I-BRICS isinamalungu amasha. Isithombe: iwebhusayithi yeBRICS

Kuqopheke umlando eNingizimu Afrika iBRICS yengeza amalungu

  • KUZOKWENGEZWA amazwe ayingxenye yabumbe iBRICS. Eminyakeni ewu-15 edlule, lo mfelendawonye ububunjwe yiBrazil, iRussia, i-India, iChina neSouth Africa. Kusukela ngonyaka ozayo sekuzoba khona i-Argentina, iGibhithe, iTopiya, iSaudi Arabia ne-United Arab Emirates. 
  • IBHANGE loMbuso seliluphothulile uphenyo ebelulwenza mayelana namadolar antshontshwa epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa ePhala Phala ngo-2020. Leli bhange lithe awukho umthetho wokulawula imali eqhamuka kwelinye izwe ophuliwe ngoba kwagcina kungekho okudayisiwe noma okuthengiwe. IBhange loMbuso beliphenya isikhalo esafakwa wuMnu u-Arthur Frazer. Lithe lizokwethula umbiko ngalolu phenyo ePhalamende.
  • Kucashunwe ehhovisi likaMengameli naseBhange loMbuso

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page