Zinoju kumakhasimende eFNB eyandisa imihlomulo
WUBONISWA MOHALE
NJENGOBA abantu baseNingizimu Afrika bethwele ijoka lokukhuphuka kwezindleko zokukhuphuka namanani ezidingo, iFNB isize nezinhlelo ezizobasiza ukuphatha kahle imali yandisa nezinhlelo zokukhokhela izimpahla ngobuchwepheshe zamahhala.
Kusukela ngoJulayi amakhasimende aleli bhange amaningi ngeke abhekane nezindleko uma ekhokha ngobuchwepheshe besimanje ezigabeni ezinamakhasimende amaningi.
Loku kuzowasiza ukukhokha kalula nokwazi ukuthi imali yawo yenzani nsuku zonke. azothola nemihlomulo ethe xaxa ohlelweni lwaleli bhange i-eBucks eliwahlomulisa ngokusebenzisa ubuchwepheshe, liwanike amaphuzu neminye imihlomulo ewasizayo.
FUNDA NALAPHA: Izindlela zobuchwepheshe zokukhokha azilwe nokungalingani ezweni – iFNB
Isikhulu esiphezulu seFNB Core Banking ophikweni i-Retail and Business Banking uMnu uSenzo Nsibande sithe bafuna ukwehlisa izindleko zempilo kubantu ngokwethula imikhiqizo engadli imali yabo.
“Amakhasimende ethu abhekene nenselelo yokukhuphuka kwamanani ezimpahla. Kubalulekile ukuthi siwalekelele ukuze akwazi ukusebenzisa imali yawo ngendlela efanele. Senza ukuphatha imali kubelula, sisusa izindleko zokukhokhela izidingo futhi siletha imihlomulo ezowalekelela uma esebenzisa izinkundla zobuchwepheshe,” kusho yena esithangamini nabezindaba ngesonto elidlule.
UNsibande uthe ukukhokha kusetshenziswa ubuchwepheshe kuzoba mahhala uma amakhasimende aseFNB ekhokhelana wodwa nanama-akhawunti amabhizinisi azothola imihlomulo enciphisa izindleko.
Ukukhokha nge-PayShap kuzobawuR3, ukukhokha ukuze imali isheshe ibonakale kuzobawuR5 kuma-akhawunti e-Easy nawe-Aspire, ukuthumela imali efika kuR500 kuzobawuR11, kubewuR30 ukuthumela engaphezu kukaR500. Ukuthenga ugesi wekhadi kuzobawuR2.50 kuwo wonke ama-akhawunti.

