Hlelela imali ingakafiki bese unamathela ohlelweni lwakho’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSthembiso ‘Pro’ Ndlovu, usomahlaya nombhali wencwadi ethi Prison to Palace nomdidiyeli wezinhlelo zomsakazo. Uwumdidiyeli we-Rise and Rock Breakfast Show ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu kusukela ngo-6 kuya ku-9 ekuseni no-The Morning Shake-Up ngoMgqibelo ngo-6 ekuseni kuya ngo-9 kwiNanda FM. Waqokwa kuma-Crown Gospel Awards ngo-2015 emkhakheni i-Best Gospel Comedy. Uwumsunguli weSthembiso Pro Ndlovu Foundation, inhlangano engenzi nzuzo egxile ekufukuleni amaciko

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo. Noma kwakungeyona imali eningi ngoba sasingathathi entweni ekhaya. Kwakuba o-50c, o-20c no-10c kodwa ngaleso sikhathi kwakuyimali eningi kimi ngoba ngangikwazi ukuzijabulisa ngayo esikoleni.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?

Ngangisafunda eDUT. Ngavula i-akhawunti yabafundi eNedbank ngoba bafika esikoleni basithembisa ukuthi bazosinika isikweletu sikaR1 000 uma sivula ama-akhawunti. Ngathatheka kanjalo-ke ngoba ngangifuna ukuthenga izingubo zokugqoka.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngafunda ukuthi kubalulekile ukusebenzisa imali onayo ukwenza enye imali ngayo. Yingakho ngathi sengifunda enyuvesi ngaqala ukudayisa uswidi  ngoba ngangenzela ukuthi le mali encane enganginayo izale enye.

Waqala nini ukusebenza, wawenzani umholo wakho wokuqala ?

Ngaqala ukusebenza ngisenyuvesi ngo-2012 ngiyitoho. Ngihlale ngizisola ngoba angisakhumbuli ukuthi ngenzani ngomholo wami wokuqala. Ngiyakhumbula ngifika ekhaya ngabuza udadewethu ukuthi yini okwakufanele ngiyithenge, wathi konke esikudingayo ekhaya kukhona, ngakho ngikhululeke ngisebenzise imali ezintweni zami. Angikhumbuli ukuthi ngayenzani leyo mali kodwa yona yaphela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/30/ungadidiswa-okwenziwa-abanye-abantu/

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Okungijabulisa kakhulu ukukhulisa indodakazi yami nokukwazi ukuyitholela konke ekudingayo ngaleso sikhathi nokukwazi ukuqasha abanye abantu esisebenza nabo emkhakheni wezobumnandi. Kimina kukhulu ukwazi ukuthi kunemindeni elala idlile ngenxa yami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukwenza isikweletu esikhulu esiwuR15 000 kumashonisa ngoba ngangithembe imali engangiyikweletwa. Ngesikhathi leyo mali ingasafiki, isikweletu saqhubeka sikhula saze safika kuR30 000. Ngagcina sengisebenzela umashonisa cishe izinyanga ezine. Ngafunda lapho ukuthi kubalulekile ukwamukela isimo nokusaba isikweletu ngoba singamisa impilo.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo. Ngenhlanhla ngilidlala lisafika ibhanoyi ibuye imali yami, akukaze kwenzeke ingqwambe.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma ngithola imali into yokuqala engiyenzayo wukuya ekhaya ngijabulise abazali bami. Ngikholwa wukuthi izibusiso zokuthola enye imali ngizithola ngokwenza njalo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingayitshala ebhizinisini lezindlu nezakhiwo.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Bafowethu nodadewethu, yesabani isikweletu. Imali emkhakheni wezokuzijabulisa ayihlali iqinisekisile ukuthi uzoyithola nini, yingakho kubalulekile ukuyihlela kahle imali ngaphambi kokuthi ifike bese wenza okuhlelile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page