Inkinga yokuphela kwamanzi imvulele umnyango wokwenza Ivati elimtoti
WUTHOBILE ZWANE
UKUNQAMUKA njalo kwamanzi eThekwini, ikakhulu ezindaweni ezisenyakatho yedolobha, kwenza insizwa yaseThekwini yabona isidingo sokuhlinzeka umphakathi ngamanzi ahlanzekile naphephile.
UMnu uSakhile Khumalo, waseNewlands East, oneminyaka ewu-40, uthi amanzi avamile ukunqamuka ngakubo, ngakho kuthe ngesikhathi engasebenzi ngonyaka odlule, wabona kungcono ukuqala leli bhizinisi.
“Amanzi ayahlupha ezindaweni ezisenyakatho yaseThekwini. Athi uma esebuyile kube angcolile. Ngangifisa ukuqala ibhizinisi lamanzi ahlanzekile kodwa nganginethemba lokuthi ngizothola umsebenzi (kuqala). Emva kokuhlala iminyaka ekhaya ngingawutholi umsebenzi engiwufundele, ngibone ukuthi ngiqale ibhizinisi lamanzi ahlanzekile ekuqaleni konyaka odlule,” kusho yena.
U-500ml ubiza uR10, kuthi u-5 litre uwuR25. UKhumalo uthi maduze uzoba no-1.5 litre no-2 litre.

Le nsizwa ene-Diploma in Management yaseDurban University of Technology ichaza indlela eqambe ibhizinisi ngayo ithi: “Ngikhethe leli gama ngoba ngifuna umkhiqizo wami ubeseduze kakhulu nabantu abamnyama. Ngifuna bezwe sengathi lamanzi awabo. Ivati yigama lesiTsosi (elisuselwa kwelesiBhunu elithi ‘water’) elisetshenziswa emalokishini lamanzi,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/03/benza-amanzi-acolisekile-ukunqanda-izifo-emphakathini/
Uyakuthakasela ukuzisebenza ngoba kumnika inselelo, kumenza ahlale ecabanga izindlela ezizosimamisa ibhizinisi futhi kumxhumanisa nabantu abaningi abavela ezindaweni ezihlukene.
“Amakhasimende ami abanikazi bezitolo, abanamabhizinisi okupheka, abahleli bemicimbi, nabo bonke abantu abadinga amanzi ahlanzekile anempilo abangawethemba,” kusho uKhumalo.
UKhumalo uthi okwamanje kusenzima ukufinyelelisa umkhiqizo wakhe kubantu ngoba akanayo imali yokwandisa izinsizakusebenza.
Le nselelo ubhekana nayo ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhangisa nokusabalalisa umkhiqizo we-Ivati Beverages futhi uyangqongqoza nakweminye iminyango athemba ukuthi izomsiza.
Kwabafisa ukuqala ibhizinisi, iseluleko siKhumalo sithi: “Qala, musa ukulinda. Musa ukufuna ukuqala ngento enkulu kodwa qala noma yingani onayo, uzimisela, uziqhenye ngento yakho, uzoyibona imiphumela emihle.”
Okwamanje amabhuku ebhizinisi awakavumi ukuthi kubenomuntu elimqashayo kodwa njengawo wonke amabhizinisi liyafisa ukuqasha abantu uma isimo sesivuma.
Ufisa ukuthenga imishini emikhulu yokuzikhiqizela amanzi njengoba amakhasimende akhe anda. “Ngifisa ukudlondlobala ngiqashe abafowethu nodadewethu abangasebenzi emalokishini ahlukene,” kusho uKhumalo.
Facebook: UncleSano Khumalo Ka Shange
Instagram: @uncle_sano
Tik Tok: @babakakuhle naku

