Osomabhizinisi abancane badinga usizo kuhulumeni, kuloba uNtokozo Biyela

KULE ngosi ngithanda sibheke umonakalo odalwe wukucinywa kukagesi okusihluphayo eNingizimu Afrika. Ngiyazi sesikhulume kakhulu ngakho. 

Ngesonto elidlule ngivakashele osomabhizinisi abancane abamnyama 

kuFlorida Road eThekwini, ngiyozizwela mathupha ukuthi ngabe ukucishwa  kukagesi kubaphethe kanjani emabhizinisini abo njengoba isimo sesingasabekezeleleki nje. 

Ngiqale eFresh Food Daily, ibhizinisi eliphethwe wuNksz uThuladu Mngadi nendodakazi yakhe eneminyaka ewu-21 ubudala. Leli yibhizinisi elihlukene kabili. Kwenye ingxenye yebhizinisi baphethe indawo yokudlela lapho uthola khona isidlo sasekuseni, emini nantambama, kuthi ingxenye yesibili benza ukudla kwemicimbi emikhulu.

Sifike ngenkathi kusacinywe khona ugesi. Sizibonele ngawethu amehlo ukuthi inkinga kagesi yenza monakalo muni ebhizinisi lakhe lakhe. 

Bekungekho muntu okhona ukuzodla ngoba abantu abadla ngaphandle abathandi ukuya endaweni yokudla lapho kunenkinga kagesi ngoba loko kwenza ukuthi balinde ama-oda abo, into engathandwa muntu.

Ezikhulumela uthe impela sekuyezwela ngoba abasakwazi ukusiza amakhasimende abo ngendlela efanele. Noma ugesi kade uhambile kodwa yena njengomphathi webhizinisi kuyaphoqa ukuthi aholele izisebenzi ngoba zisuke zikhona emsebenzini. 

Ubalule ukuthi seziningi izikhawu lapho bonakalelwa wukudla okuhlala emafrijini ngenxa yokuhamba kukagesi isikhathi eside. Loku kusho khona ukuthi imali obekufanele ingene iyashabalala.

Sisuke lapho savakashela enye indawo okudlelwa kuyona iMadam and Sir. Leli yibhizinisi labashadikazi uMnu uMholi Mthembu noNkk uNqobile Mthembu.

NoMthembu ukubeke kwacaca ukuthi ukucishwa kukagesi sekubafake kwezinkulu izindleko lezi ngoba baphoqeleka ukuthi bashintshe isitofu abazisebenzisayo basebenzise ezohlobo lwegesi, kwaphinde kwaphoqa ukuthi bathenge izibani zikagesi ezisebenza ngelanga ukuze kuthi uma ugesi usahambile abantu abazokudla bangaphazamiseki. 

Loku kulimaze inzuzo ebhizinisini kodwa-ke uthi abazisoli ngokuthi bafake imali ekuthengeni lezi zinsiza ezizokwenza isiqiniseko ukuthi ibhizinisi labo aliphazamiseki neze.

Sisuke lapho salibangisa eStarbucks, indawo eseqophelweni eliphezulu kakhulu edayisa ikhofi nezidlwana nje ezincane, lapho abantu beza khona ngobuningi babo ukuzosebenzela khona ngoba indawo yakhona inane-wifi yamahhala. Abantu bathi behleli besebenza bebe bethenga bephuza ikhofi. 

Yindawo lena ephethwe insizwa esimnkantshubomvu ekuphatheni izindawo zokudlela, uMnu uSiyanda Nondwayi.

Sithe uma sikhuluma noNondwayi wathi ukucishwa kukagesi kubalimaze kakhulu unyaka wonke ngo-2022 ngoba bewuthi uma uhamba ugesi bangakwazi ukwenza izinhlobonhlobo zekhofi abadume ngazo, indlu ibivele ihlanze kwazise nabantu abasuke bekhona basuke besebenzisa i-wifi yamahhala. 

Ngakho uma bengakwazi ukusebenza ngoba abasenayo i-wifi nokuthi abasakwazi ukuthenga ikhofi abalithandayo, abasiboni isidingo sokuthi bahlale. Loko kusho ukuthi balahlekelwa imali yebhizinisi.

Uthe abaphathi bebhizinisi bathathe isinqumo sokuthi bathenge i-generator ukuze ibhizinisi likwazi ukuqhubeka linikeze abantu ikhofi futhi likwazi ukungenisa imali. Selokhu uqalile lonyaka, indaba yokuphazanyiswa ukucishwa kukagesi bakuzwa ngendaba. 

Awamaningi-ke amabhizinisi afana neStarbucks, izikhondlakhondla, ezikwazi ukufaka isandla ephaketheni zithenge ama-generator ukuze zingaphazamiseki.

Amanye aseshabalele ngoba awanawo lawo mandla futhi ukuhamba kukagesi yikona okuwabulalile. 

Asethembe-ke ukuthi loku uhulumeni akuthembisayo uzokwenza, asize osomabhizinisi abamnyama.

  • UBiyela wumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page