UNkk uPam Biyela noNkk uNomkhosi Gumede, abasunguli beZulu Girl Wines yaseCenturion, ePitoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Izintombi zamaZulu zihlangene ngewayini elishelelayo

WUTHOBILE ZWANE 

ABANGANI asebezwane iminyaka engaphezu kwewu-20 abathi njalo uma behlangana bazijabulise ngewayini babona ithuba lokuzenzela elabo ngesikhathi kuvalwe utshwala emva kokubheduka kwe-Covid-19

UNkk uNomkosi Gumede, waseNanda, eThekwini, KwaZulu-Natali, kodwa osezinze eGauteng noNkk uPam Biyela, waKwaMashu osezinze eCenturion, ePitoli, eGauteng, bangabasunguli beZulu Girl Wines, eyenza iwayini.

Bathi bangabantu abalithandayo iwayini okuthi njalo uma behlangana bazishayele lona. Ngo-2020 ngesikhathi bungasatholakali utshwala baqala ukuzenzela iwayini. Bathi benza ucwaningo, kwathi ngemva kokuzama kaningi baqhamuka newayini elimtoti. 

Banezinhlobo ezihlukene zewayini, okubalwa i-Merlot, i-Sauvignon Blanc 2023 Viintage. Maduze bazokuthula i-Rose 2025 Vintage. ibhodlela eliwu-750ml libiza uR150.

Amawayini eZulu Girl Wines

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/05/13/intokazi-yaselokishini-ezifela-ngomvini-obomvu-isembhidlangweni-wokuthi-iwayini-libe-yingoma-emnandi-endlini-emnyama-ixoxe-nolanga-khanyile/

Bechaza ngegama bathi njengoba bengabantu abadabuka eThekwini kodwa asebehlala eGoli baqamba igama elibakhumbuza umsuka wabo.

“Uyazi uma uphuma eThekwini, abantu bahlale besibiza ngamantombazane amaZulu. Ngokwabo, (eGoli) isiZulu sethu sijulile ngoba zisuke ziziningi izizwe. Abantu uma bengalikhumbuli igama lakho bahleli bethi ‘Zulu girl’. Ugcina usuziqhenya ngobuwena, uziqhenya ngokubawumZulu. Igama lamawayini ethu saliqamba kanjalo,” kusho uNkk uGumede.

UNkk uBiyela uthi uhambo lwabo alubanga lula, njengoba ibhizinisi lidinga imali ukuliqala. “Ukubawosomabhizinisi abangaxhasiwe ngezimali kuyinselelo enkulu. Sisekwa abangani nemindeni yethu. 

“Nokungena embonini yewayini singabantu abamnyama enye inselelo ngoba siyazi ukuthi iningi elikule mboni abantu abamhlophe besilisa kodwa sakwazi (ukubhekana nalezo) zingqinamba ngokululekwa ngabanye osomabhizinisi, imindeni yethu, ukutshala imali eningi ebesiyongile nokungqongqoza eminyangweni ehlukene, ezitolo nasezinkundleni zamabhizinisi nezokuxhumana,” kusho yena.

Uthi yize behlangabezena nezinkinga kodwa abadikibali futhi azibatheni amandla ukuze bathola le nto abayifunayo.

Okwamanje umkhiqizo wabo utholakala ezitolo ezikhethiwe nasemabhanoyini eSouth African Airways nasendaweni yokulinda yamakhasimende yale nkampani.

Bathi sebeqashe izisebenzi ezinhlanu eziqashwe ngokuphele, ezinye abahamba nazo uma beyokhangisa imikhiqizo yabo ezindaweni ezihlukene, njengakwi-reSURGEnce Durban 2025 ebingesonto elidlule e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre. 

Bathi into ebathokozisayo ngokubanebhizinisi wukwazi ukuthi basebenzela izingane zabo, yinto yabo nokuthi basebenzela izizukulwane ezizayo.

“Sivula iminyango kubantu abanye abamnyama besifazane nabesilisa,” kusho uNkk uGumede. 

Iseluleko sabo kwabafisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Ibhinzinisi akulona elabantu abanenhliziyo ebuthaka noma encane kodwa udinga ukugxila entweni ofisa ukuyifeza futhi ukwazi ukumelana nezikhathi ezinzima.”

UNkk uGumede uthi akufanele ungene ebhizinisini ngoba ujahe imali esheshayo ngoba kukekubenesomiso ebhizinisini. 

Bafisa ukuthi iZulu Girl Wines idume, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page