Bonolo Scents-Tebello-Khanya-Umbele
UNksz uTebello Khanya, umsunguli weBonolo Scents yaseSasolburg, eFree State, eyenza izinto zokuthambisa izingubo ezingayilimazi imvelo . Izithombe: Zithunyelwe

Iso elibukhali lenza wabona ithuba lomkhiqizo omusha ovikela imvelo

WUTHOBILE ZWANE

UKUBONA ukuthi imikhiqizo ayeyisebenzisa elondolo yayo ilimaza imvelo kwanika usomabhizinisi waseFree State umqondo webhizinisi. 

UNksz uTebello Khanya, waseSasolburg, waqala ibhizinisi lakhe iBonolo Scents ngesikhathi kubheduke i-Covid-19 ngenhloso yokuphungulela umthwalo abantu abangasitholi isikhathi sokuwasha.

Uthi wayezihlalele nje ngesikhathi ezwa unina nomngani wakhe bekhononda ngokungasitholi isikhathi sokuwasha izingubo zabo zokugqoka ngenxa yokubamatasa. Unina nomngani bangabahlengikazi esibhedlela iFezi Ngubentombi eSasolburg. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/29/unamaphupho-amakhulu-onebhizinisi-elikhulayo-lemikhiqizo-yokuhlanza/

“Ngezwa umama nomngani wakhe bekhuluma ngobunzima ababhekene nabo bokungasitholi isikhathi sokuwasha. Ngabe sengicela ukusiza umngani kamama ngokumwashela izingubo zakhe. Wawuthanda umsebenzi wami kangangokuthi watshela abanye. Ngokushesha abantu abaningi bacela ukuthi ngibasize, ibhizinisi lami laqala ukukhula,” kukhumbula yena.

Uthi njengoba abantu abaningi babetheleka befuna ukuwashelwa, uMasipala wesifunda iFezile Dabi wamsiza ngemishini yokuwasha nama-ayina ukusimamisa umsebenzi wakhe. Waqasha abantu abane ukuthi bamsize njengoba umsebenzi wawusuwandile.

Njengoba ebeseyilondolo enkulu emva kokuthola imishini, wabona inkinga entsha ukuthi imikhiqizo yokuwasha nokuthambisa izimpahla ayeyisebenzisa ilimaza imvelo.

Wabhalisa ngokusemthethweni iBonolo Scents ekhiqiza insipho yokuwasha eyimpuphu nomkhiqizo wokuthambisa izimpahla nokuzinukisa kamnandi.

Imikhiqizo yeBonolo Scents ethambisa izingubo kodwa engayicekeli phansi imvelo

Ukwazi ukuzenzela imikhiqizo, uNksz uKhanya waya ukuyocijwa eSouth African Chemical Technology Incubator, lapho athola khona amakhono okukhulisa ibhizinisi lakhe.

IBonolo iScents iyadlondlobala mihla namalanga futhi inezinhlelo ezinkulu ngekusasa. “Ngisayine inkontileka nesitolo esikhulu. Maduze nje iBonolo Scents izodayisa ezweni jikelele. Loku kusho ukuthi ngizodinga abantu abengeziwe, okubalwa kubona abashayeli, abazopakisha nabanye. Ngijabule ngekusasa,” kusho uNksz uKhanya.

Facebook: Bonolo Scents

Instagram: Bonolo Scents

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page