Kuleli sonto kuzobhekwa isimemezelo seBhange lomBuso ngemalimboleko. Isithombe: yi-Unsplash

Amehlo azobe ethe njo eBhange lomBuso

YINTATHELI YOMBELE

KULELI sonto into ezobe ibhekwe ngamehlo abomvu wumhlangano weBhange lomBuso ngoLwesine ngesinqumo ezosithatha ngemalimboleko.

I-Bureau for Economic Research ilindele ukuthi imalimboleko izonyuka ngo-25 basis points.

Nakuba ukunyuka kwemalimboleko kuzokwenza umehluko omncane ekwehliseni ukunyuka kwamanani kaphethroli nodizili ngenxa yokunyuka kwamanani kwawoyela nokuphazamiseka kwezinto eStrait of Hormuz, loku kuzosho ukuthi iBhange lomBuso liyaqhubeka nokwehlisa imalimboleko ngendlela ezwakalayo kuze kugcine kufinyelele emgomeni walo owu-3%.

FUNDA NALAPHA: Imalimboleko namanani ezimpahla kuzonyuka – izingqapheli

Izibalo zesikali soshintsho emanani kubakhiqizi ngezimpahla zabo, nazo ezilindelwe ngoLwesine, sizobhekwa ngamehlo okhozi ukuthi amanani ayaqhubeka yini nokunyuka kuthi ngoLwesihlanu kubonakale ukuthi izibalo ze-private sector credit extension, ukubolekisa ngemali kwezinkampani ezingewona amabhange, zikhombise Isidingo sokudingeka kwezimpahla.

Naphesheya kuzobhekwa izibalo zokwehla kwamandla emali. EMelika kuzokhishwa izibalo zenkomba yamanani esetshenziswa yiFederal Reserve ngoLwesine.

EYurophu, izibalo zokwehla kwamandla emali zaseGermany zizoveza isilinganiso sokwehla kwamandla emali kwamanye aseYurupho ngomhlaka-2 wangoJuni.

Ukwehla kwamandla emali yokuthenga kunyuke kakhulu eminyakeni emibili edlule kwanyuka ngo-4% ngo-Ephreli uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka. Ukunyuka kwamanani kudalwe yimizi nogesi namanzi ngo-5.2% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, okubewu-1.2 percentage points ekunyukeni kwangonyaka wonke.

Kulandele ezokuthutha ezinyuke ngo- 4.9% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka zihamba nemboni yomshwalense ngo-0.7 percentage points. Ngakolunye uhlangothi ukwehla kwamandla emali okudla kubewu-2.9% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngo-Ephreli, kusuka ku-3.6% ngoMashi, okubewukwehla kathathu izinyanga zilandelana.

Uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, ukwehla kwamandla emali kunyuke ngo-1.1% ngo-Ephreli, kusuka ekunyukeni ngo-0.6% ngoMashi. Uma kususwa imboni yokudla neyamandla kagesi, ukwehla kwamandla emali kunyuke ngo-3.2% kwawu-3.6% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka.

Izibalo zokudayisa izimpahla kunyuke ngo-8.3% ngoMashi uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka, okubewukunyuka ngo -1.4% ngoFebhuwari. Kubewukunyuka izinyanga ezimbili zilandelana kokwehla konyaka.

Emikhakheni yokudayisa eyisikhombisa, zehlile izibalo zokuthenga zonyaka kubadayisi bokudla, iziphuzo nogwayi. Uma kuqhathaniswa nangoFebhuwari, izibalo zokuthenga kunyuke ngo-0.1% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga kodwa kwehla uma kuqhathaniswa ikota nekota. – Le mininingwane ithathwe kwiBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page