Akube yisifundo kuHulumeni woBumbano ukuhlehlisa iSabelomali – izingqapheli
WUBONISWA MOHALE
KUSHAQISILE ukuhlehliswa kweSabelomali ebesibhekwe ngabomvu ngabantu baseNingizimu Afrika, abatshalimali namanye amazwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/asethulwanga-isabelomali-ebesibhekwe-ngabomvu/
Isikhulu esiphezulu senhlangano yosomabhizinisi iBusiness Unity South Africa uMnu uKhulekani Mathe sithi baphoxekile ngokuhlehliswa kokwethula iSabelomali ngoba akwakhi isithombe esihle emazweni omhlaba, kosomabhizinisi nakubatshalimali.
Sithe loku kufanele kubeyisifundo kwi-ANC ukuthi uma ibambisene namanye amaqembu ukuphatha izwe, ibambisane nawo ngokweqiniso ngoba kuyacaca ukuthi ukungabambisani kahle kuzophazamisa izinhlelo zikahulumeni.
“Siyasiqonda isizathu sokuhlehliswa kweSabelomali kodwa siphoxekile ngoba umhlaba uyabuka. Lesi senzo sizokwenza amanye amazwe, imboni ezimele nabatshalimali ukuthi babemanqika ngokwenzeka ezweni lethu. Kuyimanje bayazibuza ukuthi ngabe ngalowo Mashi osushiwo sizokwazi yini ukusethula iSabelomali.
“Akusiyo into enhle lena eyenzekile futhi kufanele ibeyisifundo kwabaphethe izwe ukuthi kufanele babambisane ngokweqiniso,” kusho yena.
Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithi kuyaqala ukuthi kuhlehliswe iSabelomali futhi kushayisa ngamahloni.
Sithi loku ngeke kwakhe isithombe esihle ngoHulumeni woBumbano, ikakhulu kumengameli waseMelika uMnu uDonald Trump nasebenzisana naye uMnu u-Elon Musk ababonakala bengayifuni iNingizimu Afrika.
“Isinqumo sokuhlehliswa kweSabelomali sikubeka kucace ukuthi i-ANC ithathe izinqumo yodwa ngaphandle kokuxoxisana namanye amaqembu ebambisene nawo kuhulumeni.
“Ukube ibixoxile namanye amaqembu ngabe acelile kusenesikhathi esanele ePhalamende ukuthi iSabelomali sihlehliswe ngoba kukhona okungavunyelwana ngakho, hhayi ukuthi sihlehliswe ngomzuzu wokugcina.
“Uma kuwukuthi ngempela ungqongqoshe (womNyango) weziMali ebefuna ukunyusa intela ekhokhwa uma abantu bethenga ezitolo i-value added tax (i-VAT), ngiyavumelana nabamise ukuthi akumemezele loku. Akufanele kunyuswe intela ngoba abantu badonsa kanzima. Kufanele abone ezinye izindlela zokungenisa imali,” kusho yena.
Umengameli we-General Industries Workers’ Union of South uMnu uMametlwe Sebei uthi ukuhlehlisa iSabelomali kukhombisa ukuthi kunenkinga enkulu kuHulumeni woBumbano.
“UGodongwana (ungqongqoshe womNyango weziMali) ubeganga uma efuna ukunyusa i-VAT, phela ubefuna ukubeka ukuthwesa abangampofu (nezisebenzi) izinkinga zikahulumeni. Ngibona sengathi kusazobanezinkinga ngoba i-ANC ne-DA kubonakala bengavumelani ngokuthi kufanele ivele kuphi imali yokulungisa izinkinga zezwe.
“I-DA ayifuni kubenombhedukazwe njengoba kwenzeke eKenya ngesikhathi uhulumeni ukhokhisa abantu intela ngenkani. Ifuna kungene imboni ezimele ezongabacabangeli abampofu. Sisenkingeni ngalo Hulumeni woBumbano,” kuphetha yena.

