UNkk uNomfanelo Khanyile, umsunguli wepulazi laseHowick, KwaZulu-Natali i-Esisipho K, etshala amaveji, ifuye izingulube nezinkomo. Izithombe: Zithunyelwe

Washiya ebhange, wabawumlimi nomfuyi

WUTHOBILE ZWANE

UKUSEBENZA nabalimi ebhange kwatshala imbewu yokubawumlimi kwintokazi eyayisebenza ebhange.

UNkk uNomfanelo Khanyile wasungula i-Esisipho K, ezinze eHowick, KwaZulu-Natali, elimayo futhi uyafuya. Waqala ibhizinisi lakhe ngokusemthethweni ngo-2019 kodwa uthando lwezolimo lwaqala ngesikhathi esebenza ebhange, lapho asebenza khona nabalimi iminyaka emibili.

FUNDA NALAPHA: Owashiya impilo edolobheni usewumholi kwezolimo

“Ngiyakuthanda ukulima noma ngingazange ngifundele ezolimo. Ngemva kweminyaka emibili ngisebenza nabalimi ngazithola sengikuthanda ukulima nokufuya,” kusho yena.

Izitshalo ze-Esisipho K

UNkk uKhanyile uthi waqala ngokulima endaweni yomphakathi ngaphambi kokuzimela epulazini lakhe. Ipulazi lakhe elingamahektha awu-60 lihlanganisa ukufuya, ukutshala amaveji nokutshala izihlahla zezinkuni. Akagcini nje ngokudayisa inyama kuphela kodwa wenza nama-vienna namasoseji awadayisela abantu bendawo.

“Ngazitshela ukuthi ngeke ngigcine ngokusebenza endaweni yomphakathi kuphela. Ngabona ibhizinisi likhula, ngase ngithuthela epulazini lami,” kusho yena.

Ekuqaleni wayegxile kakhulu ekutshaleni amaveji. Kuthe esenenkinga yokuswela imali njalo ngenxa yokuthi kwakufanele alinde isikhathi sokuvuna ngaphambi kokuthola inzuzo. Izinto zashintsha ngesikhathi exhaswa yiSouth African Breweries Foundation ngezingulube eziwu-50 ezimithi ukumsisa ukuqala uphiko lokufuya ebhizinisi lakhe.

I-Esisipho igxile ekulimeni ngendlela yemvelo ngenxa yokuthi abantu bayagula ngenxa yokudla okungenampilo nokunamakhemikhali ayingozi. “Sisebenzisa umquba wezinkomo namanzi ukunisela amaveji ethu ukuze akhule ngokwemvelo,” kusho uNkk uKhanyile.

Izinkomo zomhlambi we-Esisipho K zishaya ngamalunda

Uthi ukutshala izihlahla kuyibhizinisi lesikhathi eside njengoba izihlahla zithatha iminyaka eyisikhombisa ukukhula ngokuphelele kodwa ezinye izinkampani ziyazithenga noma ziseneminyaka emine kuya kweyisithupha.

“Ngisho namaqabunga nezithombo zezihlahla zokhuni kungadayiswa ngoba kunemali,” kusho yena.
Nokho uthe ezolimo azilula njengoba zibhekene nezinselelo eziningi okubalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu, izikhukhula, isomiso nezifo zemfuyo.

Uthe: “Sisanda kufelwa yizimbuzi eziwu-46 nezinkomo eziyisithupha ngenxa yamatele. Akulula neze, kunzima.”

Uthe ekuqaleni wenza amaphutha amaningi ebhizinisini lakhe. “Ngangixuba imali yebhizinisi neyami, ngenze izinto ngendlela engafanele kodwa kusukela ngo-2023 ngafunda ukuphatha ibhizinisi kahle,” kusho yena.

UNkk uKhanyile ukhuthaza abantu bafisa ukusungula ibhizinisi ukuthi bangacabangi ukuthi ezolimo ziyindlela yokushesha ucebe.

“Abantu abaningi babona ama-video ezinkundleni zokuxhumana bacabange ukuthi ukulima kuletha imali esheshayo kanti ungatshala amahektha amahlanu ulahlekelwe yikho konke uma ungenamshwalense,” kusho yena.

I-Esisipho K isikhule yaze yakwazi amathuba omsebenzi. Isiqashe izisebenzi eziwu-11. UNkk uKhanyile ufisa ukukhulisa i-Esisipho K idayise inyama phesheya, yandise abantu ebaqashile, idayise nakwezinye izifundazwe.

Facebook: Esk Meats

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page