UNksz uKhululekile Ntombela, umsunguli wePro Sneaker Lab ehlanza amateki yaseMbali, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

UKhululekile eqhakazisa amateki ngesandla sobumpetha

WUTHOBILE ZWANE 

NGEMVA kokuphothula uMakilutsheni intokazi yaseMgungundlovu yabamba amatoho ukuziphilisa. Itoho lokungena umuzi nomuzi ihambe idayisa izinto zokuhlanza layiholela emqondweni webhizinisi layo.

Nokho kwakumkhathaza ukuthi sebebaningi abantu abawasha amateki kodwa uNksz uKhululekile Ntombela, waseMbali, wasungula iPro Sneaker Lab.

Le ntokazi, eneminyaka ewu-31, yaqala idayisela umqashi izinsipho zokuhlanza izindlu ngo-2022.

“Ngabona ukuthi baningi kakhulu abantu abenza lo msebenzi ngenxa yokuthi sasibaningi esihleli emakhaya. Ngafikelwa wumqondo wokuqala ilondolo. Ngenza ucwaningo, ngase ngenza isikhangiso esichaza ukuthi ngiyawasha, ngasifaka enkundleni yokuxhumana. Ngangingenawo umshini wokuwasha noma imali eningi kodwa ngangisebenzisa insipho yasekhaya, ngiwasha ngezandla,” kusho yena. 

UNksz uNtombela ebeke izinto zokuwasha amateki ngononina

UNksz uNtombela uthi abantu bangakubo bamxhasa kanti ibhizinisi lakhe lelondolo laphumelela wagcina esebona ukuthi akaqale ibhizinisi elingeke nje libeyilondolo ejwayelekile kodwa kubekhona azogxila kukona. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/05/uyisixazululo-kwabanqena-ukuwasha-izingubo-namateku/ 

“Ngiqale iPro Sneaker Lab ngo-2022. Abantu babeletha amateku amathathu ngosuku futhi ngangibuka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abanye bawenza kanjani lo msebenzi. Kuthe uma ngibona ukuthi siyanda isibalo sabantu abaletha amateki ngase ngicela inkampani engangiyidayisela insipho ukuthi ingenzele insipho yami ezonakekela amateku, iwenze angadabuki futhi ivuselele isikhumba nendwangu yawo ukuze angagqwali.”  

Ukuya ezingqungqutheleni zosomabhizinisi kumsize ngolwazi lokukhulisa iPro Sneaker Lab.

Insipho uyenzelwa yinkampani eyayimqashile ngenxa yokuthi akakakhuli ngendlela yokuthi usengazithengela imishini yokwenza eyakhe. 

Ukuwasha amateki kuqala kuR80 kuye kuR350, kuye ngokuthi lizokwenziwani njengokuwasha, ukulivusela ingaphansi, umbala njalonjalo. 

Amakhasimende ejabule ngomsebenzi wePro Sneaker Lab

Okwamanje usebenza yedwa elanda futhi ahambise amateki nezimpahla kumakhasimende. Uthi wenza loku ngoba efuna ukuhluka kwamanye amabhizinisi ukuze asondele kumakhasimende. 

Ngenxa yamava asenawo nothando lokucobelala abanye, uNksz uNtombela usefundisa abantu ukuqala ibhizinisi lokuwasha amateki ukuze bangenzi amaphutha awenza esaqala ayemqhatha namakhasimende njengokona amateki. 

Ecebisa abanothando lokuqala ibhizinisi, uthi: “Hlola imikhiqizo ngaphambi kokuyidlulisela kubantu, qinisekisa ukuthi uma usaqala uzenzela imithetho ukuvikela ibhizinisi lakho nokuvikela amakhasimende akho, ubenemithetho ezovuna wena nekhasimende.” Muzwe ngezansi.

Unezinhlelo ezinkulu ngekusasa lePro Sneaker Lab. Ufisa ukubanendawo yokusebenzela evulekile ukuze akwazi ukuvula amathuba omsebenzi. 

“Ngifisa ukwengeza amanye amakhono, kungagcini kuyindawo yokuwasha kuphela kodwa ihlukaniseke izigaba. Ngifisa kube ne-coffee shop, indawo yokuwasha, indawo yokugunda nendawo yokucwala izinwele. Nginezinhlelo ezinkulu,” kusho yena.

Facebook: Pro Sneaker Lab

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page