UNkk uPitsi Mafolo, umsunguli weBonolo Naturals eyenza imithi yezinwele nesikhumba yaseBendor, ePolokwane, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Owakhulela phambi kwabantu besifazane abazimele usenebhizinisi lakhe

WUTHOBILE ZWANE

NGEMVA kweminyaka ewu-14 esebenza emkhakheni wokudayisa ezitolo, uNkk uPitsi Mafolo wathatha isinqumo sokushiya umsebenzi ukuze aqale ibhizinisi lakhe. Uthi ukukhulela phambi kwabantu besifazane abanamabhizinisi kwamkhuthaza kakhulu, kwamfundisa ukubaluleka kokuzimela ezimalini.

“Laba besifazane babengathembele komunye umuntu ukuziphilisa. Babesebenza futhi benamabhizinisi eceleni,” kukhumbula yena.

Le ntokazi eneminyaka ewu-38 yaseBendor, eLimpopo, yasungula iBonolo Naturals ngo-2020 ngesikhathi se-Covid19. Leli bhizinisi lenza izinto zokugcoba ezinezithako zemvelo zezinwele nezesikhumba.

Eminye yemithi yezinwele enezithako zemvelo yeBonolo Naturals

Nakuba ayesezakhele igama emkhakheni wokuphatha izitolo, uNkk uMafolo uthi wayehlale efisa ukubawusomabhizinisi ozimele. “Isinqumo sokuthi ngiqale into yami kwabangesinye sezinqumo ezinhle kakhulu engazenza,” kusho le ntokazi ene-BCom in Accounting yase-University of Limpopo, i-Diploma in Retail Management. Nezifundo ezimfishane kwezamabhizinisi, ezempilo nezokuphepha.

Njengamanye amabhizinisi, iBonolo Naturals isike yabhekane nezinselelo eziningi. UNkk uMafolo uthi ukukhulisa ibhizinisi nokungena ezitolo ezinkulu ezidayisa izinto zokugcoba akubangalula. Uthi ukuzakhela igama elithenjwa ngamakhasimende akulula kodwa kudinga isikhathi, ukuzimisela nokubekezela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/19/owenza-izinto-zekhanda-nezimonyo-usengenise-ezitolo-zobuchwepheshe/

Uthi akazange avumele lezi zinselelo ukuthi zimphazamise. Uthi waqhubeka nokuthuthukisa ibhizinisi ngokugxila ekwenzeni imithi yokugcoba esezingeni eliphezulu futhi wafunda kabanzi ngemboni yezobuhle. Ibonolo Naturals isinezisebenzi ezingaphezu kweshumi eziyitoho neziqashwe ngokugcwele.

Amafutha ezinwele eBonolo Naturals

Uthi ukubayinkosikazi, umama nomsunguli webhizinisi kumfundise ukusebenza ngobuhlakani kunokuhlala amahora amaningi emsebenzini. “Sinomyeni wami sakhetha ukucija izisebenzi zethu ukuze zithuthukise amakhono azo futhi zikwazi nokuphatha ibhizinisi uma singekho. Loko kunginika isikhathi esiningi sokubanomndeni wami,” kusho yena.

Isileluko angasipha abantu abafisa ukungena ebhizinisini sithi: “Kholelwa kuwena. Qhubeka nokufunda ngaso sonke isikhathi futhi ungapheli amandla. Yenza ucwaningo futhi utshale kuwena. Amathuba akhona kwabazimisele ukuwasebenzela.”

UNkk uMafolo ufisa ukubona izinto zokugcoba zeBonolo Naturals zitholakala ezitolo ezinkulu eNingizimu Afrika yonke, ibeyibhizinisi abantu abangalithemba futhi livule amanye amathuba omsebenzi.

Facebook: Bonolo Hair and Beauty

Instagram: @bonolo_hairandbeauty

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page