Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMawuena Geyevu, umlingisi ophinde amodele. Useke walingisa emidlalweni okubalwa kuyo i-The Encounter, The Edge Webseries, Umkhokha neDurban General
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngangikhokhelwa noma ngithengelwe izidingo zangaleso sikhathi kuphela.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngo-2008, ngayivula eFNB.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi kumqoka ukuyonga nokuyisebenzisa ngokucophelela.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngiqale ngo-2010 ngiyi-receptionist, ngihola uR2 000 ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Noma ngingasakhumbuli kahle, kodwa ingxenye yawo yaphelela ezidingweni zasendlini engangihlala kuyona no-anti.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngaphandle kokuthenga imoto, wukuthenga izindlu eziqashisayo.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuba nekhadi lokuthenga ngesikweletu.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Yebo, ngangena kuleli leMMM. Ngathola imali ngisaqala, enye yacwila ngokuqhubeka kwesikhathi.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kubalulekile ukonga nokuphatha kahle imali; ugweme ukuthenga izinto ongazidingi.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga ezinye izindlu eziqashisayo bese enye ngiyisebenzisa ukuzijabulisa (ngokuvakashela ezindaweni) ezihlukene.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi ababeke imali uma izinto zisabahambela kahle ukuze bakwazi ukuphila uma sekunendlala yomsebenzi.
