Kuxwayiswe omasipala ngokushoda kwamanzi ngaphambi kokhetho
YINTATHELI YOMBELE
OMASIPALA kufanele baqinise izindlela zokonga nokuphatha amanzi njengoba kusondela ihlobo, njengoba isimo sezulu esomile nesishisayo i-El Niño singase sifake ingcindezi enkulu emithonjeni yamanzi.
Lokhu kuvezwe wumNyango waManzi nokuThutha iNdle emhlanganweni wekomiti longqongqoshe obungesonto elidlule elibheke ukulungiselela ukhetho loHulumeni beNdawo olungomhlaka-4 wangoNovemba.
Lo mhlangano ubuholwa wungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eNingizimu Afrika uMnu uVelenkosini Hlabisa, obize leli komiti ngesonto elidlule ukuthi lihlangane njalo ukuze kubhekwe inqubekelaphambili futhi kuqiniswe amalungiselelo okhetho.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/03/usuku-lokuvota-luzokwaziwa-maduze-ungqongqoshe/
Umnyango uthe i-El Niño inyuse amazinga okushisa kakhulu, okungase kunciphise ukutholakala kwamanzi ngesikhathi isidingo sawo sikhula ehlobo. Loku kungase kufake ingcindezi enkulu emithonjeni yamanzi, emadamini nasezindaweni ezigcina amanzi.
Omasipala kufanele baqinisekise ukuthi amanzi asetshenziswa ngendlela efanele, banciphise amanzi amosekayo ngenxa yokuvuza futhi balawule ukusetshenziswa kwamanzi lapho kudingeka khona.
Umnyango ugcizelele ukuthi uhulumeni wezwe nowezifundazwe, omasipala, izikhungo zamanzi, imiphakathi nabanye abalingani kufanele basebenzisane ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kwamanzi.
Uthe kubalulekile ukuthi lezi zinyathelo ziqhubeke nangesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya kanti uhulumeni uzoqhubeka nokuchazela imiphakathi ngesimo samanzi, izizathu zezinyathelo ezithathwayo nokubaluleka kokuthi wonke umuntu awasebenzise ngendlela efanele futhi awonge.
Umnyango ugcizelele ukuthi kubalulekile ukuhlela kusenesikhathi, ukuthatha izinyathelo ngokushesha nokusebenzisana ukunciphisa umphumela wesimo sezulu ekutholakaleni kwamanzi.


