Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba yethule umbiko ngokuthi izinto zihambe kanjani ngamaholidi angoDisemba esithangamini nabahleli e-Octavia Hotel eNanda, eThekwini, izolo. Izithombe: Zithunyelwe

Izinto zihambe kahle kakhulu ngamaholidi angoDisemba

YINTATHELI KAMASIPALA

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi izinhlelo zikamasipala zamaholidi angoDisemba zibeyimpumelelo enkulu ikakhulu emnothweni wedolobha. 

Isho kanje esithangamini semeya nabahleli bamaziko ezindaba ehlukene e-Octavia Hotel eNanda, eThekwini, izolo. Kulesi sithangami bekukhona usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho uMnu uThembo Ntuli, imenenja yedolobha ebambile uMnu uSipho Cele, izimenenja zikamasipala, inhloko yamaPhoyisa kaMasipala uMnu uWiseman Mchunu nabalingani bemboni yezokuvakasha.

“Singabaholi bedolobha sibize lesi sithangami ukuzobika kini nezakhamuzi zaseThekwini ngemiphumela yokusebenza kwethu ngamaholidi angoDisemba wango-2025 kuya ekuqaleni kwango-2026,” kusho yena.

UXaba ubalule nezinhlelo zangalo nyaka zikamasipala nesikhungo sayo iDurban Tourism zokuheha izivakashi ezingenisa imali emnothweni wedolobha.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/08/umasipala-wasethekwini-umi-ngomumo-ukumukela-izivakashi-ngamaholidi/ 

Ubalule umphumela wezinhlelo emnothweni, izibalo zezivakashi nomphumela odidiyelwe wezinhlelo zokuphepha ebezisebenza ngamaholidi angoDisemba.

Ubonge amaziko ezindaba ngokubika ngeqiniso ngemboni yezokuvakasha, wathi ukholwa wukuthi ngokubambisana umasipala nezintatheli bazoqhubeka babike izindaba ezinohlonze ngokusimama nempumelelo yedolobha.

Imenenja kamasipala ebambile uMnu uSipho Cele, umhleli weSolezwe ngeMpelasonto uMnu uZwelakhe Ngcobo, uNtuli, uXaba, umhleli weDally News uMnu u-Ayanda Mdluli nomhleli weSunday Tribune uMnu uSandile Mdadane

UXaba uthe: “La maholidi angoDisemba abemahle kakhulu eThekwini kanti kade kwagcina. Okokuqala ngemva kwezikhukhula zango-2022, wonke amabhishi ethu awu-23 abevuliwe ukuze kubhukudwe ngokuphepha. Ukwenzela ukuphepha, savala amabhishi amabili noma amathathu isikhashana ukuqinisekisa ukuthi asezingeni eliphezulu. Loku kukhombisa ukuzibophezela kwethu okunqala ekulungiseni nasekuphuculeni ingqalasizinda yamanzi, okumqoka ekusimamiseni umnotho nokutshala imali,” kusho imeya.

UXaba uqhube wathi: “Sithakasile ukubika ukwanda okukhulu kwezivakashi uma kuqhathaniswa nango-2024. Izibalo zikhombisa ukuthi eThekwini kuvakashe abantu abawu-1.2 million, besuka ku-998 000 ngonyaka odlule – okunyuke ngo-19%. 

“Isibalo sabantu  ezindaweni zokulala sinyukele ku-77%, sisuka ku-72% ngo-2024. Imali engene kwezokuvakasha isuke kuR2.2 billion yaya kuR2.7bn, okuwukunyuka ngo-24%. Isikali esifakwe yilo mkhakha emnothweni sisuke kuR5.5bn saya kuR9.6bn, kwadaleka amathuba omsebenzi angaphezu kwawu- 14 000. Lezi zibalo zikhombisa ukuthi ezomnotho zineqhaza elikhulu emnothweni wendawo,” kuphetha imeya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page