Uthembele endleleni akhule ngayo ukuguqula izinto enhlanganweni aseyiphethe okumapeketwane izinto kuyona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UHOLA impilo yakhe nezindawo aziphathayo ngemigomo emithathu – ukwenza okufanele, yiqiniso nokuhlonipha umthetho. Yile migomo athembele kuyo njengoba esanda kuthatha izintambo zokuba yisikhulu esiphezulu seDurban and Coastal Mental Health (iDCMH).
UMnu uMbonisi Sibisi, oqale lo msebenzi kule nyanga, uhlalelwe ngumsebenzi omkhulu kule nhlangano afika kuyona izinto zimapeketwane. Kufanele avuselele umdlandla wezisebenzi, isithunzi senhlangano emphakathini nakwabafisa ukuyixhasa.
I-DCMH ingenye yezinhlangano ezindala kunazo zonke ezingenzi inzuzo ezilekelela ukwelapha abantu abanezinkinga zomphefumulo nengqondo eNingizimu Afrika, njengoba yasungulwa ngo-1940.
USibisi ozalwa KwaMaphumulo, KwaZulu-Natali, ulujwayele lolu hlobo lwezinhlangano njengoba kade ehola Ikusasa LeAfrika Foundation, abe yisikhulu esiphezulu kuyona.
Sekunesikhathi iDCMH isematheni ngenxa yezinsolo zokungaphathwa kahle kweziguli ezihlala ezikhungweni zayo, ukungaphathwa kahle kwezisebenzi nokungasetshenziswa ngendlela kwemali nenkohlakalo.
Seloku efikile usehlanganile nethimba labaphathi, waphinde wahlangana nabo umuntu ngayedwa kanjalo nezisebenzi zonke eziwu-300 ukuze abalalele futhi nabo bezwe ukuthi umbono wakhe wokuvuselela le nhlangano uthini njengoba enecebo azosebenzela phezu kwalo kulezi zinyanga eziwu-12 zokuqala.
“Uma ngibuyela endleleni engikhuliswe ngayo, (ngihlale) ngifuna ukwenza okulungile futhi (yikhona) okungisizile ezintweni eziningi. Kumanje la into engibatshele yona la ngaphakathi (eDCMH) wukuthi uma wenza okulungile ngeke uphambuke. Uma wenza okufanele, ulandele inqubo, ulandele umthetho; ngoba noma ngabe yini eqhamukayo kodwa uyakwazi ukuthi kodwa la bengineqiniso kuleyo nto. Kungisizile ukuthi izingqinamba engibhekene nazo ngikwazi ukuthi ngibambelele entweni eyiqiniso,” kusho yena.
Ukhuliswe enkonzweni njengoba abazali bakhe babengabefundisi futhi isikhathi esiningi konke ayekwenza kwakuncike enkonzweni. Uthi ngenxa yaloku, izinto eziningi intsha eyayibhekana nazo njengezidakamizwa nobugebengu wavikeleka kuzo. Indlela akhuliswe ngayo yiyo futhi ebe nesandla nasohlotsheni lwemisebenzi ayenzayo.
“Ngikhuliswe esontweni (empeleni). Yikona okungifundise ngisemncane ukukwazi ukunikela emphakathini nokukwazi ukukhonza umphakathi ngoba e-Mission umsebenzi omningi esasiwenza nabazali bami ngaleso sikhathi kwakuwumsebenzi wokukhonza abantu kodwa ngokusebenzisa iZwi leNkosi ukuthi likwazi ukusiza abantu,” kukhumbula uSibisi.
Elinye ithuba alithola esemncane ngelokusebenza ngokukhangisa ngamanzi asemabhodleleni njengoba inkampani i-Aquelle yafikela endaweni yangakubo. Uthi waqala kule nkampani ukuqonda ngezinto zokukhangisa nokudayisa nokwaba nesandla emkhakheni awuqokayo uma esephothule isikole.
Wenza iziqu ze-BCom in Marketing eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, okuthe uma eseziqedile wasebenzela enye yezinkampani ezinkulu zezimayini iBHP Biliton ngaphambi kokusebenza nezinyunyana. Mlalele echaza ukuthi kumsize kanjani.
Uyavuma ukuthi kuseyinselelo emphakathini ukuqonda nokwamukela ukuthi izifo ezihlupha umphefumulo zikhona futhi akufanele kube khona ozozenyeza ngazo.
Uthe banezinhlelo abanazo ngaphakathi okuyizona abasiza ngazo ukugqugquzela ukuthi abantu baziqonde lezi zifo futhi bangabi namahloni okufuna usizo ezinhlanganweni ezifana neDCMH. Mlalele echaza ngomsebenzi wabo.
USibisi uphinde abe kwezepolitiki njengoba esebenza kwi-ANC eMgungundlovu. Ebuzwa ukuthi wenzenjani lapha ngoba ipolitiki akuyona indawo yeqiniso futhi kuvamile ukuphulwa komthetho, uthe: “Kwezepolitiki yindawo lapho kubangiswana khona ngei-ideology, nokuya ngokuthi iyona yiphi ephasayo noma ezakwala kakhulu. Bakhona abantu abafana nami, nokungakho mina ngikholelwa kwi-working class politics kodwa izwi lethu akulona elizwakala kakhulu kunaleli elinye,” kuphetha yena.
Okunye ngaye:
- Unabantwana abathathu;
- Ukhonze ibhola kanti uwumlandeli weKaizer Chiefs;
- Ukhonze ukuvakasha nokuhlala nabangani bakhe;
- Uthanda izincwadi ezikhuluma ngomnotho nepolitiki;
- Ngo-2003 wabalwa kwi-Top 100 Brightest Young Minds in South Africa.

