UNksz u-Antoinette Molopo weKago Yama Farms yaseSekhukhune, eLimpopo

Izithombe: Zithunyelwe

Owakhula ezifela ngezilwane futhi ewu‘Ntombikayise’ unephupho lokuhlanganisa abalimi abancane e-Afrika jikelele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAGCINI ngokuba wumlimi obheke elakhe ipulazi kuphela kodwa uphinde agxile nasekugqamiseni umsebenzi wabanye abalimi abancane kuwo wonke amazwe ase-Afrika.

UNksz u-Antoinette Molopo weKago Yama Farms unepulazi elikhiqiza ispinashi, iklabishi, u-green pepper, utamatisi nombila eSekhukhune, eLimpopo. 

Uthi wukusondelana noyise nokuthanda izilwane okumenze wathanda ezolimo. “Ngangizwana kakhulu nobaba wami (ongasekho), wayefuyile, ngakho ngangimsiza ukunakekela izilwane, ukuzipha imithi nokunye.

“Izilwane ngiyazithanda kangangokuthi ngake ngacabanga ukuthi ngizoba wudokotela wazo kodwa ngoba ngiyayisaba inkukhu angizange ngilandele lowo msebenzi. Inkukhu yake yangihlukumeza. Uyabona uma isikhukhukazi sivikela amatshwele aso, kusho ukuthi mina ngasondela ngaleso sikhathi, ngayithola inolaka.”

UNksz uMolopo enakekela izitshalo ngokufutha ukubulala izinambuzane

Waphothula uMatikuletsheni ngo-2019 wathi ukuphumula kancane esikoleni ngo-2020 njengoba wayenentshisekelo yokuzisebenza.

Kuthe ngo-2021 wabhalisa e-AFDA lapho manje enza khona unyaka wesithathu ezifundweni i-BCom in Business Innovation and Entrepreneurship.

“Ngaqala ngithi ngizokwenza i-cinematography kodwa uma ngibona lezi zifundo ngase ngikhetha zona. Yisona sinqumo esihle kunazo zonke esengike ngazenza ngoba indlela ezihlanganiswe ngayo lezi ziqu abantu abazenzayo bafunda bekhululekile futhi uqala uphathe ibhizinisi lakho ngonyaka wokuqala.

“Esinye isizathu ngangingafuni ukuya esikoleni wukuthi abantu abafana nami abathanda ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba namabhizinisi abantu ababaqondi kahle. Into ezokwenza lo mnotho ube ngcono wukuqhamuka nezinto ezintsha.”

Ipulazi likaNksz uMolopo liwu-1.1 hekthare kanti uqashe abantu abayisikhombisa, abathathu abasebenza ngokugcwele.

Umkhiqizo waseKago Yama Farms usulungele ukudayiswa

“Ngiye ngithi kwabanye abalimi ukhumbule uma ubheka mina ukuthi mina ngaqala kalula ngoba kukhona izinto ezase zivele zikhona ekhaya uma ngiqala. Umhlaba wawuvele ukhona, amanzi nawo akhona njengoba kunepitsi, ngakho angidinganga ukuthi ngiboleke imali ukuze ngibe nalezi zinto.

“Izindleko zami kwakuwumanyolo, ukukhokhela abantu nophethroli. Ukuba wumlimi kuyabiza kanti kuthatha isikhathi ngaphambi kokuthi ubone into oyenzayo. Uma nje uzotshala ukotapheya, kuphela iminyaka emithathu kuya kweyisihlanu; ngaleso sikhathi kufanele ukhokhele abantu futhi uchelele. Bekezela futhi ungacabangi ukuthi kukhona okonayo, umhlaba namanzi kuyabiza,” kweluleka yena.

UNksz uMolopo uthi isifiso sakhe wukukhuthaza intsha nokuyisiza iphume ebubheni futhi iyeke ukuswela imisebenzi.

Instagram: @young_farmers_africa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page