UMnu uJohn Nhleko, umnikazi weMjonaiza Farm yaseGlencoe, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi wemikhiqizo yobisi oke wathwala kanzima uhleka yedwa manje. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

NGUYE kuphela umlimi omnyama odayisela inkampani enkulu eyenza imikhiqizo yobisi i-Orange Groove. Wumvuzo lona awuzuze emva kokudlula ebunzimeni obucishe bamlahlekisela ngepulazi. 

UMnuz uJohn Nhleko waseGlencoe, KwaZulu-Natali, wumnikazi wepulazi elifuye izinkomo zobisi  iMjonaiza Farm elinamahekhthare awu-106 eWasbank. Wazi kahle ukuthi uma kukhulunywa ngezinselelo ezingakwenza ushiye phansi iphupho lakho ukuthi kukhulunywa ngani.

UNhleko, owake wasebenza eMnyangweni wezoLimo KwaZulu-Natali, noneziqu i-Bsc in Agriculture zase-University of Zululand, uthi wayehlele ukusebenza iminyaka emihlanu bese ezimela kodwa akwenzekanga kanjalo. Ugcine esebenze iminyaka ewu-22 ngaphambi kokuthola ipulazi lakhe.

Uthi kuphele iminyaka emihlanu ehambisa uhlaka lwebhizinisi lakhe ebhange iThala ukuze limthengele ipulazi, yena akhokhele lona kancane kancane.

Uthi: “Kuthathe iminyaka emibili ukuthi ipulazi libhaliswe egameni lami. Ngaleso sikhathi mina bese ngibhuquza ekhaya ngoba ngashiya emsebenzini ngoba ngazi ukuthi kuzothatha izinyanga ezintathu.”

UNhleko ezibambele mathupha epulazini

Washiya emsebenzini ngo-2019 kodwa uze waqala ukusebenza kulona ngo-2021. “Ngangihlele ukuthi ngizofuya izinkomo zobisi kodwa ibhange langishintshisa lathi angitshale iklabishi ngoba ucwaningo olwenziwa kudala luveza ukuthi kumele uma uzofuya izinkomo zobisi uqale kweziwu-300 ukuze wenze inzuzo. 

“Ngafakwa ohlelweni lwabalimi abasafufusa i-Radical Agrarian Socio-Economic Transformation, ngatholelwa ikhasimende eliwumNyango weMfundo. Ngatshala iklabishi nginethemba lokuthi nginemakethe kodwa ikhasimende lashaya ungqimpothwe. Ngehluleka ukuzidayisela lelo klabishi ingakapheli inyanga,” kulanda yena.

Uthi ibhange lamhlala entanyeni lifuna imali yalo, lingenandaba nokuthi izinkinga zidalwe yini.

Uthi: “Ngashintsha ngabuyela ohlelweni lwami ngathenga izinkomo zobisi eziwu-15 ngisizwa yisikhungo esisiza abafuyi bezinkomo zobisi iMilk SA. Ngayithola imakethe okuyi-Orange Groove kodwa ngehluleka ukuletha umthamo wobisi abawudingayo kodwa balwemukela lolo enginalo. Ngaleso sikhathi izinkinga zami nebhange zase zinzima kakhulu selifuna ukulidla ipulazi. Ngasizwa Umzinyathi Development Agency (i-UDA) owangithengela izinkomo eziwu-40 ngo-2022.”

Uthe ukwanda kwezinkomo kwenza akwazi ukukhokhela ibhange, izisebenzi, athenge imijovo nokudla kwezinkomo. Uthe ezinye izinkomo zafa, ezinye zibulawa imikhaza eyenza ukuthi zichame igazi.

Ezinye zezinkomo zeMjonaiza Farm

Ngonyaka odlule utshale umbila ongamahekthare angu-15 ukuze akwazi ukwenza isangcobe esidliwa yizinkomo zobisi.

“Akungisizanga kakhulu loko ngoba bengingenawo umshini wokuvuna umbila wesangcobe ngoba abalimi ebengithembe ukuthi bazongiboleka nabo bebetshale umbila kakhulu, owami uze woma ungavunwanga ngisalindile.

“Ngaphezu kwaloko bese kuqale nezinkinga zikagesi. Ngisizwe yiyo futhi i-UDA ekuqaleni kwalo nyaka yangithengela igenerator nomshini wokuvuna,” kusho uNhleko.

Uthe izinkomo anazo zisashoda, ikakhulukazi ngoba eziningi zimithi. 

Uthe ngokubona kwakhe uma engase abe neziwu-100 kuya kweziwu- 150 kungasebenzeka kahle yize kuye kuthiwe kudingeka ukuthi zibe ngu-300 ukuze kube nenzuzo eyenele.

Facebook: John Nhleko

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page