Usika iphethini kuyise futhi ugcwalisa isisho esithi ukhamba lufuze imbiza osenebhizinisi kwezemfashini. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
UYISE wayewumthungi kanti kuthe angadlula emhlabeni wafisa ukuqhubeka lapho egcine khona. Leli phupho seligcine lifezekile emva kokusizwa ngomunye womkhaya bakhe.
UNksz uXolisile Mdima, oneminyaka ewu-24, usungule ibhizinisi lokusika ingqephu i-Amabheshu Clothing ngoMashi kulo nyaka.
UNksz uMdima, waseNdwedwe, KwaZulu-Natali noyimbongi nomphathi wohlelo emicimbini, uthi usizwe wukuhlangana noMnu uNkazimulo Ngidi owusomabhizinisi wangakubo omchushisile kule mboni.
“Ngikhule ngivele nginothando lwengqephu ngenxa yokuthi ubaba ubewumsiki wayo engakadlulil emhlabeni, (loko) okwenza nami ngafisa ukuqhubeka lapho (egcine) khona. Kuthe ekuqaleni kuka-2019 ngahlangana noMnu uNgidi, owumphathi we-Amabheshu Innovators, okuwuyena muntu owangichushisa ngokumele ngikwenze ukuze ngichume kule mboni.”
Ngo-2019 ucijelwe ukuthunga eJabu Academy of Fashion Design, nokuthe eseqedile waqala ukuthunga izimpahla zakhe, nebala abantu basithanda isandla sakhe baqala bafaka ama-oda.
“NgoMashi (kulo nyaka) ngijoyine Amabheshu Innovators, kuwona ababolekisa ngemvunulo, saqala Amabheshu Clothing, ibhizinisi lokuthunga noma yiluphi uhlobo lwempahla yabesilisa nabesifazane,” kulanda yena.

UNksz uMdima othungela eMakethe, eThekwini, uthi wasebenzisa uR2 000 ukuqala ibhizinisi. Ukuthungisa kuqala kuR350 kuye kuR1 500. “Kuya ngokuthi ikhasimende lifuna hlobo luni lwempahla futhi ezodinga indwangu enkanganani kodwa ngokuvamile kuthatha izinsuku ezimbili kuya kwezintathu ukuthunga impahla ngiqede.”
Uthi kosaziwayo aseke wabathungela wuPhumzile “uNdoni” Mseleku wodumo lwama-Idols. Inselelo ake abhekana nayo kuze kube manje wukubuye angavavumelani ngamanani namanye amakhasimende, nokho athi yinto engatheni.

“Konke loko kuyangikhulisa futhi sekungifundise ukubeka umoya phansi nokubekezelela wonke amakhasimende,” kusho uNksz uMdima.
Weluleka abafuna ukuqala ibhizinisi ukuthi bakholelwe kwabafuna ukukwenza bese beqhela kubantu abenza bangakholelwa ezintweni abafuna ukuzenza.
UNksz uMdima unephupho lokuvula isikole sokufundisa abafisa ukungena emkhakheni wokusika ingqephu nokwandisa isibalo sosaziwayo abagqokisayo.
Facebook: Xoli Mdima
Instagram: xolimdima
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngabo ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo


