Ubuholi bamlandela esewumfundi osezungeze umhlaba eshisekela intuthuko emphakathini
WULANGA KHANYILE
ISENZO sobandlululo lwabelungu asibona esewumfana edolobheni sokhela inhlansi wokuba yisishabasheki somzabalazo, osewumholi onohlonze emkhakheni wokuthuthukisa umphakathi nokuklama izinqubo zokumela abantu abangontembuzana.
“Ngicabanga ukuthi kwakuwu-1986 ngihamba nobaba edolobheni. Kwakune-tea room eduze kwaseSales House kuWest Street, ngahalela i-coconut cake, ubaba uthe uzama ukungena ethi uyangithengela, bamxosha bathi ababadayiseli abantu abamnyama. Leyo nto yahlala kimi, yangiphatha kabi indlela ngangazi ukuthi ubaba uyindoda kodwa indlela ayexoshwe ngayo ngabona ukuthi ubaba engithembele kuyena akakwazi ukungilwela kuzo zonke izinto,” kulanda uMnu uNhlanhla Ndlovu, isikhulu esiphezulu seCivil Society South Africa, ebiyiNedlac Community Trust.
Uthi ngemva kwaloko kunomngani wakhe onomfowabo owayesekudingisweni umuzi wakubo okwakuvame ukufika amaphoyisa ezohlukumeza abantu bakubo, naye owagcina ejoyine i-UDF nabo nomnewabo ongasekho uNkosinathi bangena kanjalo kwipolitiki. Muzwe elanda.
Ukuqwebuleka amehlo ngesihluku sobandlululo kwamenza wafisa ukuba wummeli. Uyise, owayefisa abewudokotela, washaya phansi ngonyawo. “UBaba wanqaba ngoba ethi uyazi ukuthi akukhona ukuthi ngithanda umthetho kodwa yingenxa (ngiyibuka) ngeso lepolitiki, ngakho ngagcina sengenza i-Bachelor of Administration ngenxa yokuthi yayinezinto (izifundo) esabona ukuthi njengoba sasiyizishoshovu kuzodingeka ukuthi uma inkululeko ifika uwuhulumeni wentando uyodinga abantu abazoyisiza ukuthi bakhe uhulumeni omusha, ngazitshela ukuthi (ngiyosebenzisa lezi ziqu ukuthuthukisa izwe nomphakathi,” kukhumbula lo mholi odabuka eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.
UNdlovu useke waphatha amatomu ezindaweni ezihlukene. Wake wangumcwaningi eCentre for Community and Labour Studies, nomeluleki wezinhlangano ezingenzi nzuzo nohulumeni wendawo KwaZulu-Natali, nomqondisi weRural Development Services Network, umdidiyeli wezinhlelo eSouth African NGO Coalition, umlingani eSpark! Strategic Development Services nemenenja enkulu yezinhlelo eNational Youth Service Programme.
Uthi ukuhlala nezifundiswa, ezinjengoDkt uBlade Nzimande noSolwazi uPaulos Zulu, ngesikhathi eqala ukuba wumholi ezingeni lentsha kwiCongress of South African Students, nothando lwakhe lokufunda kwamenza wabona ukubaluleka kwemfundo kwizishoshovu zepolitiki.
Ngemva kokuphothula i-Bachelor of Administration e-University of Durban Westville (esiwuphiko lwe-University of KwaZulu-Natal), wenza i-Certificate in Governance and Intergovernmental Relations eRegensys) ne-Effective Strategic Management Capacity Building Programme (eTshwane University of Technology).
Kumanje uphothula i-Master’s in Social Policy e-UKZN ne-Post Graduate Certificate Programme in Multisector Macroeconomic Course (e-Economic Modelling Academy naseGordon Institute of Business Sciences) ne-Post Graduate Diploma in Leadership Development Programme e-Enterprise University of Pretoria 2023 -24 (azoyiphothula ngoJuni).
UNdlovu unemibono enqala ngendlela okwenziwa izinto ngayo eNingizimu Afrika. Okunye akuqaphelile wukuthi iNingizimu Afrika inemithetho emihle nesezingeni lomhlaba jikelele kodwa ayenzi kahle uma kukhulunywa ngokusizakala kwabantu abangebani.
“Into engingakutshela yona (wukuthi) eNingizimu Afrika sizenza kahle kodwa kancane. Kulula kakhulu eNingizimu Afrika ukuthola ibhizinisi lemali enkulu loR10 million kunokuthola imali yebhizinisi likaR10 000. Yize senza kabi ekutshaleni emabhizinisini amancane.
“Kuzophinde kube izindlu esizakhayo, izindlu zomxhaso, ngoba (sengiyihambile) i-Afrika. Ngiyakhala ngayo ngoba angaphansi kwezinga kuno-four room abakhiwa wuhulumeni wobandlululo. Kodwa uma ubheka e-Afrika ubona siphambili kunakhona ngezindlu kodwa siyenza ngendlela ebizayo.
