UNksz uNonkululeko Zwane, umnikazi weThingo Eats and Catering, yaseNewcastle, KwaZulu-Natali, ayiqale ngesibonelelo sikaR350

Izithombe: Zithunyelwe

Bawezwe ngelibanzi yisibonelelo sabangasebenzi asebenamabhizinisi athi bona. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUQALWA kwesibonelelo sabangasebenzi sikaR350 wuhulumeni ngo-2020 kube wusizo kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha engasebenzi. Abanye babantu basebenzise le mali ukusungula amabhizinisi.

Omunye wabasizwe yilesi sibonelelo wuMnu u-Avuyile Hono noNksz uZusiphe Zimoshile, intombi yakhe abambisene nayo ebhizinisini lezimpahla zokugqoka abalisukumise ngemali yalesi sibonelelo.

UHono waseHout Bay, eNtshonalanga Kapa, echaza ngokusunguleka kweDankoo Clothing, ibhizinisi lelebuli yezimpahla zokugqoka, uthi impilo ibe nzima kuyena nesithandwa sakhe ngenkathi kubhoke iCOVID-19 ezweni.

“Mina nentombi yami besivele sinothando lwemfashini futhi besinenkampani yemfashini esayiqamba ngesibongo sami, nokuthe ngokuhlasela kwegciwane ezweni lawa ibhizinisi lethu,” kulanda yena.

Uthi kuthe sekuqala isibonelelo sikaR350 yena noNksz Zimoshile babeka lemali yesibonelelo unyaka wonke kusukela ngo-2020 kwaze kwashaya unyaka odlule, base beyisebenzisa ukuvusa ibhizinisi labo ebese liwile.

“Sasebenzisa leyo mali ukuthenga indwangu nokunye okwakudingeka sase siqala kabusha ngoDisemba ngonyaka odlule. Sadayisa izimpahla ezingaphezu kuka-100 ngosuku esavula ngalo, kanti manje sesinamakhasimende ezweni lonke nakwamanye amazwe njengeNamibia,” kuqhuba uHono.

UHono weDankoo Clothing, ayisungule ngoR350

Omunye usomabhizinisi osebenzise imali yesibonelelo sikahulumeni ukuqala ibhizinisi wuNksz uNonkululeko Zwane waseNewcastle, eNyakatho yeKwaZulu-Natali. Uwumnikazi webhizinisi lokudla iThingo Eats and Catering.

UNksz uZwane njengeningi lentsha yakuleli ubhekane nenkinga yokungawutholi umsebenzi esephothule izifundo zakhe ze-Information Sciences e-University of Zululand.

 “Ngahlala phansi nomama, wangicebisa ukuthi ngidayise inyama yezimpiko zenkukhu ngoba ukuphela kwemali enganginayo kwakuwuR350 wesibonelelo sikahulumeni. Ngenxa yokuthi ngangingafuni ukuyimosha, nganquma ukuyisebenzisa ngendlela efanele ngaqala ngayo ibhizinisi (njengokungeluleka) kwakhe,” kulanda yena.

Uthi esaqala ubedayisa inyama yakhe ezikoleni, emitholampilo, ezibhedlela nasezindaweni zamabhizinisi ehlukene. Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi wengeza ngepapa elihambisana nenyama, kanti manje usenanokudla okulungele abanezifo eziyimbelesela akuphekela ekhishini eliwumahambanendlana aliqashile.

“Bekunzima ukuqala ngoba abantu abaningi bebengihleka usulu, bethi ngimoshe isikhathi ngaqeda neziqu kodwa manje sengidayisana nenyama yezimpiko zenkukhu emigwaqweni.

“Okwangikhuthaza kakhulu wukugxila empumelelweni yami, futhi ukube angizange ngiyithole le mali yesibonelelo sikaR350, angazi ukuthi ngabe ngikuphi manje nempilo,” kusho uNksz uZwane.

Facebook: Dankoo Clothing Online Store

Instagram: dankooclothingstore

Facebook: Thingo Eat’s Mam’Wesizwe

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page