UNkk uBoni Mchunu, i-managing director ye-East Coast Radio

Izithombe: Zithunyelwe

Imisebenzi eyayithathwa njengehloniphekile ebantwini abamnyama wayeyisabisa okwegazi esakhula. Nokuhlupheka wayekusabisa okwenyoka. Namuhla usebe yisikhulu ezinkampanini ezinkulu ezihlukene. Ulandise uSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

WAYENGAZI ukuthi ufuna ukwenza muphi umsebenzi ngenkathi ekhula kodwa ayekwazi kahle yizinto ezine ayengafuni ukuba yizona. Uthi wayengakufuni ukuhlupheka, ukuba wumhlengikazi, uthisha nephoyisa.

Nebala ukwazile ukukugwema konke lokho njengoba namhlanje engomunye wabesifazane abambalwa abaphethe imisakazo. UNkk uBoni Mchunu, uyi-managing director ye-East Coast Radio (i-ECR), eminye yemisakazo emikhulu KwaZulu-Natali kanti waba ngomnyama wokuqala ukuqokelwa kulesi sikhundla.

UNkk uMchunu ukhuliswe wuyise nodadewabo abane njengoba unina ashona besebancane kanti yena uwuthumbu.

“Ngangithi hheyi umuntu uhluphekile ekhaya, angifuni ukuhlupheka. Yize sikhula emalokishini abantu esasibabona ababevelele kwakuwothisha, onesi namaphoyisa futhi ukubona bona kwakusikhuthaza kodwa ngangithi angifuni ukuba wunesi ngoba igazi ngiyalisaba futhi angifuni ukubona abantu abashonile. Ngesikhathi sikhula thina kwasekunale nto yeziteleka othisha bedelelwa; ngangazi ukuthi ngeke ngilunge lapho. Ukuba yiphoyisa… amaphoyisa ayebulawa uyabona nje.

“Ngakho ngangazi ukuthi ngifisa ukuphumelela kodwa ngingazi kahle ukuthi kanjani kodwa ngangazi nje ukuthi uma ngifundile. Thina sikhula elokishini into esasiyibona yibona laba bantu ngoba wawungababoni abantu abaphethe izinkampani noma wawungeke uzwe umuntu ethi uyimenenja yezokukhangisa kodwa yize ngangiluthola ugqozi kothisha, onesi namaphoyisa kodwa ngangazi ukuthi angibizelwe kuloko mina,” kulanda yena.

Loku kubuka izinto ngeso elibanzi yinto akade ayiqala njengoba yize wayazi ukuthi uyise ngeke abe nawo amandla okukhokhela imfundo ephakeme kodwa loko akumthenanga amandla. Kunaloko wasebenzisa ukuthi u-anti wakhe usebenza enyuvesi njengoba wayengomunye wabantu ababehlanza izakhiwo khona.

Wahamba naye benodadewabo amelamayo bephethe imiphumela kwase kuthiwa yena angalunga ezifundweni ezithinta imali nokuphathwa kwamabhizinisi uma bebuka imiphumela yakhe. Waqala kanjalo wafundela i-Bachelor’s Degree Marketing Management.

Eseqedile, waqala wafuna umsebenzi kanti washeshe wawuthola. Wabona isikhangiso kwelinye lamaphephandaba endawo, akangapholisa maseko washona khona. Kwakuwumsebenzi omunye umuntu ayengawubukela phansi, ikakhulukazi njengoba wayeseneziqu kodwa hhayi uNkk uMchunu.

Mlalele echaza ukuthi ukuthatha umsebenzi “odelelekile” wokudayisa izihlahla zikaKhisimuzi kwamsiza ngani.

Esesuka e-Absa kwafezeka iphupho ngesikhathi ejoyina i-Unilever agcina eseyi-brand marketing manager kuyo. Lena kwakungenye yezinkampani ayeke wayithandazela esho ukuthi angathanda ukuyisebenzela.

Usuke lapho waya kuhulumeni njengoba asebenzela iTourism KwaZulu-Natal (i-TKZN) njenge-general manager: marketing, lapho ayeqondene khona nokudayisa lesi sifundazwe kwamanye amazwe, ehambe etshela abantu ukuthi kungani kumele bavakashe kusona.

Usuke khona wayeseya e-ECR. Uthi ukushintsha imikhakha nezinkampani yinto angayinqeni ngoba ushintsho luyohlale lukhona empilweni. “Ngiyaluthanda ushintsho. Namanje njengoba kuneCOVID-19 kudingeke ukuthi sishintshe indlela esisebenza ngayo la emsebenzini. Siyashintshana nangezinsuku zokuza emsebenzini. Abanye kuyabahlupha lokho kodwa mina akungixaki nhlobo. Ngiyambonga noNkulunkulu ngokungipha umqondo wokuthi ngikwazi ukusebenza kulezi zindawo ezihlukene ngifike kuzona ngijwayele futhi ngisheshe ngifunde.”

