Nakuba sekuphele iminyaka eyishumi kwadilika iLily Mine eBarbeton, eMpumalanga, namanje imindeni yabavukuzi nomphakathi basasele nezibazi zalesi sibhicingo. Isithombe: Sithunyelwe

Kukhunjulwa ukudilika umgodi eLily Mine emva kweminyaka eyishumi yesehlakalo

INTATHELI YOMBELE

NGOLWESINE oludlule kuhlangane iminyaka eyishumi kwadilika umgodi eLily Mine eBarberton, eMpumalanga. I-Junior Mining Council (iJMC) ilila nemindeni yabantu ababhubha, izisebenzi eziyisishiyagalolunye nomphakathi waseBarberton ukukhumbula lolu suku olubanga umunyu.

Njengoba sekuphele iminyaka eyishumi golokoqo kwehla lesi sigameko, iJMC inxusa abantu abathintekayo, okungabaholi bamabhizinisi, izikhulu zikahulumeni, abatshalimali nabantu abahlenga amabhizinisi, ukuthi babambisane ukuhlonipha imindeni ethintekayo nokuvuselela umnotho wale ndawo. 

Okubaluleke kakhulu, iJMC iphinda ihlaba ikhwelo ngokuthi kutholakale izidumbu zikaMnu uSolomon Nyirenda, uNks uYvonne Mnisi noNks uPretty Nkambule, ukuze bezofihlwa ngesizotha nemindeni yabo ithole ukuthula.

Umengameli weJMC uMnu uFred Arendse uthe: “Lesi sikhumbuzo sibuhlungu embonini yezimayini ukuthi izimayini azigcini ngokubawumsebenzi wezomnotho kodwa futhi zithinta izimpilo zabantu, imindeni nemiphakathi. Ukudilika kweLily Mine kwashintsha imizi yabantu unomphelo kwashiya izibazi emphefumlweni nasemnothweni ezisekhona nanamuhla.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/22/uhulumeni-nezinkampani-zezimayini-abasukumele-eyemigodi-eyasala-ikhamisile-kuloba-ujabulani-sikhakhane/ 

I-JMC ikhala ngokuthi ngemva kweminyaka eyishumi, ngeshwa izidumbu zezisebenzi ezintathu azikaze zitholakale kanti imindeni yazo isabhekene nosizi lokungazi.

“Sibonga inkosi engasekho uTikhontele Solomon Dlamini, obemi nale mindeni ngesikhathi sawo sobunzima, eyiluleka futhi eyinika usizo uma kuphela ithemba. Iqhaza lakhe ekudidiyeleni usizo olumqoka nozwelo emindenini ethintekayo ngenye yezinto zokuthwalisana ngesikhathi sale nhlekelele,” kwengeza u-Arendse.

Kunokukhathazeka okukhulu ngokuma kosizo olunqinda ukuvulwa kwemayini nemizamo yokuthola izidumbu ezintathu zezisebenzi zasemayini.

I-JMC, inhlangano yezinkampani ezincane neziphakathi nendawo zezimayini ibambelele ekutheni imboni kufanele ibeke phambili ukuphepha, ukungafihli nokuphendula ngezinto ezenzekayo. Ngeke kumbiwe lapho kungekho ukuphepha kwezisebenzi nokomphakathi.

 “SiyiJMC ngenkathi sikhumbula abaduka, sizinikela kabusha ekwakheni imboni yezimayini evikela izisebenzi, iseke imiphakathi futhi iqinisekise ukuthi ngeke siphinde sibekhona isibhicongo esinjengalesi,” kuphetha u-Arendse.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page