UNksz u-Olwethu Tuta, umsunguli weMasitha Projects yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Isithombe: Sithunyelwe

Oneminyaka eyibambile ekuzisebenzeni usevuna izithelo zokubekezela. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UQALE ukuzisebenza esaqashiwe ethi uyazizamela ukubona ukuthi yini engahlanganiseka. Ngokuhamba kwesikhathi wagcina esephazamiseka emsebenzini ayeqashwe kuwo ngokugcwele ngoba isikhathi esiningi wayesenaka okwenkampani yakhe.

Namhlanje uNksz u-Olwethu Tuta uneminyaka ewu-11 asungula iMasitha Projects esebenzela KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa. 

UNksz uTuta waqala le nkampani edayisa imikhiqizo yokuhlanza amabhilidi, wabuye wangena embonini yokwakha. Ngokuhamba kwesikhathi ukhethe ukugxila ekuhleleni imicimbi nokupheka. Usebenza kakhulu neminyango wezeMpilo, owezokuThutha, owemiSebenzi yoMphakathi namabhizinisi kahulumeni afana neTransnet.

Uthi: “Bekwehla kwenyuka, kube nzima ngale ndlela yokuthi bengize ngikhumbule ukuthi nginesicucu mhlawumbe kufanele ngisisebenzise ngifune umsebenzi. Indlela okungelula ngayo, uma ngingashada ngingathanda umyeni wami yena abe nomsebenzi ngoba kuke kucwebe umsebenzi kodwa izindleko zenyanga zisuke zisekhona.

“Ngo-2012 ngesikhathi ngigxile kwezokwakha ngangiyibona into engiyenzayo kodwa emva kwaloko ngawa, kuze kwaphinde kwangcono ngo-2022.”

UNksz uTuta udabuka eMthatha, eMpumalanga Kapa. Wake wabhalisela iziqu i-Small Business Management eDurban University of Technology kodwa wazishiya phakathi wathuthela eKapa, eNtshonalanga Kapa.

Ufike khona wabamba amatoho ngaphambi kokuthola umsebenzi enkampanini yobuchwepheshe, nokwamsiza wafeza iphupho lakhe lokuba neziqu kulo mkhakha njengoba wagcina ephothule iziqu ze-Financial Systems Software eCape Peninsula Technology.

IMasitha Projects yengeze uphiko olusha ngo-2020 i-Ollythebarlady ehlinzeka ngezindawo zokucima ukoma ezingomahambanendlwana emcimbini. 

UNksz uTuta uthi lolu phiko walwethula ngenxa yokwanda kwezicelo zamakhasimende akhe ayesuke efuna awahlobisele esebenzisa imihlobiso ehambisana neziphuzo ezidumile njengeVeuve neHendrick’s Gin.

“Ngabe sengibona ukuthi angenze eyami into ezoba negama lami futhi engizoyilawula ngoba lezi zinkampani kwakuthi uma kuthiwe izwe seliphinde lavalwa, zivele zivale nazo ngisho ngabe sekuthiwa isibalo sabantu emicimbini sincishisiwe. Kwasho nokuthi kade ngangilifisa ibhizinisi elithi alibe yisitolo lapho amakhasimende kuyiwona ezoza kuwena. Yebo, ngiyalikhangisa ku-Instagram kodwa angihambi ngingqongqoza ngifuna abantu, bayazizela bona. Angikaze ngicabange ukuthi ngingaba nendawo yokucima ukoma ewumahambanendlwana.

“U-Olly ufike waduma. Ngiye ngithi kubangani bami ufana nomzala lo osuke eqhamuka edolobheni ogcoba iDawn othi uma evakashile emakhaya kuthi noma ebizwa kuthiwe ‘Uphi usisi?’ Kodwa uMasitha yilo othunywa amanzi, insika ngoba ngomsebenzi owodwa iyangena imali esithwala izinyanga eziyisithupha,” kusho yena.

 

UNksz uTuta uqashe abantu ababili abasebenza ngokugcwele, omunye useMt Ayliff, eMpumalanga Kapa, kuthi omunye useThekwini, KwaZulu-Natali. Kukhona nabawu-10 abayitoho.

Uthi enye yezinto ebiyenza atabalase yonke le minyaka wukuthi ubecwile ezikweletini kodwa kusukela ngonyaka odlule uqashe umuntu omlekelelayo ukulawula imali engenayo enkampanini nendlela ayisebenzisa ngayo.

“Bengiyithola imisebenzi kodwa ngiboleke imali yokuyenza, nobekusho ukuthi uma sengikhokhelwa kufanele ngikhokhele abantu ngiphinde ngisale ngingenamali. Manje angisenazikweletu futhi imali ngiyayibeka. Kune-iPhone nje ebengiyifuna ngithi ngizoyithenga ngenkontileka kodwa wathi umphathi wezimali lutho, kuzofanele ngiyibekele imali ukuze ngiyithenge ngokheshi. Umsebenzi nje engiwuthole ngeWorld Aids Day ngiwenze ngemali yami, angibolekanga.

“Ziningi izinto ezenzekile ngo-2022. Uhambo lungaba lude kodwa abantu basuke bebuka. Ngithole ithuba lokwenza umcimbi wokuvala (iWorld) Maritime. Ukuthenjwa ezinye izinhlanga ngingowesifazane omnyama yinto enkulu ngoba siyazi ukuthi bathanda ukusebenza bodwa,” kusho yena.

Ukhuthaza abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bathole into abayithandayo ukuze bezokwazi ukubekezelela ubunzima bakhona, bazikhandle futhi benze umsebenzi osezingeni eliphezulu bese bangajahi imali.

 

Instagram: @ollythebarlady

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page