Sinyuke ngo-12 000 isibalo sabantu abasebenzayo – iStats SA
WUBONISWA MOHALE
UMBIKO omusha weStatistics South Africa uveze ukuthi bawu-12 000 abantu abathole umsebenzi ngekota yokugcina yonyaka odlule.
Loku kusho ukuthi sebewu-10.64 million abantu abasebenzayo. Yize kubukeka sengathi yizindaba ezinhle lezi kodwa kuvela ukuthi kusukela ngoDisemba wango-2023 kuze kuphele u-2024 bawu-91 000 abantu abaphelelwe wumsebenzi.
Abantu abaphelelwe wumsebenzi basembonini yokwakha njengoba bewu-14 000, kulandele abasembonini esebenza nomphakathi abawu-12 000, embonini yokukhiqiza kuphele imisebenzi ewu-10 000 kanti ezimayini kuphele ewu-3 000.
Amatoho adaleke kusukela ngoSepthemba wangonyaka odlule kuya kuDisemba awu-19 000; imboni yohwebo yadala awu-18 000, kwathi eyokwakha yadala awu-1 000.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/18/kudaleke-imisebenzi-ewu-130-000-ngekota-yokugcina/
Imiholo yabantu inyuke ngo-6,1%, yafika kuR1.03 trillion ngoDisemba wangonyaka odlule uma iqhathaniswa noR969,4trn eyayikuwo ngoSepthemba wawo unyaka odlule.
Inhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group ithe bathwele kanzima bantu baseNingizimu Afrika.
Umdidiyeli wezinhlelo kule nhlangano uMnu uMervyn Abrahams uthe bawu-12.291m abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi, okwenza bathembele kwizibonelelo zikahulumeni.
Ukhale ngokuthi ukudla kuyabiza njengoba igrosa yomndeni onabantu abayisithupha isibiza uR5 329.36 ngenyanga. Uthe idlanzana elisebenzayo liholelwa ngokwemigomo yomholo omncane ewuR4 606.40, okufanele wondle abantu abane.
“Konke loku kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu bathwele kanzima. Kulolu sizi lokuswela umsebenzi nokuhola imali encane, kusekhona izindleko zikagesi, ezokugibela nokunyuka kwe-valued added tax. Kufanele uhulumeni usibuyekeze lesi sinqumo sokuyinyusa ngoba igqilaza abantu abampofu,” kusho yena.
Unobhala-jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa uMnu u-Irvin Jim uthe uhulumeni kufanele ulekelele imboni yokukhiqiza ngezinsiza ezifanele, kusukela ekushayeni imithetho evikela imboni nokunye okuzokhuthaza abaphathi bayo ukuthi badale imisebenzi.
“Imboni yokukhiqiza iyakwazi ukudala imisebenzi eminingi. Kufanele ivikelwe futhi igqugquzeleke ngemithetho eyenziwayo. Kufanele sibukele kokwenzeka eChina ukuvikela izimboni zethu, okubalwa eyensimbi nezinye. Loku kuzokhuthaza abaqashi ukuthi bahlale kuleli zwe baqashe abantu abaningi,” kusho yena.