Yithuba elikhulu eliqhamuka neWorld Economic Forum, ngakho singadlali ngalo, kuloba uBusi Mavuso

UMHLANGANO iWorld Economic Forum (iWEF) kuleli sonto uzohlanganisa inqwaba yosomabhizinisi nabaholi bepolitiki abazodayisa iNingizimu Afrika kubatshalimali abaqhamuka emazweni ahlukene.
Nakuba kule ngosi nakwezinye ngigxila kwizinselelo esibhekene nazo siyizwe, umhlangano ofana nalona uyithuba lokubuka izinto ngeso lamazwe omhlaba.
Izingxoxo zenzeka emhlabeni onenxushunxushu. Udlame eBrazil nasePeru, impi e-Ukraine, ukuphela komgomo ovale izwe eChina ngenxa yeCOVID-19, ukuqonga kwamanani ezimpahla okwehlisa izinga lemali nokuwa komnotho womhlaba okufufusayo yizona zinto abaholi bepolitiki nebhizinisi abazogxila kuzo.
Kubalulekile ukuthi ithimba laseNingizimu Afrika lethule imiyalezo efanele ngezwe. I-WEF yenzeka emva kwezinyanga ezimbili kade kunomhlangano iCOP27 eSharm el Sheikh, eGibhithe, lapho iNingizimu Afrika yethule khona uhlelo olusho ukuthi izowutshala kanjani u-$8.5 billion (cishe uR10.5bn) ohlinzekelwe ukuthi kugcine sekusetshenziswa kakhulu ugesi ovuselelwayo iJust Energy Transition Partnership oqhamuka emazweni athuthukile aseka lolu hlelo.
INingizimu Afrika kufanele iqinisekise ukuthi izingxoxo kwiWEF zigcizelela loku futhi lolu hlelo lokushintsha ukusebenzisa ugesi ongcolisa imvelo luyashintshwa kodwa kube kuqinisekiswa ukuthi ukhona ugesi owanele futhi intuthuko ayiphazamiseki, luxhaswa yiwo wonke umuntu, osomabhizinisi nosopolitiki.
Kubalulekile ukugcizelela ukuthi iNingizimu Afrika yindawo ephephile yokutshala imali. Izithunywa zizobe zikhumbula ukuthi kunengozi enkulu yokuthi iNingizimu Afrika ifakwe ohlwini i-grey list ngenyanga ezayo yi-Financial Action Task Force, okusho ukuthi asinamithetho eqine ngokwanele ukulwa nokushushumbisa imali namaphekula.
Mkhulu umsebenzi osuwenziwe kusukela kwaqedwa ukugwamanda amandla ombuso kwavuselelwa izinhlaka ezilwa nobugebengu. Kunabantu abangaphezu kuka-24 ababeziyikhulu zepolitiki namabhizinisi kahulumeni abashushiswayo.
NgoDisemba uPhiko lokuShushisa eZweni lonke luwine isicelo sokuthi kubuyiswe owayeyisikhulu e-Eskom e-UK ukuze ezobhekana namacala.
AbakwaGupta nabo kubhekwe ukuthi babuyiswe e-United Arab Emirates kanti izimpahla zabo ezidliwe eNingizimu Afrika ziyadayiswa.
Nakuba kusenenqwaba yezinselelo zomthetho esibhekene nazo njengoba banda ubugebengu obuhleliwe nokugwazisa, kufanele siwucacisele umhlaba ukuthi umsebenzi wokuvuselela izinhlaka zikahulumeni uyasebenza.
Akufanele sikhohlwe ukuthi wukusebenza kwezinhlaka zethu, ikakhulukazi izinkantolo, abezindaba nebhange lombuso elizimele elisizile ukuqeda ukugwamanda amandla ombuso.
Nomnotho ukhombisile ukuthi uyakwazi ukumelana nobunzima. Kubonakala sengathi umnotho uzokhula ngokungaphezu kuka-2% obulinganisiwe ngonyaka odlule.
Nakuba ukuvuselela umnotho kuphuthuma, izinto ezingasisiza zisobala – ezokumbiwa phansi zethu zizoba yinyama njengoba umhlaba ushintshela ezimotweni ezihamba ngogesi. Imboni yethu yama-call centre ikhula ngamawala njengoba kunenqwaba yezinkampani zakwamanye amazwe ezivula amahhovisi lapha.
Imboni yethu yezimali isezingeni lomhlaba, inamakhono nengqalasizinda okumelana nokungena kwemali enkulu evela kwamanye amazwe. Lawa ngamanye amathuba okukhula akhona, uma nje singakwazi ukuqeda ukubambezeleka kwenqubomgomo.
Kungikhumbuza into enhle nehlukile ngezwe lethu: ukukwazi kwethu ukusebenzisana ukuxazulula izinkinga. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) izibophezele ekuxoxisaneni nabo bonke abantu, ikakhulukazi uhulumeni ukuthola izindlela zokuthola izinsizakusebenza ukuze umnotho ukhule.
Njengoba ngasho engosini yami yokugcina ngo-2022, kuningi esikuzuzile ngokubambisana. Sizoyiphindaphinda imizamo yethu kulo nyaka.
Angikungabazi ukuzimisela kwesisebenzisana nabo kuhulumeni nangezinhlelo ezifana ne-Operation Vulindlela, kuningi esikuzuzayo.
Sinohlelo olunezinto eziningi kulo nyaka ukubhekana nezinselelo zethu eziphuthumayo, oluseqhulwini kuzona wukuba nogesi owanele.
Ngilifisela okuhle kodwa ithimba laseNingizimu Afrika eSwitzerland. Kuningi okungazuzwa iNingizimu Afrika. Sikujahe kabi ukubambisana nomhlaba ukuze sifeze loku. Kufanele sitshengise ukubambisana, sivume izinselelo zethu kodwa futhi sikukhumbule esikuzuzile.
Baningi abafisa ukuthi iNingizimu Afrika iphumelele. I-ANC idinga ukukhombisa ukuzimisela ngokuqoka abantu abafanele nabazi umsebenzi njengokusho kwenkulumo eyethule ngoJanuwari 8 ngenkathi igubha iminyaka ewu-111 yasungulwa futhi kuthatha nobuholi obusha.
INingizimu Afrika idinga ukulungisa izindawo ezimbili ezimqoka emnothweni: ugesi nezokuthutha. Lezi yizimboni ezixakwe wubugebengu nenkohlakalo ejule ngendlela yokuthi ukucinywa kukagesi sekwenzeka zonke izinsuku kanti iTransnet iyatabalasa ngomsebenzi nemali.
Inhlangano ephethe ithembisa ukuthi izimisele ukusukumela izidingo zabantu kodwa kunzima ukuba nethemba uma sibheka irekhodi likahulumeni. Ngonyaka ozayo abantu bazonquma ukuthi le nhlangano ikufezile yini ekuthembisile.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
