Isisebenzi soPhiko lwezeMpilo kuMasipala waseThekwini sihlola esinye samaspaza emkhankasweni oqhubekayo wokuqinisekisa ukuthi la mabhizinisi athobela imithetho. Isithombe: Sithunyelwe

Kuyaqhubeka ukuhlola nokubhalisa amaspaza 

WUZIMBILI MAZIBUKO

NGENHLOSO yokuqinisekisa ukugcina imithetho yezwe, iMeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba ihola umkhankaso wokubhalisa amaspaza oqhubeka kulo lonke iTheku. 

Njengoba uqina umkhankaso wezwe wokuqinisekisa ukuthi amaspaza agcina imithetho, umasipala unxusa abanikazi balezi zitolo ukuthi babhalise amabhizinisi abo kungakafiki umnqamulajuqu wangomhlaka-13 Disemba obekwe wuhulumeni wezwe.

Ingena ingenile imibuzo evela kubanikazi bamaspaza abazimisele ukubhalisa ngokusemthethweni. Ukubhekana naloku, kunemihlangano yokucobelelana ngolwazi eholwa wuPhiko lwamaLayisensi eBhizinisi eqhubekayo nesihambele eMlazi naKwaMashu futhi esazoqhubeka iye ehholo lomphakathi iMagaba eMpumalanga ngomhla ka-12 Disemba.

Lo mkhankaso wokubhalisa uqhubeka ngesikhathi esifanayo nowoPhiko lwezeMpilo lukamasipala olumatasatasa nemihlangano yokucobelelana ngolwazi okuhloswe ngayo ukufundisa abanikazi bamabhizinisi ngemithetho yezindawo zokudla, okubalwa kuzo namaspaza. 

Umhlangano osanda kubakhona obuholwa wuPhiko lwezeMpilo nolokweSeka amaBhizinisi eNazaretha uhehe abanikazi bamabhizinisi abangaphezu kuka-100. Abebekulo mhlangano obugxile emithethweni yezindawo zokudla bathe ubafundise lukhulu. Iningi lamaspaza litholwe lidayisa ukudla osekudlulelwe yisikhathi, ugwayi ongekho emthethweni, imithi yokubulala izinambuzane engekho emthethweni, ukudla komgunyathi futhi engenawo izindawo zokugcina ukudla ngendlela efanele nezokugeza izandla nezitsha. Kwamanye amaspaza abanikazi batholakale belala ezitolo.

Ibamba lenhloko yezeMpilo uDkt uPhelelani Sosibo lithe izisebenzi zabo zisebenza ngokuzikhandla ukuhlola izitolo emalokishini nasezindaweni ezisesilungwini.

“Ziphinde zihlole amalebuli emikhiqizo yokudla ukuqinisekisa ukuthi imininingwane yabadayisi ibonakala kahle futhi ukudla akukadlulelelwa yisikhathi, okuqinisekisa ukuthi ukudla kuphephile ukuthi kungadliwa. Ezinye zalezi zitolo zihlawuliselwe ukusebenza zingenamalayisensi nokungabinezinsiza zokucisha umlilo,” kusho yena.

USosibo uthe kubalulekile ukuthi umphakathi wazi amalungelo awo futhi uthathe izinyathelo zokuqinisekisa ukuphepha kwawo uma uthenga imikhiqizo yokudla. La mathimba ezisebenzi aya nasezikole ufundisa abafundi nabadayisi ngokuphepha kokudla. Izikole ezisanda kuvakashelwa yiWyebank Primary School eWyebank neKujabuleni Primary KwaDabeka. 

Ukusukumela phezulu kukamasipala akugcini nje ngokuqinisekisa ukugcinwa kwemithetho kuphela kodwa kusiza nangokuthuthukisa amazinga okuphepha kokudla kulo lonke iTheku. Njengoba umnqamulajuqu wangomhla ka-13 Disemba usondela, abanikazi bamaspaza bayakhuthazwa ukuthi babhalise amabhizinisi abo ukuze bagweme ukuhlawuliswa futhi bafake isandla ekuqinisekiseni ukudla okuphephile kuzona zonke izakhamuzi.

Kucelwa umphakathi ukuthi uzijwayeze loku okulandelayo:

  • Umbhalo othi best before usebenza ekudleni okungadingi ukuhlala kwisiqandisi (ukudla okusemathinini, i-rice, i-pasta, i-cereal namabhiskidi);
  • Umbhalo othi sell by usho usuku okumele lowo mkhiqizo ube usudayiswe ngalo waphuma esitolo kodwa osazokwazi ukuhlala isikhashana usaphephile;

Umbhalo othi use by ngokuvamile usebenza enyameni, ubisi noma kunoma yimuphi omunye umkhiqizo odinga ukuhlala kwisiqandisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page