Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Ayanda ‘My Ngwenya’ Msweli, owethula uhlelo lomgwaqo kwiVuka Breakfast noBusuku Obuhle kuKhozi FM, umethuli kwi-Ayanda Msweli TV, inxusa lezokuphepha emgwaqweni, umsunguli we-Ayanda Msweli Foundation nomphathi wohlelo emicimbini.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngangingaphiwa imali. Esikoleni ngangiphatha isikhwebu sombila; nakhona kuyinhlanhla.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wayivula kuliphi?
We!, ngo-1993, ngayivula eTrust Bank eMnambithi.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngiqale ukuphatha imali ngifunda u-Standard 6 (u-Grade 8) ngidayisa amaluzi. Ngaphambi kwaloko, ngangiyazi imali. Into engiyikhumbulayo yijezi lami elibomvu eliwuV-neck. Leli jezi lami elibomvu ngangiligqoka ngisho kushisa. Zimbili izinto engangiligqokela zona. Okokuqala, ngangiligqokela ukufihla umzimba. Okwesibili, ngangiligqokela ukulinxanxatha ezihlakaleni uma sengilambile. Leliya jezi elibomvu laliyixosha indlala.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Ngaqala ukusebenza ngo-1993 ngiyisosha kwi-121 Battalion. Ngahola imali ebomvu, ngangiyibulala imali ngihola uR250 ngenyanga. Ukhumbule “Ngwenya” ukuthi emasosheni udla khona, ulala khona, awugibeli…
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngaqala ukuqongelela ukwakha indlu enginayo ekhaya ewu-four room. Nganginombono mina. Ngaqala kabi ukusebenza ngaqala “ukusebenza ngesonto” (ukusebenza usukhulelisile). Enye emalini yami ngahlawula ingane eyodwa kwezintathu ngoba ngase“ngisebenza ngesonto”.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngahamba ngaya kwaBoxer eMnambithi, ngafike ngakhithiza. Ngabuya noplastiki abamhlophe bakwaBoxer ngajabulisa uMama. Ekhaya kwathiwa “ifikile inkosana”. UMama ngamthengela amangqondo.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Iphutha engalenza wukuqala “ukusebenza ngesonto”, lapho uthi uqala ukusebenza sekufanele wondle izingane. Iphutha elikhulu wukungaphathi imali ngendlela efanele uthi uyibeka, uphinde uyincozule.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
UMa wasifundisa ukuthi ayikho imali ekwazi ukusebenza imali. Sisebancane “ibhanoyi” laphahlazeka nogogo wakwamekhelwane. UMa, uMaNgema, wasifundisa kahle, angikaze ngiwenze lowo mbhedo. Angidlalanga ngisho elaseMnambithi okuthiwa uSqumbe.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ngafunda kuMaNgema ukusebenza ngezikhathi ezithile zonyaka. NgoDisemba wayesebenza ethunga amajezi esikoleni azodayiswa uma kuvulwa izikole ngoJanuwari. Ekhaya kwakunezinkomo ezimbili sidayisa ubisi, sithole u-5 litre wombila obomvu. Kwakukhokhelwana kanjalo; kuwunikanika.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
I-metre (uR1 million) lincane kodwa likhulu. Ngingavele ngakhe indawo yabantu abadala ngasekhaya eMkhanyakude ngasemtholampilo. Kule ndawo ngingakha i-coffee shop abantu abadala baphuze itiye, baphuze amaphilisi. Umuntu omdala angashayeki phansi endleleni egodukayo engadlile ephuma emtholampilo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Anginaseluleko ngemali “Ngwenya”, ngineseluleko ngempilo. Ngingathi phosa ngenhla ukuze ufumane ngezansi. Ukubhenka okuhle wukubhenka (ukutshala) emphakathini. Uma usiza abanye abantu ngemali iyabuya.
