UNksz uNqobile Mgwaba, umnikazi weHome of Spices, inkampani eyenza ama-spice alungele abantu abama-ulcer nezinye izifo, yase-Amanzimtoti, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Ukugula kukanina yisisekelo sebhizinisi lama-spice anempilo

WUTHOBILE ZWANE 

UKUGULA kukanina okwaphoqa umndeni ukuthi ushintshe indlela yokudla kwamnika intokazi yaseThekwini umqondo wokuqala ibhizinisi lama-spice ezibalungele.

UNksz uNqobile Mgwaba, waseManzimtoti, wasungula iHome of Spices, eyenza izinongo zokudla ezinezakhamzimba, ngo-2022 ngemva kokuthi unina ethole ukuthi unama-ulcer ne-hypertension.

UNksz uMgwaba une-Diploma in Consumer Sciences: Food and Nutrition yaseDurban University of Technology (eDUT).

“Umqondo wokuqala iHome of Spices wafika emva kokugula kukamama, okwakudinga ukuthi adle ukudla okungenama-spice ngoba ayemgulisa. Ngasheshe ngabona ukuthi ukudla okungenazinongo akugcini nje ngokunganambitheki kodwa kukwenza unqene nokukudla ngoba kusuke kungasemnandi,” kusho yena.

Umkhiqizo weHome of Spices

Uthi akenzi nje ama-spice anandisa ukudla kodwa into ehlukile ngebhizinisi lakhe wukuthi ayaphilisa futhi ahlala kahle esiswini. 

“Ibhizinisi lami likhiqiza ama-spice asezingeni eliphezulu esizenzela wona, izithako zawo zikhethekile, ziinempilo futhi zifanele abantu abagulayo nabafisa ukuncipha.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/02/18/uthando-lokupheka-nokosa-inyama-sekumzalele-amabhizinisi-okhiqiza-amalahle-nama-spice-uxoxe-nozanele-mthethwa/

Ibhizinisi lakhe likhiqiza izinongo ezihlukene zezinga eliphezulu ezenziwe kusukela ekuqaleni kusetshenziswa ama-herbs akhethwe ngokucophelela. 


Amanani ama-spice akhe aqala kuR30, aye kuR40. Okwamanje udayisa ezimakethe ezihlukene nangokuthi abantu bafake ama-oda ezinkundleni zokuxhumana nangokumshayela ucingo.

Uthi uhluke kakhulu umkhiqizo wakhe ngoba unempilo. Kukhona ohlanganisa ingxube enosawoti omncane, engenashukela ne-gluten efanele yokuphila kwabalandela ukudla kwama-vegan (abadla izitshalo zodwa), i-banting (abadla izitshalo nenyama kuphela) ne-keto (abadla ukudla okuxubile kodwa okungenampuphu) nezingxube zezinongo zama-herbs zokupheka kwansuku zonke.

“Esikoleni sasifundiswa ukwenza imikhiqizo kusukela ekuqaleni. Ngazama ukwenza ucwaningo lokuthi uma ngifuna ukukhuphula izinga lokuthi ngenze into ezodliwa yiwonke umuntu nokuthi ngingenzi uhlobo olulodwa lwama-spice. Ngaqala ngesenyama, ngathola ukuthi ngingenza ezinye izinhlobo ezingalungela konke ukudla konke, ngaqhubeka ngenza ezinye,” kusho uNksz uMgwaba.

Ubalule ukuswela imali njengenselelo emnqinda ukufaka umkhiqizo weHome of Spices ezitolo. 

I-Home of Spices isiqashe izisebenzi ezimbili, esisodwa siyimenenja esebenza ngokugcwele, esinye kubengesisiza ngokwenza umkhiqizo esiyitoho.

UNksz uMgwaba ukhuthaza abantu abafisa ukuqala ibhizinisi ngokuthi kufanele bahambele izinkundla zokucobelelana ngolwazi zosomabhizinisi ezihlukene ngoba zizobahlomisa ngolwazi nangamakhono. 

 “Uyadinga abantu abazokufundisa ngebhizinisi. Kufanele uzisondeze kubantu abayile nto ofisa ukuba yiyona ngomuso. Amathuba akhona, kukuwena ukuthi uyawayeka noma uyawasebenzisa,” kusho yena.

UNksz uMgwaba ufisa ukufaka umkhiqizo weHome of Spices ezitolo ezitolo ezinkulu. 

Facebook: Nqobile Nongcebo Mgwaba

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page