“Kanjalo nokwakha imisebenzi senza le misebenzi ebizwa ngokuthi ama-formal job kanti kunenqwaba yemisebenzi kulesi sikhathi samanje. Thina yithina abakhokheli bemisebenzi ye-informal sector, amabhizinisi amasha ne-social economy, okyimisebenzi eyakhiwa yizinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni. Asenzi-ke kahle ukwesela ama-informal business.
“Ukwenza izinqubo kwethu kuhle kahle kodwa inkinga yazo wukuthi zibheke abantu abafundile. Abantu bahlale bahle bethi amapolicy amaningi omnotho, okuththukisa izwe abhalelwe abantu abafundile uma usuwayisa emphakathini uwena ovele usabe kuqala sengathi awusakhulumi ngale nto ejulile elaphayana kwinqubo,” kusho yena.
Isiqubulo uNdlovu aphila ngaso sithi: “Yize ubunzima buhlale bukhona, izixazululo zihlale zikhona. Kungabi uwena wedwa othola isixazululo (kodwa) usebenze nabanye abantu ukuthola isixazululo ngisho abahlakaniphile ukudlula kuwena.”
Uwuhlobo lomholi ozethembayo nongesabi ukuqasha abantu abazi ngaphezu kwakhe, athi yimfihlo yempumelelo. “Into yokuqala wukubandakanya abanye abantu. Uma ngiqasha ngingaqasha umuntu owusolwazi ngoba angisabi… ngiyazi ukuthi ulwazi lwakhe ngizolusebenzisa.
“Okwesibili, ithimba engilakhayo kumele kube yithimba eliqine kakhulu ngoba imiphumela ayivele ngokuthi kufanele kube uwena kuwena ngoba uwumholi. Uma uwumholi onohlonze wena labantu ubanika umhlahlandlela … ulwazi lwabo namathalente.
Empilweni yakhe yokusebenza uNdlovu uthi kunezinto ezimhlaba umxhwele azizuzile. “Ngisemncane ngabo-2000-01 ngaba yingxenye yabantu abahlela ukwenza (izingqungquthela ezinkulu, ama-summit, njengeWorld Summit Against Racism, iWorld Summit on Sustainable Development, ukuba wumholi weNational Youth Service ngo-2004-06, ukubaneqhaza kwiJob Summit, ukuhamba izingqungquthela emhlabeni jikelele nokubaneqhaza ekubumbeni izinqubo (ezingaphezu kwawu-20) engazi ukuthi zinesandla sami.
UNdlovu kwenye yezingqungquthela zamazwe ehlukene
Ekusebenzeleni kwakhe ukufukula umphakathi, useke wakhubeka umoya. “Ngike ngabawumeluleki, lapho engabona khona ukuthi eNingizimu Afrika kunzima ukwenza izinto ngenxa yokuthi abantu… inkohlakalo ngayibona ngamehlo lapho engabona khona ukuthi izinto azenzeki ngoba ungavumi ukukhokha izimali zobushompeshompe. Ngenza izinhlelo ezinhle zokuthuthukisa intsha kodwa kwathi sekufanele ngiyisebenze leyo nto, kwabe wukuthi sengiyakhishwa khona.
“Okunye ngesikhathi se-COVID-19 ngangiwumholi wezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, la esaqoqa khona izimali ngaphansi kweSolidarity Fund kodwa kwase kuvela i… (egagula iphephandaba ngegama yavele yazosithuka nje yathi asingayitholi leyo mali. Le yonto yathinta iNingizimu Afrika… Sagcina singayitholanga imali yokulungisa izinto zomphakathi.
“Enye yile yokuthi yize kunezinhlelo eziningi zokuthuthukisa umphakathi, yile yokuthi uhulumeni ubeka phambili amabhizinisi amakhulu,” kuphetha uNdlovu.
Okunye ngaye:
- Abafowabo abathathu nodadawabo abathathu. Unendodakazi nomzukulu onenyanga. Akakathathi;
- Isizungu usichitha ngokubuka ibhola. Uwumlandeli we-Orlando Pirates ne-Arsenal. Uthanda ukuhlela ezemidlalo nezobuciko emphakathini;
- Uyazifela ngokudla kwesiNdiya;
- Uthanda ukufunda izincwadi ngepolitiki yomnotho, izincwadi ngentuthuko nazo zonke izinhlobo zamanoveli. Izincwadi eziyintandokazi kuye yiStory of my Experiments with the Truth kaMahatma Gandhi ne-Let my People Go yenkosi u-Albert Luthuli ne-Alchemist;
- Kubo bamvuma ngokubhaka. Ubhaka ngisho amakhekhe e-birthday, ngokufuza uyisemkhulu nokwenza amakilasi okuzicija;
- Uyanakisisa futhi izinto usheshe azibambe uma efunda.