Useneminyaka eyisithupha ephethe i-ECR kanti impela ufike kwezwakala. Uthi into enkulu ayithandayo ngalo msakazo yindlela olekelela ngayo emphakathini njengoba ethi yibona abafika kuqala uma kunenkinga bezolekelela ngandlela thizeni. Uvumile ukuthi lona ngumsakazo ayengawulaleli nhlobo kodwa wayazi ngawo ngoba wayeke ayihambele eminye imicimbi yawo. Wayengaziboni yena esebenza khona kodwa kukhona okwamshintsha umqondo. Muzwe echaza ukuthi kwenzeka kanjani.

Umsebenzi oseqhulwini anikwa wona kwakuwukuthi aqinisekise ukuthi lo msakazo uba ngowabo bonke abantu baseKZN nokwenza ukuthi athi esanda kufika ezinye zezinguquko azenza kwaba wukuletha “uPhat Joe” ohlelweni lwantambama.

“Njengosomabhizinisi kwakumele ngiqinisekise ukuthi engikwenzayo akulilimazi igama lethu futhi akusishayi ephaketheni. Zakhula kakhulu izibalo kodwa kunezinye izinto ezazenzeka ezazingahambisani naloku esiyikona, nokwaphoqa ukuthi senze izinqumo ezithize ukuvikela igama lethu,” kusho uNkk uMchunu.

U-Phat Joe wagcina “esulile” emva konyaka efikile. Ngesikhathi sakhe kwafakwa izikhalo eziwu-77 ngaye kwiBroadcasting Complaints Commission of South Africa.

Enye into aseyenzile wukuthi babe wumsakazo wokuqala “ojwayelekile” osuwethule owawo umsakazo otholakala kwi-internet kuphela, i-East Coast Radio Gold nabayethule ngo-2019.

Lona wumsakazo osakazela abalaleli abaneminyaka ewu-50 kuya phezulu kanti unezinhlelo zawo nabasakazi bawo futhi uyakhula njengoba usunabalaleli abawu-30 000. Umsakazo wabo lona ojwayelekile unabalaleli abawu-1.1 million.

“Uma sithi sihamba phambili KwaZulu-Natali sisho loko ngempela futhi sisho ngayo yonke into. Siyathanda ukuzama izinto ezintsha nokuba ngamavulandlela. Imithetho elawula imisakazo kuleli zwe ayivumi ukuthi umsakazo owodwa ube nemisakazo emibili lena ejwayelekile endaweni eyodwa kodwa ayikho inkinga ngalona we-internet. Ucwaningo esalwenza ngaphambi kokuwethula lo msakazo yilona olwasikhombisa ukuthi sidinga hlobo luni lomlaleli okumele silufune. Yize kuthiwa abantu abadala ne-digital akuhlangani kodwa empeleni akunjalo kulaba abaku-LSM 6-10, bayakwazi ukusebenzisa i-website kanti futhi lo msakazo uyatholakala nakwi-DSTV,” kusho yena.

UNkk uMchunu uthe enye yezinto azithandayo ngalo msebenzi wakhe wukuthi uyakwazi ukwenza nezinhlelo zokunikelela abahlwempu, ikakhulukazi izinhlelo zabo ezithinta ukusiza ukuthuthukisa ezemfundo.

Uthi izinto azijabulelayo ngamathuba aseke wawathola emisebenzini ehlukene yileli lokusebenzela izinkampani ezifundisanayo njengoba esakwazi ukwengeza kwiziqu zakhe ngezinye. Une-Diploma in Business Management kanti uke waya naseLondon Business School eyokwenza i-Executive Leadership Programme. Kulo nyaka uqale iziqu zeMBA eGibs.

UNkk uMchunu useke wajikeleza amazwe

Ubalule ukuthi ukusebenzela i-TKZN kwaba yinto enkulu njengoba athola ithuba lokuya emazweni awu-70, nokuyinto athi wayengeke akwazi ukuba namandla ayo.

UNkk uMchunu unesifiso sokuziqalela ibhizinisi ngelinye ilanga nenhlangano esiza abantulayo.

Okunye ngaye:

  • Uzalelwe eMbali, eMgungundlovu;
  • Uneminyaka ewu-20 agana;
  • Unabantwana abathathu;
  • Ngale kukayise, abanye abantu abukela kubona nabamcathulisayo ngezinto ezihlukene empilweni ngasondelene nabo njengomama basenkonzweni yakhe;
  • Kwabanye abadumile ahlonipha imisebenzi yabo ubalule u-Oprah Winfrey noKhanyi Dhlomo;
  • Ukhonze ukufunda izincwadi kanti omunye wababhali abathandayo wuRobin Sharma;
  • Ukhonze ukugijima, ukushova ibhayisikili nokuzikhipha ngokuyobhucunga umzimba;
  • Ukhonze ukupheka nabantwana bakhe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page