Babheme bakholwa abalimi bensangu asebezovuna. INTATHELI YOMBELE iyabika
SEKUYA ngamagama enkehli ngamathuba amasha kwezolimo okwathiwa azovuleka kulo nyaka njengoba sekwaphasiswa ukutshala insangu.
Abanye babalimi asebeqalile ukuhlomula ngabaseBergville, KwaZulu-Natali, lapho betshala khona insangu ezosetshenziselwa ezempilo.
Lo mphakathi ongowokuqala eKZN ukuba nohlelo olusemthethweni lokutshala insangu oselusesigabeni sokuvuna, uthole izimvume ezintathu zokutshala umthunzi wezinkukhu ezenganyelwe amakhosi amathathu endawo.
Ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni ngoFebhuwari, uMengameli uCyril Ramaphosa wathi: “Ngonyaka odlule sizibophezele ekutholeni abatshalimali ukuze kuvuleke imboni yokutshala insangu. Siyaqhubeka nokwenza izindlela zokuyikhulisa imboni. UmNyango wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya nomNyango wezeMpilo bazobheka imibandela yokutshala insangu ukuze itshalwe futhi ivunwe kubalimi abavele beyitshala. Loku kuzovula amathuba okukhulisa umnotho ezindaweni zasemakhaya ezweni, ikakhulukazi eMpumalanga Kapa, KwaZulu-Natali naseMpumalanga.”
URamaphosa wengeza ngokuthi uhulumeni umatasa nokuphothula umthetho ozokwenza ukuthi umthunzi wezinkukhu usetshenziselwe ukwelapha, usebenze ekudleni, kwizimonyo nakweminye imikhiqizo yezimboni ngendlela ehlelekile.
UKhahlamba Insangu Project, isizovunwa, bese kuqala uhlelo lokutshala amahekthare awu-45 ngoSepthemba ozohlukaniswa bese inkosi ngayinye ithola amahekthare awu-15.
UMnuz Bongumusa Makhathini, obheke lolu hlelo, uthe uhlelo lokuzwa amanzi ngobhoko luhambe kahle. Bazoqala ukuvuna emasontweni amabili ezayo.
Uthe: “Sihlole izinhlobo eziyisikhombisa zomthunzi wezinkukhu sabona ukuthi ziyavuma. Izithombo zethu siqale sizitshale engadini ukuze zingafi.”
Uthe insangu abayitshala kulolu hlelo akuyona eyokubhenywa kodwa itshalelwa imikhiqizo yezempilo kuyo okukhona uwoyela, ukudla kwemfuyo nokwenza imithi yokuthiba izinhlungu.
Umphakathi waseBergville uthi ukuzimisela kwawo ngalolu hlelo kwenziwa wukuthi vele uziphilisa ngensangu, ngakho ukushintshela ekuyitshaleni ngokusemthethweni kuzokwenza ukuthi ukwazi ukondla imindeni, okuyinto eyayilwelwa amabutho alwa namaphoyisa ngo-1956 kubangwa ukuthi amaphoyisa ayewabophela ukutshala nokudayisa insangu, okwakungavumelekile ngaleso sikhathi.
Kule mpi kwagcina kuboshwe amabutho awu-22 agwetshwa isigwebo sentambo ngaleli cala, anqunywa ejele lasePitoli eselibizwa ngeKgosi Mapuru II, ngo-1957.
Inkosi yaseMangwaneni uMenzi Hlongwane ithe isifo esikhulu semindeni wukuthi kubuyiswe amathambo amabutho anqunywa.
Uthe: “Njengoba sesikulesi sigaba sesinethemba lokuthi kuzokwenzeka loko bese kufezeka isifiso sobabamkhulu sokuthi insangu yondle imindeni.”

