Abazibambe ziqine abamabhizinisi, iNingizimu Afrika iyabadinga, kuloba uBusi Mavuso

KUZOFANELE isukume inyakaze ikhabinethi entsha kaMengameli (uCyril Ramaphosa) uma kuwukuthi kukhona izinguquko ezoziletha. Ngiyajabula ukusho ukuthi emnyangweni kagesi, yinto eyenzekayo leyo.

Ngesonto elidlule ngibe nomhlangano omuhle noDkt uKgosientso Ramakgopa. Ihhovisi lakhe yilona elisithintile kanti abefisa ukusitshela kona wukuthi osomabhizinisi babalulekile ekuxazululeni inkinga kagesi. 

Uyaqonda ukuthi zonke izinhlaka kuzofanele zisebenzisane. Phambilini ngenkathi esahola uphiko lokutshala kwingqalasizinda eHhovisi lkaMengameli, ubebonisana kahle nosomabhizinisi. 

Indlela enza izinto ngayo wukuthola izisombululo ngokusebenzisana nabanye abantu. Inkinga kagesi ibhebhezelwe wukungasebenzisani kwazo zonke izinhlaka. Yize icacile imigomo nokufanele kwenziwe, izinguquko nezinqumo ezidinga ukwenziwa zibanjezelwa yimibango nokungaboni ngaso linye. 

Sizigwaze ngowethu ngokubambezela ukwakhiwa kwama-electrical plant nokuhlukanisa i-Eskom. Singamjabulela umuntu ongakwazi ukuhlanganisa izinhlaka zonke ukuze kulethwe izinguquko zize ziphelele. 

Ucacisile ungqongqoshe ukuthi asidingi amacebo amasha, kufanele sisebenzele phezu kwalawa akhona. 

Osomabhizinisi bazimisele. Sikutshengisile loku ngesonto elidlule ngenkathi kwethulwa iResource Mobilisation Fund (iRMF). I-Business Leadership South Africa (iBLSA) nayo ifake imali ebhekile kulesi sikhwama esinoR100 million esizokhokhela ochwepheshe ukweseka uhlaka lukagesi lukamengameli oluhlanganiswe yiNational Energy Crisis Committee (iNECOM). 

Seluvele luyasetshenziswa uhlaka kweNECOM njengoba ezinye zezinto esezenziwe wukuthi seluqalile uhlelo lokuthengwa kwamabhethri nokususa isidingo sokuthi kufanele abaphehli bakagesi abazimele babe nelayisensi. 

I-RMF iyona ezothenga izinsizakusebenza ezidingekayo ukuze kuqhutshwe umsebenzi weNECOM. Ungqongqoshe kagesi angaluqinisa lolu hlelo nokuqhubeka kwalo. Kucacile ukuthi yilowo umsebenzi anikwe wona futhi ukuba khona komholi wepolitiki oqondene naloku kungasiza ukuthi izinto zenzeke kahle. 

Ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana naye ukuze lokhu kufezeke. Sonke siyazi ukuthi kuphuthuma kangakanani lokhu. Izibalo zomnotho zekota yesine zisithusile futhi zisimangazile. Umnotho wehle ngo-1.3%, okusho ukuthi usulingana nowawuyikona ngo-2019, nakuba isibalo sabantu ezweni sikhule ngo-3.5%. 

Kufanele ngabe sisabona umnotho uvuseleleka futhi ukhula emva kokuhlasela kweCOVID-19 nokuvalwa kwezwe njengoba kwenzeka kwamanye amazwe emhlabeni, kodwa ukucinywa kukagesi kuwulimazile umnotho. 

Enye yezinkampani ezibuyekeza iminotho i-S&P Global ayipholisanga maseko emva kokuthi kuvele ukuthi umnotho wehlile njengoba ishintshe indlela eklelise iNingizimu Afrika ngayo, yayehlisa. 

Nakuba sisabekwe endaweni engeyinhle, phecelezi i-junk category, kodwa kukhona okuhle le nkampani ekubonayo ngenxa yomsebenzi osuwenziwe ukuphungula isikweletu sikahulumeni. Kepha lowo msebenzi usugqitshwa okwenzakalayo emnothweni okwenza le nkampani ibone ingozi njengoba izwe lihlulekile ukusebenzisa ukunyuka kwamanani okumbiwa phansi ngenxa yokushoda kukagesi. 

Icacile into abayishoyo, uma singayilungisi inkinga kagesi, nabanye bazoyehlisa indlela abasiklelise ngayo. Yiloku ungqongqoshe nabo bonke abayingxenye yeNECOM abathi besebenza bebebekwazi. Angingabazi ukuthi wuhlelo oluhle, lunazo zonke izisombululo ezifanele nezingasisiza siyizwe siqede ukucinywa kukagesi ngokushesha. 

Kuzothatha iminyaka ngaphambi kokuthi siyiqede nya le nkinga kodwa lolu hlaka lunezisombululo esingazisebenzisa manje nezinye ezizothatha isikhathi. Kuyaphuthunywa futhi ngikubonile lokhu ngesonto elidlule ngenkathi ngixoxa nongqongqoshe nangesikhathi kwethulwa iRMF. 

I-BLSA izoqhubeka nokweseka le nqubekela phambili futhi iyathemba ukuthi ikhabhinethi entsha izofaka umfutho obalulekile kulezi zinguquko eziqhubekayo. 

I-BLSA ithemba ukuthi umengamali uzosilandelela isethembiso sakhe sokunciphisa iminyango namabhizinisi kahulumeni uma sekuvela ithuba kahle. 

Osomabhizinisi baziqonda kahle izinkinga ezibhekene neNingizimu Afrika kodwa okufanele sigxile kukho wukweseka imizamo ekhona yokusiza izwe lingawi. 

Izindaba ezinhle wukuthi kukhona esisengakwenza; kunezindawo eNingizimu Afrika okulula ukuthi zithuthuke. Osomabhizinisi bayaweseka umsebenzi nge-Operation Vulindlela ethinta ugesi, amanzi, ezokuxhumana ngezingcingo, ezokuthutha nezokuvakasha. 

Akusona isikhathi sokuthi osomabhizinisi babalekele umsebenzi wabo. Ikusasa leNingizimu Afrika lincike kubona.

  • UNksz uMavuso isikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page