Izikhwama zempesheni azilandele imithetho yazo – umxazululi
YINTATHELI YOMBELE
ISIKHWAMA sempesheni yezisebenzi zomasipala siyalelwe ukuthi sikhokhe imali yesisebenzi esifuna ukuyinyula ebhodweni lempesheni.
Iphini lomxazululi wezeziMpesheni uMnu uNaheem Essop lithe imithetho yalesi sikhwama iyavuma ukuthi umuntu anyule imali yakhe ebhodweni, ngakho kufanele isisebenzi sikhokhelwe imali yaso.
Ummangali wayeqashwe kumasipala iBa Phalaborwa Municipality kusukela ngomhlaka-1 wangoSepthemba wango-2015 waze wayeka ngomhlaka-31 wangoJanuwari wango-2018. Wayeyilungu leMunicipal Employees Pension Fund kanti ngomhlaka-31 wangoJanuwari wango-2018 wafaka isicelo sokuthatha imali yakhe. Ngosuku olulandelayo waqala umsebenzi omusha ePolokwane Local Municpality, nayo eyilungu leMunicipal Employees Pension Fund.
Wathi isikhwama sempesheni sanqaba ukumnika imali yakhe sathi akuyena obeka imali kuso yize ebefaka imali ngesikhathi eseBa Phalaborwa.
Isikhwama sithe akafanele ukuthola imali ngoba yena nomqashi wakhe omusha kufanele bakhokhe imali eqala ngomhlaka-1 wangoFebhuwari wango-2018 kuze kube ngesikhathi ayekhala ngaso. Sithe emva kwaloko siyobe sesimkhokhela imali yakhe afuna ukuyinyula elandela izinhlelo ze-two pot retirement system.
FUNDA NALAPHA: Isikhwama sempesheni esesilindise owesifazane iminyakanyaka sizokhokha imali isinenzalo
U-Essop uthe lesi sikhwama asiyifundanga kahle imithetho yaso njengoba sona silandele lo othi umuntu akayinyuli imali uma kunezinyanga akade engayibeki ngazo imali yomhlalaphansi.
Uthe loku akuhambisani nomthetho ngoba ummangali ufuna imali ebikhokhwa kahle yiBa Phalaborwa futhi ashiye kuyona engakweleti imali yomhlalaphansi, ngakho kufanele sikhokhele ummangali imali yakhe.
Echaza ngomthetho 27(2)(b) wezimpesheni uthe izikhwama zempesheni kufanele zilandele imithetho yazo yokuthi abantu kufanele bathole imali yabo uma zonke izimfanelo bezigcina. Kulandelwa umthetho othi umuntu uma ekweleta izinyanga ezithile angayitholi imali ekubeni lona efuna imali ebingakweleti lutho.
“Imithetho yezikhwama zempesheni kufanele ilandelwe ngoba yizona ezisuke ziyibekile. Akufanele zixube imithetho uma zifuna isizathu sokungakhokheli abantu izimali zabo. Lapha isikhwama kufanele sichazele ummangali ngokufanele akwenze ukuze athole imali yakhe bese simkhokhela yona kungakapheli amasonto amabili efake isicelo,” kuyalela u-Essop.

