‘Zifundiseni ukuphatha imali ngobuhlakani’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSibusiso Mkhize, omunye wabaholi beqembu lomculo wokholo Abadumisi Bevangeli. Leli qembu laduma ngesikhathi liphuma phambili emncintiswaneni i-eThekwini Municipality City Icon Discoveryngo-2021 kanti line-albhamu ethi Uyangihlelela

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Sakhuliswa sifundiswa ukubaluleka kwemali kusenesikhathi noma ngabe yayincane kangakanani.

Naqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wawuyivula kuliphi?

Loku kwabayisinyathelo esibalulekile ekufundeni ukuphatha imali ngendlela efanele.

Ekukhuleni kwenu yini eniyikhumbulayo nenayifunda ngemali?

Imali idinga ukuhlonishwa nokuphathwa ngobuhlakani. Ukonga nokungayichithi kuyisifundo (sonke esihamba naso).

FUNDA NALAPHA: ‘Yiba nezinye izindlela zokungenisa imali eceleni’

Nayenzani imiholo yenu yokuqala?

Sasebenzisa umholo ukuhlangabezana nezidingo zeqembu nokuqala umkhuba wokonga.

Yini into enhle eningathi nayenza ngemali?

Siyaziqhenya ngokuthi sikwazile ukungasebenzisi imali ngendlela engafanele nokuyitshala eqenjini lethu ukuze likhule futhi lithuthuke.

Yiliphi iphutha elithinta imali enake nalenza?

Sike senza amaphutha anjengokusebenzisa imali ngaphandle kokuhlela kahle.

Yisiphi iseluleko esihle enasithola ngemali?

Wukuthi gcina imali yakho, uyihlele kahle futhi uyisebenzise ngobuhlakani.

Uma ningawina uR1 million kwiLotto ningawusebenzisa kanjani?

Singaqala ngokuthuthukisa umsebenzi wethu womculo, sisize imindeni yethu bese sibeka enye (ukuze siyitshale).

Ningabeluleka nithini abanye abasemkhakheni wenu ngokuphatha imali?

Bahlale behlelela imali yabo, bayisebenzise ngokuhlakanipha, bagweme ukuyisebenzisa ngokweqile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page