Omunye wosihlalo bePresidential eThekwini Working Group uMnu uMike Mabuyakhulu evula iKwaZulu-Natal Investment Forum eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

INingizimu Afrika ayishodi ngezinto ezingatshalwa emnothweni – iKwaZulu-Natal Investment Forum

WUSLINDILE KHANYILE

ININGIZIMU Afrika ayiswele okungatshalwa emnothweni ukuze ukhule futhi kuvuleke amathuba emisebenzi kodwa eshoda ngakho yizinhlelo esezilungele ukuthi abatshalimali bafake imali kuzona.

Zivumelane kanje izikhulumi ebezibhunga ngokuthi iyiphi indlela okungasetshenziswa imali yezikhwama zempesheni ngayo ukuseka izinhlelo ezidinga abatshalimali KwaZulu-Natali.

Le ngqungquthela iKwaZulu-Natal Investment Forum, nobekungokokuqala ibakhona, ihlanganise abaholi bezikhwama zempesheni ezihlukene zikahulumeni, izinkampani ezizimele, osomnotho nezikhulu zikahulumeni eMhlanga, eThekwini.

Omunye wosihlalo bePresidential eThekwini Working Group uMnu uMike Mabuyakhulu, ovule le ngqungquthela, uthe kukhona cishe uR5,96 trillion onganyelwe yizikhwama ezihlukene ezweni, okuyimali eyongiwe ngabantu abaqashiwe. Uthe imvamisa, imali yezimpesheni ithathwa njengemali okungafanele itshalwe ngqo emnothweni.

“Leyo ndlela ayisasebenzi. Ukukhula kahle kwezikhwama zempesheni kuthembele ekukhuleni nasekusimameni komnotho. Uma umnotho ungakhuli ngendlela efanele, uma izinto zingasebenzi kahle futhi nemisebenzi ishoda, lezi zimpahla okuyizona eziyisibambiso sezikweletu zenu zizobasengozini, ngakho ukutshala imali ngqo emnothweni wumsebenzini wabengamele izikhwama.

“Abatshalimali kufanele bazi ukuthi indlela yokukhulisa imali isikhathi eside idinga indawo lapho umnotho usebenza futhi usimeme. Ngokutshala imali kwingqalasizinda nokuwuthuthukisa, izikhwama zempesheni azibeki imali engozini, kunaloko zivikela umnotho oqinisekisa ukuthi zihlale zinemali futhi zeseka intuthuko yezwe elibuswa ngentando yabantu,” kusho yena. 

UMabuyakhulu uthe kufanele kuvunywe futhi kukhulunywe ngezinto ezenza abantu babemanqika ukutshala imali kwingqalasizinda ezifana nesikhathi okusithathayo ukuphasisa imisebenzi, imithetho eshayisanayo, ukushoda kwabantu ngaphakathi ezikhwameni zempesheni nengozi ngenxa yemigomo nesimo sepolitiki.

Uthe: “Izikhwama zempesheni aziswele imali. Kunalokho zishoda ngezinhlelo esezilungele ukuthi kutshalwe imali kuzona. Imvamisa, izikhungo zikahulumeni bezithi uma zikhuluma nezikhwama zempesheni zidayise indaba yentuthuko kuphela, kunokukhuluma ngezinhlelo ezihlelwe kahle, okuthathwe izinyathelo zokubhekana nengozi ezingabhekana nayo okungatshalwa imali kuzona.”

Isikhulu esiphezulu se-Eskom Pension Provident Fund uMnu uShafeeq Abrahams sivumelane noMabuyakhulu. Sithe kuyiqiniso ukuthi imali ayiyona inkinga, sancoma nemboni yonke yezimali ezweni ngokubasezingeni eliphezulu.

U-Abrahams uthe futhi ziningi izidingo ezikhona ezweni. Nokho, uxwayise ngokuthi izikhwama zempesheni akufanele zikhohlwe ukuthi yini umsebenzi wazo omkhulu. 

“Umsebenzi okuyiwona oseqhulwini ezikhwameni zempesheni akufanele ushintshe futhi imali yezimpesheni ayikwazi ukuvala isikhala semali kahulumeni. Imali yempesheni eyokwengeza, kukhona izingozi engeke ikwazi ukumelana nazo.

U-Abrahams uthi izikhwama zempesheni akufanele zikhohlwe wumsebenzi wazo

“Njalo uma ngicabanga ngomsebenzi wethu ngikhumbula ukuthi siphathisiwe futhi sithenjwe yizigidi zabantu baseNingizimu Afrika ngekusasa labo, ngakho umsebenzi wethu wokuqala nomkhulu esiwunikwa ngamalungu ethu,” kusho u-Abrahams.

Uthe isikhwama sempesheni se-Eskom singamele imali nezimpahla zikaR260 billion. Uthe yiqiniso ukuthi izinto sezishintshile futhi ukungalingani kuyaqhubeka kanti ohulumeni emhlabeni babhekene nezinselelo ezishintsha iminotho nendlela ingozi eyaziwa ngayo.

Isikhulu esiphezulu seKwaZulu-Natal Municipal Pension Fund uMnu uThomas Mkhethelwa sithe akukwazi ukuthi kungabawumsebenzi wePublic Investment Corporation kuphela ukutshala imali yezimpesheni emnothweni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/30/i-pic-inomlando-wezinkinga-ngendlela-ephethwe-ngayo/

Uthe isikhwama sabo sigxile ezimbonini zamanzi, ekagesi, ezempilo nobuchwepheshe ngenhloso yokunciphisa igebe elikhona phakathi kwemiphakathi enobuchwepheshe obusebenza kahle nengenabo.

UMkhethelwa, isikhulu esiphezulu seKwaZulu-Natal Municipal Pension Fund

“Mina ngihlala eMnini, eMgababa okuyindawo yasemakhaya. Ngesikhathi se-Covid-19, izingane zami zazingakwazi ukufunda kahle ngenxa ye-network. Izinto zithatha isikhathi futhi kufanele ufunde ukuze uqonde ukuthi kwenziwanjani, ingozi uyibheka kanjani, ulikala kanjani inani lezinto.

“Akakwazi nje umuntu ukufika anithembise izulu nomhlaba bese nivele niyakholwa yileyonto ayishoyo ningayicubungisisile futhi nayiqonda,” kusho yena. UMkhethelwa uthe mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe nokuvulela abantu abamnyama kule mboni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page