UNksz uSethembele Nxele, umnikazi weGotta Be Rich Agri Farming, yaseMpangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Uvuna engatshalanga osebenzisana nabalimi ukukhiqiza i-𝙨𝙖𝙪𝙘𝙚 nejusi ka-𝙗𝙚𝙚𝙩𝙧𝙤𝙤𝙩. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UBONE isibalo sentsha engena kwezolimo sikhula njalo ngakubo. Nakuba kunjalo kepha bayindlala abakhuthalela ukuthatha isivuno benze ngaso okunye okungenisa imali. Iningi lijaha ukudayisela abantu nasezitolo.

Yiloko okwenze uNksz uSethembele Nxele wasungula iGotta Be Rich Agri Farming, ekhiqiza i-sauce kapelepele nejusi ka-beetroot ngomkhiqizo awuthenga kubalimi bendawo.

UNksz uNxele, waseSikhawini kodwa osehlala Empangeni, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uthi wayengakaze aziphuphe engena kwezolimo, yize unina (ongasekho) ayelima kodwa wukubona ithuba kule mboni ngakubo okwenza wagxuma wahlala ngonyaka odlule.

Uthi: “Ngabona ukuthi abalimi abaningi bangasekhaya bagculiswa wukubona imikhiqizo yabo isezitolo futhi ithengwa ngabantu, abazihluphi ngokunye abangakwenza ngayo ukubangenisela imali. Yingakho ngiqale le nkampani ngonyaka odlule ukuvala leso sikhala nge-sauce nejusi kwami engikwenza ngemikhiqizo engiyithenga kubona.”

Akuthanda nge-sauce yakhe kapelepele nejusi yakhe ya-beetroot wukuthi waqala ngokuyokuhlola e-lab ukuqinisekisa ukuthi akunabungozi kumakhasimende akhe. Amanani akhe asuka kuR25 kuya kuR35.

Ijusi eyenziwe ngo-beetroot yaseGotta Be Rich Agri Farming isilungele amakhasimende 

Ukushonelwa wunina eseneminyaka ewu-12 benomfowabo owayeno-10 ngaleso sikhathi ngezinye zezinto ezamkhuthaza ukuthi aqhamuke nendlela yokuziphilisa.

“Sikhule kanzima (nomfowethu) sisizwa womakhelwane, kwaze kwangenelela nabezenhlalakahle ngoba singenamuntu esingaphephela kuyena. Loko kwenza ngazitshela ukuthi uma sengikhulile ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuxosha ikati eziko.”

“Yingakho ngaphambi kokuqala ibhizinisi le-sauce nejusi, ngiqale elezimpahla zokugqoka, elisekhona namanje, iGotta Be Rich Clothing ngisebenzisa amava eminyaka emithathu engawathola ngisasebenza eMr Price ngaphambi kokusula khona ngo-2018 sengingena kwezamabhizinisi.”

I-sauce yakhe, okuyiyona ehamba ngamandla, uyidayisela izitolo zokudla, amashisanyama nesinye isitolo esiseNseleni Shopping Centre.

I-sauce ehamba ubuthaphuthaphu yeGotta Be Rich Agri Farming. 

Nakuba kunjalo kodwa zikhona izinselelo. Uthi: “Inkinga enkulu engibhekene nayo wukuthi angikabi nemishini emikhulu yokwenza imikhiqizo yami ngokushesha, okwenza ngingakwazi ukuwenza ngendlela engifisa ngayo.”

Kwezinye izinselelo abhekene nazo ngabantu abafuna ukwazi imfihlo yakhe yomkhiqizo wakhe. Uthi kuyaxaka loku ngoba kusho ukuwa komsebenzi wakhe. Muzwa echaza:

Nokho uthi ugculisekile ngendlela eliqhuba ngayo ibhizinisi, njengoba eseqala nokungenisa nakwezinye izifundazwe.

  • Facebook: Gotta Be Rich Agri Farming
  • Instagram: sthesh_nongalo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page