‘Sebenzisa imali ngendlela yokuthi ikusebenzela’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNkanyiso Bhengu. Uwumlingisi nomethuli wezinhlelo zakuthelevishini. Waduma kwi-Pop Stars yeSABC 3 ngo-2002, wethula i-Coca-Cola Mega Millions kwi-e.tv, wathula uhlelo lokholo lwangeSonto i-Agape kwiSABC 1, wadlala indawo kaSthembiso kwi-Nomzamo kwiSABC 1, wacula kwiJoyous Celebration kusukela ngo-2006 kuya ngo-2009. Useke walingisa nakweminye imidlalo yethelevishini okubalwa kuyona i-Home Affairs, iSokhulu & Partners, i-The London Guy, i-Stokvel, i-Soul Buddyz, i-Mazinyo Dot Q, i-Going Up Again ne-The Journey nakwifilimu i-Gums and Noses
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Hhayi kakhulu, kwakuqabukela.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi?
NgangiseMangosuthu of University of Technology, ngenza i-Diploma in Civil Engineering. Ngayivula eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Yayingekho kakhulu imali, kwakufanele ngisebenze ukuze ngiyithole.
Waqala nini ukusebenza kanti wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngangisebenza efemini kamalume. Ngazithengela izinto engangifisa ukuba nazo.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngathenga umuzi nemoto, ngashada.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukungayisebenzisi ngendlela ezongizuzisa nokuphana ngayo kakhulu.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Yebo, kwiCrowd1.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali iyithuluzi. Kufanele uyisebenzise ngendlela ezokusebenzela, uyitshale ukuze ikhule.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingayifaka ebhizinisini lami lokukhiqiza imidlalo yethelevishini namafilimu.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Abayonge, bayitshale futhi bayisebenzise ngendlela ezobakhulisela yona.

