UMasipala waseThekwini uthuthela enkundleni entsha yokukhangisa imisebenzi
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini usukhangisa imisebenzi enkundleni yobuchwepheshe kusukela kuqale le nyanga kuze kubewumhlaka-1 wangoFebhuwari wonyaka ozayo.
Uphiko lwakwandabazabantu luthuthela ohlelweni olusha olu-online i-Oracle HCM, lusuka ohlelweni iNeptune. Ukumiswa kwale nkundla yezemisebenzi kwenzelwa ukuthi kushintshelwe enkundleni entsha ngaphandle kwezihibe.
Umbiko omayelana naloku wethulwe emhlanganweni wesigungu esilawula ukusebenza kukamasipala obungomhla ka-19 wangoNovemba. Uhlelo olusha luhambisana nesikhathi samanje futhi lwakhelwe ukwenza izinqubo zokuqasha zibelula nokuthi ukufaka izicelo zomsebenzi kusheshe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/14/ukuqeqesha-osomabhizinisi-abancane-embonini-yegesi-kudala-imisebenzi/
I-link yenkundla yemisebenzi ebisetshenziswa i-eRecruitment igcine ngomhlaka-30 wangoNovemba. Kusukela ngomhlaka-1 wangoFebhuwari, yonke imisebenzi isizoshicilelwa kwi-Oracle HCM kwi-website kamasipala.
Okwamanje azikho izikhala zemisebenzi ezizokhangiswa kwiNeptune noma kwezinye izinkundla zomsebenzi ezinjephephandaba likaMasipala iMetro eZasegagasini nakwamanye amaphephandaba nezinye izinkundla.
Inkundla ezosebenza okwamanje yi-Outreach and Capacity Building, ezovunyelwa ukukhangisa nokwamukela izicelo zemifundaze ngalesi sikhathi.
Uma kwenzeka kuvuleka izikhala zomsebenzi ezidinga ukuvalwa ngokushesha, izikhangiso zizofakwa emahhovisi ngqo.

