Kubunjwe umkhandlu ozonyakazisa umnotho wezwe ngowaKwaZulu-Natali
WUSLINDILE KHANYILE
UHULUMENI waKwaZulu-Natali usuhlanganise umkhandlu obunjwe yizo zonke izinhlaka zikahulumeni nemboni ezimele ezenza imisebenzi yokuthuthukisa ingqalasizinda ukuze kubanjiswane kangcono ekwenzeni lo msebenzi omqoka.
Enye inhloso yalo mkhandlu wukuthi kubenezinhlelo ezicacile futhi ezaziwa yiwo wonke umuntu nokuthi kwazeke lapho izinto zibhajwa khona ukuze lezo zingqinamba zisuswe ngokushesha.
Lesi yisimemezelo esenziwe wungqongqoshe wemiSebenzi yomPhakathi neNgqalasizinda eKZN uMnu uMartin Meyer ngesikhathi ethula inkulumo engqungqutheleni yabatshalimali esanda kubaseThekwini ebihlelwe yiStandard Bank, iKZN Invest.
Lo mkhandlu oseHhovisi likaNdunankulu uphasiswe yiKhabhinethi yaseKZN emasontweni amabili edlule. U-Meyer uthe ungenye yezindlela abakhombisa ngayo ukuthi ukuthuthukisa ingqalasizinda kubalulekile.
Uthe: “Umsebenzi wethu akukona ukwakha izakhiwo kodwa wukwenza ukuthi kusebenzeke kahle. Inselelo enkulu ekhona wukuthi akubanjiswana. Imisebenzi eminingi yokuphucula ingqalasizinda yenziwa komasipala, izinto zigqagqene, yilokho okufanele sikulungise. Ingqalasizinda ibaluleke kakhulu ukuthi singavuma ukuthi omunye nomunye adonse abhekise le.”
Ingqikithi yale ngqungquthela ibithi “Ukunyakaza kweKZN kusho ukunyakaza kweNingizimu Afrika”, kanti ibihlanganise amakhasimende aleli bhange agxile kwingqalasizinda acela ku-100 nezinkampani zikahulumeni ezinjengeTransnet neTrade and Investment KZN, uphiko lomNyango wokuThuthukisa umNotho esifundazweni.
Inhloko ye-Client Coverage ophikweni i-Corporate and Investment Banking eStandard Bank uNks uThandiwe Legwaila ithe uma bethi “Ukunyakaza kweKZN kusho ukunyaka kweNingizimu Afrika” bakusho ngoba lesi sifundazwe yiwona mnotho wesibili omkhulu ezweni nangenxa yokubanamachweba amabili amatasa futhi amakhulu, okungelaseThekwini naseRichards Bay.
“Uma ungqongqoshe uMeyer ethi iKZN ingabankulu kuneGauteng uqinsile. Njengoba ezokukhiqiza ziseduzane namachweba, loko kubalulekile. Uhulumeni kufanele usungule imisebenzi kodwa ukuze kwenzeke kudingeka kutshalwe imali.
“Sihlangene ngoba kumqoka ukuthi sithole izisombululo kusukela umsebenzi umenyezelwa kuze kufike lapho wenziwa khona ngoba kudingeka imali kanti uhulumeni awunayo le mali edingekayo njengoba kufuneka uR1 trillion ngonyaka ukuthuthukisa ingqalasizinda,” kusho yena.
Wengeze ngokuthi imali ayishodi ukwenza imisebenzi edingekayo, wukuthi nje kudinga ukubanjiswana nokulungisa izingqinamba ezibambezela imisebenzi efana ne-Umkhomazi Water Project okufanele kutshalwe uR25 billion, nongasiza ukulungisa inkinga yokuvuza kwamanzi okungenye into elahlekisela omasipala ngemali kodwa ongakenzeki namanje.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/04/iningizimu-afrika-ayishodi-ngezinto-ezingatshalwa-emnothweni-ikwazulu-natal-investment-forum/
Ngokwezibalo zeStatistics South Africa, iGauteng ingenisa u-33,2% kumthamo womnotho wezwe, kulandele iKZN engenisa u-16,1%.
Abebebuthene kule ngqungquthela bakhulume nangezinguquko ezinqala okufanele zenzeke nosekwenzekile kusukela kwaqala uhlelo i-Operation Vulindlela oselusesigabeni sesithathu. Kwezinye zalezi zinguquko kubalwa ukuvumela izinkampani ezizimele zingamele imisebenzi ethile emachwebeni, emzileni yezitimela, ekuphehleni nasekusabalaliseni ugesi.
I-chief operating officer eTransnet uMnu uSolly Letsoalo ithe ukusebenza kahle kwamachweba abo akusizi nje izwe kuphela kodwa kusiza namazwe angomakhelwane.

ULetsoalo noNks uPhakama Mbikwana, i-executive VC yengqalasizinda eCIB eStandard Bank kwingqungquthela iKZN Invest
Usebenzise leli thuba nokucacisa ngezinguquko ezinqala kule nkampani. “Kunenkoleloze yokuthi siguqula iTransnet siyenza inkampani ezimele. Akunjalo. Uhulumeni yiwona osewumnikazi, wukuthi nje kuvunyelwa imboni ezimele ukuthi ingamele eminye imisebenzi, okuyinto emqoka ukukhulisa umsebenzi,” kuchaza uLetsoalo.
Bekuyingqungquthela yesibili izinyanga zilandelana ebibhunga ngenqalasizinda eKZN njengoba kukekwakhona ebihlanganisa izikhwama zempesheni.

