelomali sango-2025,” kusho umGcinimafa.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/29/inkantolo-ishayelele-isipikili-ngesinqumo-nge-vat/

Nokho umqondisi-jikelele walo mnyango uDkt uDuncan Pieterse uvumile ukuthi kuzozwela ukushiya kukaSishi. 

“Kuhlale kunzima ukuhamba kwabantu abaphethe esikhungweni kodwa u-Edgar (Sishi) uhlanganise ithimba elinohlonze ophikweni leSabelomali futhi ngiyalithemba ukuthi lizoqhubeka nomsebenzi oseqophelweni eliphezulu oqale ngesikhathi sakhe,” kusho uPieterse. 

Kusukela ngenyanga ezayo, abaqondisi abakhulu abaqondene nokuhlela iSabelomali ngqo bazoshintshana ngokubamba esikhaleni sikaSishi. Kuzoqala uMnu uMarumo Maake owayebambile ngo-Ephreli kwaze kwabawu-Okthoba ngonyaka odlule.  

USishi, oneziqu ze-Master’s kwi-Economics zase-University of London, akaqali ukusebenzela i-IMF njengoba wake wabawumeluleki wayo omkhulu phakathi kwango-2016 nango-2019. Wake wayimenenja ye-business systems e-Eskom kusukela ngo-1999 kuya ngo-2003. 

UmGcinimafa uthe maduze uzoqala umsebenzi wokuvala isikhala sikaSishi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page