Konke kumi ngomumo nge-Africa’s Travel Indaba
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini ulindele izinkumbi zezivakashi, abakhangisi nabaholi bezokuvakasha basemhlabeni jikelele kwi-Africa’s Travel Indaba yalo nyaka.
Izoba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kusukela ngoMsombuluko kuze kube wuLwesine.
Izoqala ngenkundla yokwazana neyokufuna amathuba ebhizinisi i-Business Opportunity Networking Day ngosuku lokuqala bese izinsuku ezilandelayo kubangezokuhweba.
Ungqongqoshe womNyango wezokuVakasha ezweni uNkk uPatricia de Lille nongqongqoshe womNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi neMeya yoMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba bayithule ngokusemthethweni i-Africa’s Travel Indaba ngoMsombuluko, eNelson Mandela Cruise Terminal eThekwini.
Indikimba yalo nyaka ye-Africa’s Travel Indaba ithi: “Unlimited Africa: Growing Africa’s Tourism Economy, okusho ukuthi i-Africa Engapheli: Kukhuliswa umNotho wezokuVakasha e-Afrika.
FUNDA NALAPHA: Isazohlala eThekwini i-Africa’s Travel Indaba
Kuzobekunabakhangisi, abathengi nabezindaba basemazweni ahlukene abazokhangisa ngezindawo zokuvakasha zase-Afrika futhi babuye bakhe ubudlelwano bamabhizinisi.
Kulindeleke ukuthi ingenise imali emnothweni waseThekwini, inyuse isibalo sezivakashi nemali esetshenziswa emabhizinisini okuvakasha, izosiza osomabhizinisi baseThekwini, idale amathuba emisebenzi ezimbonini ezihlukene, okubalwa kuzona ezokuvakasha, ezokuthutha nezitolo.
UXaba uthe umasipala unengqalasizinda esesimweni esihle eyenza kubelula ukwenza imicimbi esezingeni lomhlaba nesimo sezulu esifudumele esenza abantu bathande ukubaseThekwini ukuhweba noma ukuvakasha.
UNkk uDe Lille uthe i-Africa’s Travel Indaba izovulwa wumengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa. Uthe ayiyona nje umbukiso wezokuvakasha kodwa ifukula umnotho kuzo zonke izindawo zezwe.
UZondi uthe abathengi abeza kulo mbukiso baseqophelweni eliphezulu futhi basiza isifundazwe nomasipala kanti bangaphezu kwango-700 abaqinisekise ukuthi bayeza.
Zingaphezu kwango-600 izinkampani ezizokhangisa kanti awu-22 amazwe ase-Afrika azoba kulo mbukiso.
Uthe kulezi zibalo ubala nezinkampani ezivela kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu Afrika namabhizinisi awu-191 amancane.
“Kuzobekukhona nabathengi abawu-840 abavela emazweni awu-71. Iwu-3 315 imihlangano esiqinisekisiwe ukuthi izokwenzeka kulo mbukiso,” kusho uZondi.

