Ezolimo zigijima emithanjeni yakhe seloku kwathi nhlo
WUTHOBILE ZWANE
EKHULA eMount Fletcher, eMpumalanga Kapa, intokazi yendawo yasheshe yazi ukuthi idalelwe ukulima.
Umsunguli weBright Rainbow Enterprise uNksz uNosipho Vuthela uthi efunda uMatikuletsheni wayesazi ukuthi ufuna ukubawumlimi. Namhlanje, uphila loko ayekufisa ngokuba nebhizinisi elikhiqiza ukudla, elidala imisebenzi futhi elikhuthaza intsha ukubangabalimi.
Le ntokazi eneminyaka ewu-28 yaqala ngokulimela umndeni wayo nokufuya. Nokho yayifuna okungaphezu kwaloko, ifuna ukwenza uguquko kwezolimo.
Eholwa wuthando lwezolimo, uNksz uVuthela waya kofunda eFort Cox Agriculture and Forestry Training Institute eMiddledrift, eMpumalanga Kapa, egxile ekukhiqizeni izilwane nezitshalo.
Ngemva kokuphothula izifundo zakhe ngo-2019, uNksz uVuthela waqoqa abantu abayisikhombisa ababenomqondo ofanayo, intsha eyisithupha noyedwa osekhulile ukusungula iGedlumhlanga Youth Co-operative.
Namuhla lo mfelandawonye uqashisa ngamahektha awu-252 omhlaba eMaqhubeni Tribal Council, okhiqiza umbila, ubhontshisi, ubhekilanga, amazambane, u-anyanisi obomvu, iklabishi, isipinashi, i-broccoli ne-butternut futhi kukhona nemfuyo.

UNksz uVuthela egabisa ngeklabishi lekhethelo leBright Rainbow Enterprise
Imakethe yabo inabantu abahlukene okuwumphakathi, izitolo ezinkulu, abadayisi basemgwaqweni, izikole, izibhedlela, amahhotela nezindawo zokudlela.
“Besifuna ukwenza ukulima kuhleleke futhi kubenenzuzo. Manje singena ekucutshungulweni kwezolimo ukuze sandise imisebenzi,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/14/uqhubeka-endimeni-eyaklanywa-wuyisemkhulu/
Ukholwa wukuthi ezolimo akukona nje ukutshala izitshalo. Uthi iningi labantu licabanga ukuthi ukulima kungokutshala ukudla kodwa empeleni yimboni enkulu yokuphakela umhlaba ukudla.
Ukhuthaza intsha nabantu besifazane ukuthi basebenzise amathuba akhona futhi basebenzise nokusekwa wuhulumeni nemboni ezimele. Uthole ukusizakala ngezinsiza kwi-Eastern Cape Development Corporation, Imvaba Fund, i-Africa Seeds, umNyango wezoLimo, iLand Reform and Rural Development, uMasipala wase-Elundini nakwiSmall Enterprise Development Agency.
“Bonke abasisizile babaneqhaza elikhulu ekukhuleni kwethu. Ukulima kuthatha isikhathi. Uma ulahlekelwa isikhathi, ulahlekelwa yisivuno. Ngenxa yaloku kusekwa, akusadingeki siqashe amathuluzi,” kusho uNksz uVuthela.
Ngaphandle kwebhizinisi, uNksz uVuthela uthi uzibophezele kakhulu ekubambeni iqhaza emphakathini. Uthi unezisebenzi zezikhathi ezithile zonyaka eziwu-23, aqinisekisa ukuthi zithola amakhono nokucijwa ezizokusebenzisa emakhaya.
Uthi njengomholi wentsha, uhlale ethi: “Intsha ayinayo inqubo. Kufanele sisebenze kanzima, singqongqoze kuyo yonke iminyango, sizwakalise izwi ngoba akekho ozokwazi ukuthi ulambile uma uthule. Uma ufuna usizo lwemali, khokha intela. Kubalulekile ukulandela imithetho nokusebenza ngobungcweti,” kucebisa yena.
“Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi ukudla kukhona, ukudala imisebenzi, nokuthuthukisa izindawo zasemakhaya yikona okuza kuqala kithi. Amanani okudla ayanyuka nsuku zonke kanti silapha ukuze sibenomphumela omuhle,” kusho yena.
Iseluleko sikaNksz uVuthela kumuntu ocabanga ukuqala ukulima silula kodwa sijulile: “Ezolimo zidinga umuntu onethemba, othobekile, onesineke nowazi lapho ephokophele khona.
“Ukucabanga kahle kusiza ukuthi ukuthande okwenzayo. Ukuthobeka kuqinisekisa ukuthi uyawuhlonipha umsebenzi. Ukubekezela kuholela empumelelweni. Ukwazi indawo oya kuyona kukwenza usebenze kanzima. Ukusebenza kanzima kuza nenzuzo. Lapho ofisa ukufika khona kuyaphoqa ukuthi wenze (konke) ukuze ufinyelela khona,” kweluleka uNksz uVuthela.
Facebook: Nosipho Vuthela