Kuyasilimaza ukulala siphenduka ngenkinga kagesi, kuloba uBusi Mavuso

CISHE asisafuniseli ukuthi nakanjani kulobu busika ugesi uzocinywa ngokwesigaba sesishiyagalombili. Ukushoda kukagesi owu-15GW kuzosibeka esigabeni sesihlanu kanti uma kuke kwakhona enye into efayo, sizokhuphukela ezigabeni ezilandelayo kusukela lapho.

Uma kuke kwashoda u-18GW, sizongena esigabeni sesishiyagalombili kanti uma sibheka indlela izinto ezenzeka ngayo muva nje, kungenzeka ugesi ungabi bikho nhlobo. 

Uma sibheka ukuthi sivele siphehla ugesi ongaphansi ngo-3GW kunangobusika obudlule, kubukeka sengathi sibheke khona impela lapho ugesi uzofuneka kakhulu. 

Loku kuzoba yinselelo enkulu kosomabhizinisi. Uma ugesi ucinywa ngokwesigaba sesishiyagalombili, kuzosho ukuthi ugesi uzobe ungekho uhhafu wosuku. Loku kusho ukuthi amafemu asebenzisa ama-generator asebenza ngodizili azonyukelwa yizindleko, okuzodala izinselelo zezokuthutha nokugcina udizili.

Ukucima ugesi kuvele kunesandla esikhulu ekunyukeni kokwehla kwamandla emali futhi kuyazwela kakhulu kwinzuzo yezinkampani. Loku kudinga osomabhizinisi babeneqhinga abacuphe ngalo ezweni lonke.

Umphumela waloku wukuthi liyehla ithemba emabhizinisini. Akuyona indawo lena ezokwenza osomabhizinisi bafune ukutshala imali entsha. Loku kuzokwenzeka emnothweni ovele untenga, okuzophinde kuphazamise ukukhula kwawo.

Konke loku ngabe akuhluphi kangako ukube besibambelele eqhingeni elikhona lokuxazulula inkinga kagesi. Ikomidi elisungulelwe ukwenza loku iNational Electricity Crisis Committee (iNecom) lahlanganisa abanye babantu abangongoti bakagesi abaqhamuke neqhinga lokulungisa  le nkinga ngokushesha futhi babheke ingomuso.

Osomabhizinisi balesekile leli qhinga ngokuhlanganisa isikhwama esiwuR100 million, iResource Mobilisation Fund, ezohlinzeka ngezinsizakusebenza ezidingwa wuhulumeni ukuze aliqhube lolu hlelo. Abanye babantu abasixhasile kakhulu yiBusiness Leadership South Africa (iBLSA). 

Iqhinga leNecom ngogesi linezinto eselizivele lizizuzile okubalwa kuzona ukuchibiyela umthetho olawula ugesi i-Electricity Regulation Act, osize imboni ezimele ukuthi yandise ugesi eziphehlela wona.

Isiphumile ithenda yokuthi abantu baphakamise ukuthi bangawagcina kanjani amabhethri, kanti izovalwa ngoJulayi. Kepha manje ezinye izinto ezimqoka seziwumdonsiswano wepolitiki. Okokuqala i-Integrated Resource Plan (i-IRP) eyenzelwe ukubheka imboni kagesi yonke okufanele ngabe isibuyekeziwe njengoba yayigcine ukubhalwa ngo-2019 ayikabuyekezwa, yize kwakuthenjiswe ukuthi kuzokwenziwa ngoMashi. 

Kufanele ngabe sesihambe ibanga elide ngohlelo lokuhlukanisa i-Eskom kathathu ukuze kube nophiko lokuthutha, olokusabalalisa nokuphehla ugesi, okuzoba yizinkampani ezizimele. 

Kufanele ngabe isiphumile nethenda yokuphehla ugesi ngegesi. Bekuzobekezeleka kangcono ubuhlungu bokucima ugesi ngokwesigaba sesishiyagalombili ukube besinethemba lokuthi yiyona kuphela into embi ezokwenzeka njengoba sizama ukulungisa inkinga kagesi. 

Ngabe manje sesinawo umqingo omusha we-IRP olekelela izwe lonke ngokuthi yini okufanele ililindele ngogesi. 

Ngabe isicacile nendlela yokuthi zizosebenza kanjani izinkampani ezintathu uma i-Eskom isihlukaniswe, obekuzokwenza izinkampani zikahulumeni nezizimele zincintisane ukuze kube nogesi othembekile futhi obiza kahle. Kunaloko, leli qhinga lihlatshwa nhlangothi zonke, ngisho nangabantu okufanele ngabe bayaleseka kwezepolitiki.

Ngesonto elidlule uNgqongqoshe wokuMbiwa Phansi namaNdla uMnu uGwede Mantashe umemezele ukuthi ithenda yokuphehla ugesi wenuzi owu-2.5GW izokhishwa ekupheleni konyaka – yinto eyayingabaliwe lena. 

Nokho ushilo ungqongqoshe ukuthi ithenda yokuphehla ugesi ngegesi izokhishwa kule kota kanti i-IRP entsha izophuma ngekota yeseithathu. Leyo IRP kufanele itshengise ukuthi izindlela ezintsha zokuphehla ugesi ezingabizi yikona okufanele kusikhuthaze ukubheka ugesi wenuzi.

Njengoba zaziwa izindleko ezinkulu zenuzi kanjalo nezincane zikagesi ovuselelwayo, ongoti bayavumelana ngokuthi inuzi cishe izomba eqolo.

Nezinkulumo zikaNgqongqoshe oBheke uGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa zokulula isikhathi sokusebenza kweziteshi zamalahle, nazo ziyasiqhelisa kokuvunyelenwe ngakho. 

Abaxhasana ngemali kwamanye amazwe bakuqaphelile loku, nokubeka engcupheni uhlelo luka$8.5 billion lokusilekelela ukuthi sishintshe ukusebenzisa amalahle, kunalokho siphehle ugesi ovuselelwayo, i-Just Energy Transition

Lezi zinto zizozwela kakhulu uma ugesi usucinywa ngokwesigaba sesishiyagalombili. Kumqoka ukuthi uhulumeni useke iqhinga leNecom ukuze kwenziwe okuthenjiswe kulona ngesikhathi esibekiwe. 

Osomabhizinisi banomdlandla futhi bakulungele ukulweseka ukuqinisekisa ukuthi yonke into iyafezwa. 

Into okufanele isinike ithemba ngalesi sikhathi sobumnyama wukwazi ukuthi ikhona inqubekelaphambili. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page