UNksz uSiphokazi Matsha, umsunguli weGo-Girl Logistics, inkampani yamaloli yezokuthutha yaseGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Intombazane ihamba nabo embonini yezokuthutha ngamaloli

WUTHOBILE ZWANE

INTOKAZI edabuka eMonti, eNtshonalanga Kapa, nenamava okusebenza emkhakheni wezokuthutha izimpahla ngamaloli ifeza isifiso sayo sokulwa nokucwaswa kwabantu besifazane kulo mkhakha.

Ngenkathi esebenzela izinkampani ezihlukene zamaloli athutha izimpahla uNksz uSiphokazi Matsha waqaphela ukuthi kulo mkhakha kukhonya abantu besilisa, ikakhulu ezikhundleni zokuphatha. Yiloku okwagqugquzela le ntokazi edabuka eMdantsane, eMonti, kodwa esihlala eGauteng ukuthi isungule inkampani yakhe ukuze ashintshe loku kubandlululwa kwabantu besifazane ngokobulili. Wasungula iGo Girl Logistics ngo-2018 eRoodepoort, eGauteng.

Ngale kwamava eminyaka ewu-15 emkhakheni wakhe, uNksz uMatsha uhlome ngoxhaxha lwezitifiketi. Une-National Diploma in Stock Management, i-BTech in Logistics, i-Certificate in Digital marketing ne-Advanced Management Programme yaseWits University.

“Abantu besilisa baningi kakhulu kunabesifazane kuzo zonke lezi zinkampani. Kubi kakhulu uma kubukwa izikhundla zokuphatha; abantu besifazane ababhekwa futhi abakacatshangelwa ezikhundleni eziphezulu embonini,” kusho lo somabhizinisi  oneminyaka ewu-45.

Igama elithi Go-Girl uthi walisusela kwisisho sesiXhosa esithi “hamba ntombazana”, umyalezo nenjongo yebhizinisi kubantu besifazane.

I-Go-Girl Logistics ithuthela izimpahla ezihlukene, njengemishini yokulapha, eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe aseningizimu ye-Afrika.

Elinye lamaloli eGo-Girl ashosholoza INingizimu Afrika namaphethelo ethutha izimpahla

Namuhla isidlondlobele yaze yaqasha abantu abawu-11, okungabantu besifazane abayisikhombisa nabesilisa abathathu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/03/02/kusinda-kwehlela-kosomabhizinisi-abancane-abanamaloli/

UNksz uMatsha uthe ukusungula ibhizinisi lezokuthutha eliphethwe ngabantu besifazane kubenezinselelo. Into enkulu kube wukuthenjwa ngamakhasimende. Uthe: “Kwafanele sisebenze kanzima ngokuphindiwe ukuze sikhombie ukuthi siyawuqonda umkhakha futhi siyayazi into (esiyakhayo). Singabesifazane sihlala sizama ukuveza ukuthi siyakwazi ukwenza umsebenzi njengamadoda,” kusho yena.

Kubantu besifazane abafisa ukungena embonini yezokuthutha, lo makadebona uthi: “Sebenza kanzima, qina futhi uhlale uzethemba. Akulona uhambo olulula, ikakhulu kumuntu wesifazane osemusha kodwa (konke) lokho akufanele kukuthuse neze.”

Mayelana nezinhlelo zokukhulisa iGo Girl, uNksz uMatsha uthi: “Sifisa ukuqhubeka nokukhula ebhizinisini. Sizimisele ukuqhubeka nokushiya umsizila (emphakathini), lapho sithuthukisa khona intsha yabantu besifazane ngokuyicija nokuyiqasha.”

Facebook: GoGirl Logistics Pty Ltd

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page