UNksz uSibongile Labase, umsunguli we-Imibala Optometrists yaseMabalane, eMpumalanga

Izithombe: Zithunyelwe

Waqala esaqashiwe ukongela ukuvula ibhizinisi lakhe. Namuhla uziqhayisa ngokuthwalwa wumphakathi asebenza phakathi kwawo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NAKUBA afunda ukwelapha amehlo abantu ngenkathi efundela i-optometry kodwa kodwa udokotela osewusomabhizinisi akazange afunde ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.

Nakuba uNksz uSibongile Labase akhula wathola amava adingekayo ngenkathi esebenza kwenye inkampani akafundanga ngebhizinisi. Yingakho kwafanele aqale phansi azifundele ngenkathi esungula ibhizinisi lakhe.

UNks uLabase utshele iVutivi Business News nokho akazange asindeke ngenxa yalezi zizathu kepha wathatha isinqumo sokuthi enze into entsha ukuze aphumelele. Ngemva kokuba yi-optometrist iminyaka emihlanu, wasungula ibhizinisi lakhe i-Imibala Optometrists ngo-2021. Leli bhizinisi likaNksz uLabase, odabuka eFree State, liseMabalane, eMpumalanga.

Uthi yisifiso sakhe esidala ukusebenza emkhakheni wezempilo kanti wayefisa ukuba wudokotela wezingane. Nokho ngenkathi esesikoleni samabanga aphezulu waba nenkinga yamehlo okwenza ukuthi athande umkhakha wokwelapha amehlo. Uthi waqala esaqashiwe ukubeka imali ukuze agcine esungule ibhizinisi lakhe.

Nokho uthi wayengazilindele izinselelo abhekane nazo ebhizinisini ngosuku lokuqala. Enye yezinto ezazimba eqolo ngenkathi evula ibhizinisi yimishini yokusebenza. “Ngasebenzisa uR80 000 wonke ukuthenga imishini yokusebenza, ngasebenzisa imali eningi ngilungisa indawo yokusebenza. Kwaba sengathi ngangingakakulungele ukuba sebhizinisini,” kukhumbula yena.

Nokho uNksz uLabase uthi ukuthwalwa wumphakathi asebenza kuwona kwamthwala, waphumelela ngesikhathi esincane. Usesimame wakwazi ukuqasha izisebenzi ezimbili ngokugcwele nesisodwa esiyitoho. Uthi: “Umphakathi ungixhase kakhulu zisuka amadaka.”

Ukubiza kwemishini akuyona inselelo kuphela abhekane nayo ngenkathi esaphemba. Uthi: “Kwakunzima ukuqala into entsha nokuvula amagumbi ami kude nasekhaya (eFree State). Inkampani engangiyisebenzela yanginqinda ukuthi ngivule amagumbi okusebenza eduze kwayo. Ngenxa yokuthi yayinamagatsha amaningi endaweni, ngabona ukuthi kuhle ngithuthe ngiyoqala endaweni entsha.”

UNksz uLabase uthi akazisoli ngokuthutha njengoba esenobudlelwano obuhle nomphakathi. “Ngenkathi sigubha unyaka sikhona, sathenga izicathulo eziwu-50 sithengela izingane zendawo. Yindlela esikhombisa ngayo ukubonga umphakathi okade waseseka.”

Zithini izinhlelo zikaNksz Labase zangomuso? Uthi angafisa ukuvula amanye amagumbi nokuqhubeka nevangeli alishumayelayo – ukuthi abantu banakekele amehlo abo ngokudla ngendlela efanele futhi bavame ukuphumuza amehlo uma besebenzisa izinto zobuchwepheshe. “Kuhle ukuthatha ikhefu lemizuzu eyishumi njalo ngehora uma usebenzisa izinto zobuchwepheshe ukuze uphumuze amehlo akho,” kweluleka yena.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page