Bangaphezu kwango-136 790 abazongenela uKhetho loHulumeni beNdawo

YINTATHELI YOMBELE

IKHOMISHINI yokhetho i-Independent Electoral Commision of South Africa (i-IEC) isiqinisekise ukuthi abantu abazongenela ukhetho loHulumeni beNdawo bawu-136 790 bebanga izihlalo zomkhandlu eziwu-10 526 emadolobheni amakhulu, ezifundeni nakomasipala bendawo ezweni lonke.

Isibalo sabazongenela lolu khetho siphezulu kakhulu uma siqahathaniswa nesangokhetho lwango-2021, lapho kwabhaliswa khona abantu abawu-95 427 ukuthi bazongenela izihlalo eziwu-10 478.

Kwabawu-136 790, abawu-98 219 baqokwe amaqembu epolitiki ukuthi bangenele izihlalo zamawadi babewu-38 571 abazobanga izihlalo ze-proportional representation (i-PR). Abanye abawu-621 abazimele abazobanga izikhala zamawadi.

UMasipala waseGoli unamaqembu amaningi azongenela izihlalo ze-PR awu-75, kulandele iTshwane ngawu-70, eThekwini awu-69, i-Ekurhuleni awu-67 neCape Town ngawu-55.

I-IEC ithi lapho kunamaqembu angaphezu kwawu-48 azongenela i-PR, kuzodingeka kusetshenziswe iphepha lokuvota i-double-column ward ballots. Iwadi 18 laseGoli, ngokwesibonelo, kuzongenela abantu abawu-63.

Amaqembu epolitiki abhalisiwe azongenela ukhetho awu-99.5% isibalo sisonke kuthi azimele awu-0.5%.

Kubantu abawu-1 596 bebengazobhalisela i-PR kanti abawu-3 500 bebezobhalisela amawadi. I-IEC ithe iningi labakhishwe ohlwini belingahlangabezani nokuvumelekile nezidingo, ukukhokha imali edingekayo nokubhalisa ngendlela efanele ohlwini lwabavoti kumasipala ababefuna ukungenela kuwona.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/09/bangaphezu-kuka-142-000-abazongenela-ukhetho-lohulumeni-bendawo/

Ngaphambi kokuba kukhishwe uhlu lokugcina, i-IEC ikhiphe abantu abawu-5 096 ohlwini lwabazongenela ukhetho ngemuva kokubheka ukuthi bazigcinile yini izidingo ezibekwe wumthetho.

Ngokweminyaka, abantu abaphakathi kwewu-40 newu-49 yibona abaningi ngo-31% wabazongenela ukhetho. Abaphakathi kuka-50 no-59 bawu-24.3%  kanti abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-39 bawu-23.8%.

Abantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-39 bawu-32% wabazongenela ukhetho. I-IEC ithi abantu abasha basaloku bembalwa ohlwini lwabazongenela ukhetho abaqokwe amaqembu epolitiki.

Abantu besilisa yibona abaningi kulaba abazongenela ukhetho, njengoba bewu-85 263, okuwu-62% kanti abesifazane bawu-51 527, okuwu-38%.

Kwabazongenela i-PR, abesifazane bawu-44% kanti amadoda awu-56%. Kumawadi, abesifazane bawu-35% kuthi amadoda awu-65%.

Ukuqoka abazongenela ukhetho kwavalwa ngomhlaka-28 wango-Agasti kulo nyaka. Iningi lokubhalisa u-84%, kwenziwa online kanti u-16% kwakuhanjiswa mathupha emahhovisi e-IEC.

Njengoba uhlu lokugcina seluqinisekisiwe, i-IEC isingaqala amalungiselelo okugaya amaphepha okuvota. Abazongenela ukhetho bazothola izitifiketi eziqinisekisa ukungenela kwabo ngomhlaka-25 kule nyanga.

I-IEC iphinde yavula izicelo zamavoti ayisipheshi ngoMsombuluko kuleli sonto, mhlaka-21 kanti izicelo zizovalwa ngomhlaka-12 wango-Okthoba ngo-17:00.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page