Ithala, elingenayo imvume yokubayibhange, liyaqhubeka nohlelo lokubuyisa imali yamakhasimende. Isithombe: Sithunyelwe

Ithala selikhokhele uhhafu wamakhasimende akweletwayo uR1 billion – iFNB 

YINTATHELI YOMBELE 

I-FNB ithi kuyithathe izinsuku eziwu-29 kuphela ukubuyisela uR1 billion kumakhasimende ebhange Ithala akade elinde imali yawo ebibhajwe kuleli bhange elingasasebenzi ngenxa yokungabinemvume. 

Isikhulu esiphezulu seFNB uMnu uHarry Kellan sithi baqale izinhlelo zokukhokhela abantu ngomhlaka-8 wangoDisemba ngonyaka odlule. Loku uthi kusho ukuthi sebekhokhele uhhafu wamakhasimende. 

“Njengoba sesibuyisele uR1bnkumakhasimende ase-Ithala ngezinsuku eziwu-29, kusho ukuthi amathimba ethu azibophezele ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu bathola imali yabo ngokushesha. Sisaqhubeka nokukhokhela abantu futhi senza isiqiniseko sokuthi imali iya kubantu abafanele, ngendlela ehlelekile nephephile,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/03/seluphumile-usuku-lokuphuma-kwemali-esethala/

U-Kellan uthi izinhlelo zokubuyisela imali kumakhasimende ziqala ngokuthi ikhasimende lithole i-SMS eliyalela ukuthi liye egatsheni elithile leFNB. Loku uthi kunciphisa isiminyaminya futhi kuqinisekisa ukuthi amakhasimende ayathola usizo uma eye egatsheni. I-SMS inomyalezo ocacisa ukuthi ikhasimende kufanele liye kuliphi igatsha nosuku olufanele. 

“Siyaqonda ukuthi amakhasimende e-Ithala aseyidinga kakhulu imali yawo kodwa siyawaqinisekisa ukuthi kufanele alinde i-SMS ukuze afike sesiwalindele. Loku kuzoqinisekisa ukuthi awami kolayini abade futhi asizakala ngokushesha,” kusho yena.

U-Kellan uthe kule nyanga amagatsha aseFNB asebenza amahora ajwayelekile okuwu-9 ekuseni kuya ngo-15.30 ntambama phakathi nezinsuku nango-8.30 ekuseni kuya ngo-11 ekuseni ngoMgqibelo. 

Ngeminye imibuzo amakhasimende e-Ithala angaxhumana nabeluleki baseFNB ngokushayela u-087 575 3279 ngegatsha okufanele aye kulo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page