I-Eskom nezisebenzi bagcine bevumelene ngokunyusa amaholo ngo-7%
WUBONISWA MOHALE
KUQHILIKA izihlathi kwizisebenzi zase-Eskom ngemva kokuthi izinyunyana zazo zivumelene nomqashi ukunyusa amaholo ngo-7% yize amandla emali ewu-3%. Izinyunyana zezisebenzi zase-Eskom eziwu-75% iNational Union of Mineworkers (iNUM) neSolidarity zisayine ne-Eskom ukuthi amaholo anyuke ngo-7% iminyaka emithathu kusukela ngoJulayi walo nyaka.
I-National Union of Metalworkers South Africa (iNumsa) inqabile ukusayina ngoba amalungu ayo ebefuna ukuthi amaholo anyuke ngo-8%, ekhala ngokuthi impi eqhubeka eMiddle East inyusa izindleko zokuphila futhi ne-Eskom isinemali ngenxa yokuphucula umsebenzi.
NgoLwesihlanu isikhulu esiphezulu sase-Eskom uMnu uDan Marokane sithe bayakuthakasela ukusayina isivumelwano ngoba sizoqinisekisa ukuthi umsebenzi awuphazamiseki ngenxa yokuthi minyaka yonke kufanele kuxoxwe ngamaholo.
“Isivumelwano esisisayinile sifaka zonke izisebenzi ezingaphansi kwezinyunyana ngisho nezingaphansi kwenyunyana engasayinanga. Sizoqinisekisa ukuthi umsebenzi omuhle esesiwuqalile uyaqhubeka futhi awuphazamiseki. Siyazi ukuthi izisebenzi zibalulekile ekufezeni izinhlelo ze-Eskom, ngakho lesi sivumelwano sizosilekelela ukuwenza loko,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Ukunciphisa amanani okuncibilikisa insimbi kuzosindisa izigidi zemisebenzi
Iphini likamengameli weNUM uMnu u-Olehile Kgware lithe amalungu abo abone ukuthi i-Eskom ibeka iziphakamiso ezingcono etafuleni.
Ngaphandle kokunyusa amaholo ngo-7% iminyaka emithathu, i-Eskom izokhuphula nomhlomulo wokukhokhela imizi ngoR400 noR10 000 ozotholwa yizisebenzi kanye ngonyaka ngale minyaka yesivumelwano.
Khonamanjalo, umkhulumeli womfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions uNksz uZanele Sabela uthe bajabule ukuthi izisebenzi ezihola kancane kakhulu nge-national minimum wage imali yazo izonyuka isuka kuR28.79 ibewuR30.23 ngehora.
Uzwakalise ukukhathazeka ukuthi yize izisebenzi ezihola kancane eziqashwe embonini ezimele zizohola uR30.23 ngehora kodwa ezisebenza ngaphansi kohlelo lukahulumeni i-Expanded Public Works Programme zisahola uR16.62.
Uthe uhulumeni kufanele ulungise lesi simo ngoba akukwazi ukuthi kubeyiwona othi abantu abahola kancane abahole uR30.23 ngehora kodwa wona ube uholela uR16.62.
Usomnotho ozimele uMnu uJohn Loos uthe kuzobanzima ukuxoxa ngamaholo ngenxa yokuthi impi eseMiddle East inyusa izindleko zikawoyela bese kunyuka izindleko zokukhiqiza ezimbonini nezokuphila ebantwini.

