Isimo sezulu i-El Niño iphoqa abalimi ukuthi babuyekeze indlela abenza izinto ngayo. Isithombe: Sithunyelwe

Abalimi abahambisane nesimo sezulu esishisayo – umNyango wezoLimo

YINTATHELI YOMBELE

UMNYANGO wezoLimo, amaHlathi nokuDoba usukhuthaze abalimi ukuthi basebenzise izindlela zokulima ezenza inhlabathi ihlale iswakeme futhi ingaguguleki kalula njengoba kulindeleke ukuthi kuhlasele isimo sezulu esinciphisa imvula ehlobo futhi sinyuse amazinga okushisa kakhulu i-El Niño.

Lo mnyango ululeka kanjena ngenxa yesexwayiso esikhishwe yisikhungo esibheka isimo sezulu ngenyanga edlule oluthe isiqalile i-El Niño ukubonakala futhi kulindeleke ukuthi ihlasele ihlobo lonke kuze kubengonyaka ozayo. Sithe izindawo eziningi zibonakala zizobanemvula engaphansi kwejwayelekile ngenxa ye-El Niño.

“Imvamisa uma kuphela ubusika, kuthwasa ihlobo kanti liyana ihlobo lonke. Nokho, akubi njalo, ikakhulu uma kubhekwe ukuthi imvula ibengaphansi kokujwayelekile futhi namazinga okushisa abephezulu ngenxa ye-El Niño.

“Abalimi bezitshalo bayakhuthazwa ukuthi basebenzise izindlela zokulima ezimelana nalesi simo sezulu ngokuqinisekisa ukuthi inhlabathi ihlale iswakeme futhi kunciphise ukuguguleka kwayo. Abalimi abanciphise ingozi njengokokungalimi lapho isidingo singekho khona nangokutshala lezo zitshalo ezikwazi ukumelana nokushisha kakhulu. Kumqoka ukungasebenzisi amanzi mawala,” kusho umnyango. 

I-senior manager ye-Environmental, Social and Governance Risk eStandard Bank uNks uKelly Tucker uthi ingozi yokuguquguquka kwesimo sezulu yinto esadlangile, ikakhulu embonini yezolimo.

Uthi kanti yize abaningi begxile ekutheni i-Afrika eseningizimu izothinteka kanjani kodwa bona babheke izwekazi lonke, wengeza ngokuthi nokho imiphumela yaloku ayizukufana yize kuyi-Afrika eseningizimu abakhathazeke ngayo kakhulu kunezinye izingxenye e-Afrika.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/20/akusizwe-abalimi-ba-cocoa-e-afrika-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

“Ukuhlasela kwe-El Niño ngo-2026-27 kulindeleke ukuthi kubhebhezele ukuguquguquka kwesimo sezulu e-Afrika nokukhulisa ingozi yesomiso, amazinga okushisa aphezulu, ukushoda kokudla, ukushoda kwamanzi nokuphazamiseka kwengqalasizinda, nokungakho kumqoka ukulungiselela isimo esifana nalesi,” kusho yena.

Inhloko ye-Agribusiness Business and Commercial Banking eStandard Bank uMnu uLouis van Ravesteyn uthi imali etshalwe ekulungiseleleni lezi zimo, ubuchwepheshe, amanzi nokulima ngendlela ephusile kuzobaneqhaza elikhulu kokuzokwenzeka ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.

Leli bhange lithe i-Afrika eseningizimu isesimweni esingcono kakhulu uma kuqhathaniswa nangezinye izikhathi okwakubanesomiso ngoba amazinga amanzi anyukile emadamini ngenxa yemvula esanda kubakhona, inhlabathi iswakeme, amadlelo asesimweni esingcono nembewu isesimweni esihle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page